Abazali mabaqaphele ubungozi bokugibelisa ingane ihamba yodwa etekisini
UKUVALWA kwezikole kungikhumbuze ngomyalezo obalulekile, engikholwa wukuthi kawusoze waphuma esitayeleni.
Lokhu ngikukhunjuzwe nguzakwethu ongusoNhlalakahle uma ethumela ingane ukuyovakashela amaholide. Ubikile emsebenzini ukuthi uzoqala ayogibeza umntwana.
Kuthe efika nje, wamshayela ucingo ukubheka ukuthi kusahamba kahle, waphinda washayela umshayeli wekhumbi ucingo ukumkhumbuza ukuthi umntwana wehla kuphi.
Emuva kwesikhashana washayela udadewabo ozohlangabeza umntwana, ukuthi uyamcela ukuthi athi ehla etekisini, abe eselindiwe. Uqede lapho waxolisa ngokubukeka sengathi unehaba, kodwa wase engilandisa ngezigameko zokunukubezwa kwabantwana behambe beyovakasha.
Uveze ukuthi baningi abantwana okutholakala ngesikade ukuthi umshayeli wathi uma ebona ukuthi intombazanyana kayigadwe muntu, ehlise bonke abantu, athi uzogcina ngayo, kanti useyoyinukubeza.
Uthe abantwana abaningi bagcina bengakwazanga ukubika ngenxa yokuthi asemaningi amakhaya angakavuleleki kubantwana ngokukhuluma ngemizimba yabo nangoncansi.
Uthe abazali abaningi basenokucabanga ukuthi uma bevuleleka kubantwana, lokho kuyabakhohlakalisa, kanti cha, yilapho besuke bezovuleleka khona, izitho zabo zangasese zingabi yimfihlo noma sebelimele.
Le ndaba kazakwethu ingikhumbuze udaba engalufunda ezinkundleni zokuxhumana, lapho intombazanyana yatholakala ingakwazi nokusho igama layo nokuthi iphuma kuphi futhi iya kuphi.
Le ntombazane yayitholakale erenki yamatekisi thizeni, kusolakala ukuthi umshayeli wayinukubeza izinsuku ezintathu, nalapho indlela eyayingazazi ngayo, kusolakala ukuthi wayeyijova ngezidakamizwa.
Emuva kwezinsukwana khona ezinkundleni zokuxhumana, babika ukuthi sekutholakele ukuthi ngeyakhuphi ingane, futhi abomndeni sebetholene nayo.
Udaba kangilulandelanga ukuthi lwafinyelelaphi. Kumanje ngicabanga ukuthi hleze kwakungagwemeka lokhu okwamvelela umntwana, ukube abazali noma abaqaphi bakhe, babenolwazi ngobungozi bokuhambisa umntwana eyedwa, eya endaweni ekude.
Yebo ziningi izikhathi lapho abazali bephoqeleka khona ukugibeza abantwana bebodwa, kodwa ukulandelela nokuqinisekisa ukuthi abantwana bayafika lapho beya khona kubalulekile.
Njengoba kuvalwe izikole nje, abantwana baba sengcupheni enkulu njengoba abazali abaningi beqhubeka besebenza, ekubeni abantwana bevalile ezikoleni. Ngicabange indaba yokuvakasha ezihlotsheni, ukuthi kayiphephile kangakanani.
Kwenye yezingxoxo zokwazi kangcono osaziwayo, uCriselda Dudumashe waveza ukuthi usadlula kobuningi ubuhlungu empilweni yakhe, waveza ukuthi wacathanyelwa yisihlobo ekade evakashile, waze waqoma ukuhamba ngezinyawo eyobheka unina lapho ayecabanga ukuthi uhlala khona.
Uthi waduka engakutholi kubo ngoba wayengakaze ahambe yedwa, futhi wahamba emgaphethe namali yokugibela, nakheli lalapho ayeya khona. Uthi waze wagcina esehlala emgwaqweni. Yilapho aqala khona ukubhekana nobunzima obamholela ekutheni agcine eyisishoshovu sokuvikelwa kwamalungelo abantwana nabesifazane.
Lesi silomo esesisakaze emisakazweni eminingi, singenze ngabona ukuthi lusalude ukhalo ekuvikeleni amalungelo abantwana, nasekuxwayiseni ngokunukubezeka kwabantwana.
Ngokocwaningo olwenziwe yinhlangano i-Saferspaces ngo2016, eNingizimu Afrika, kuyatholakala ukuthi u-42% wabantwana uke wahlukunyezwa ngokocansi, ukushaywa nanokuhlukunyezwa ngokomoya nokunganakekelwa nokunganakwa.
Abantwana abawu 80.2% kuvela ukuthi bahlukunyezwa izihlobo zabo, abasuke behlala nazo.
Lolu cwaningo luveza ukuthi kusakhona okukhulu ukushayisana kwemithetho uma kuvele isehlo sokunukubezwa kwabantwana.
Lokhu kwenzeka ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya. Abomndeni bavame ukuvumelana ngokuthi into ezoba yisinxephezelo emndenini ukuthi, lowo owonile, akhiphe inhlawulo eyisilwane sokushweleza.
Emuva kwalokhu umndeni uphethe ngokuthi leli hlazo akumele livele ngaphandle. Laphoke umntwana akakutholi ukwelulekwa ngokomqondo.
Ngikhulume nosoNhlalakahle uNontobeko Mthethwa, wakuveza ukuthi kuyingozi ukucabanga ukuthi ukunukubezwa kwabantwana kugcina ngokuba yihlazo emndenini, kodwa uyalimala ngokomqondo.
Uthe: "Umthetho omele amalungelo abantwana, phecezi iChildrens Act, ugcizelela ukuvulwa kwecala uma uDokotela esegunyazile incwadi enikeza isiqiniseko sokuthi ngempela umntwana unukubeziwe."
Uthe kubalulekile ukuthi abazali nemindeni balandele imigomo yemithetho evikela abantwana ukuze baqinisekise ubulungiswa ngekusasa labantwana.
UZonke Shazi-Hlongwane une Bachelor's Degree kwi Child and Youth Care. Ungumsunguli wenkampani Ikusasa Ngelami eleluleka abantwana nokuziphatha, liphinde lifundise abazali ngokukhuliswa kwabantwana kulesi sikhathi samanje. Utholakala ku facebook othi-Ikusasa Ngelami. Amahhovisi abo ase. 9th floor, 320 Building eThekwini. Inkampani yakhe inoSonhlakahle obhekele ukwelulekwa ngokomqondo kwabantwana abahlukumezekile nabanenkinga yezidakamizwa.