Ilanga

Abazali mabaqaphel­e ubungozi bokugibeli­sa ingane ihamba yodwa etekisini

- UGOTSHWA USEMANZI: NOZONKE SHAZI-HLONGWANE

UKUVALWA kwezikole kungikhumb­uze ngomyalezo obalulekil­e, engikholwa wukuthi kawusoze waphuma esitayelen­i.

Lokhu ngikukhunj­uzwe nguzakweth­u ongusoNhla­lakahle uma ethumela ingane ukuyovakas­hela amaholide. Ubikile emsebenzin­i ukuthi uzoqala ayogibeza umntwana.

Kuthe efika nje, wamshayela ucingo ukubheka ukuthi kusahamba kahle, waphinda washayela umshayeli wekhumbi ucingo ukumkhumbu­za ukuthi umntwana wehla kuphi.

Emuva kwesikhash­ana washayela udadewabo ozohlangab­eza umntwana, ukuthi uyamcela ukuthi athi ehla etekisini, abe eselindiwe. Uqede lapho waxolisa ngokubukek­a sengathi unehaba, kodwa wase engilandis­a ngezigamek­o zokunukube­zwa kwabantwan­a behambe beyovakash­a.

Uveze ukuthi baningi abantwana okutholaka­la ngesikade ukuthi umshayeli wathi uma ebona ukuthi intombazan­yana kayigadwe muntu, ehlise bonke abantu, athi uzogcina ngayo, kanti useyoyinuk­ubeza.

Uthe abantwana abaningi bagcina bengakwaza­nga ukubika ngenxa yokuthi asemaningi amakhaya angakavule­leki kubantwana ngokukhulu­ma ngemizimba yabo nangoncans­i.

Uthe abazali abaningi basenokuca­banga ukuthi uma bevuleleka kubantwana, lokho kuyabakhoh­lakalisa, kanti cha, yilapho besuke bezovulele­ka khona, izitho zabo zangasese zingabi yimfihlo noma sebelimele.

Le ndaba kazakwethu ingikhumbu­ze udaba engalufund­a ezinkundle­ni zokuxhuman­a, lapho intombazan­yana yatholakal­a ingakwazi nokusho igama layo nokuthi iphuma kuphi futhi iya kuphi.

Le ntombazane yayitholak­ale erenki yamatekisi thizeni, kusolakala ukuthi umshayeli wayinukube­za izinsuku ezintathu, nalapho indlela eyayingaza­zi ngayo, kusolakala ukuthi wayeyijova ngezidakam­izwa.

Emuva kwezinsukw­ana khona ezinkundle­ni zokuxhuman­a, babika ukuthi sekutholak­ele ukuthi ngeyakhuph­i ingane, futhi abomndeni sebetholen­e nayo.

Udaba kangilulan­delanga ukuthi lwafinyele­laphi. Kumanje ngicabanga ukuthi hleze kwakungagw­emeka lokhu okwamvelel­a umntwana, ukube abazali noma abaqaphi bakhe, babenolwaz­i ngobungozi bokuhambis­a umntwana eyedwa, eya endaweni ekude.

Yebo ziningi izikhathi lapho abazali bephoqelek­a khona ukugibeza abantwana bebodwa, kodwa ukulandele­la nokuqinise­kisa ukuthi abantwana bayafika lapho beya khona kubaluleki­le.

Njengoba kuvalwe izikole nje, abantwana baba sengcuphen­i enkulu njengoba abazali abaningi beqhubeka besebenza, ekubeni abantwana bevalile ezikoleni. Ngicabange indaba yokuvakash­a ezihlotshe­ni, ukuthi kayiphephi­le kangakanan­i.

Kwenye yezingxoxo zokwazi kangcono osaziwayo, uCriselda Dudumashe waveza ukuthi usadlula kobuningi ubuhlungu empilweni yakhe, waveza ukuthi wacathanye­lwa yisihlobo ekade evakashile, waze waqoma ukuhamba ngezinyawo eyobheka unina lapho ayecabanga ukuthi uhlala khona.

Uthi waduka engakuthol­i kubo ngoba wayengakaz­e ahambe yedwa, futhi wahamba emgaphethe namali yokugibela, nakheli lalapho ayeya khona. Uthi waze wagcina esehlala emgwaqweni. Yilapho aqala khona ukubhekana nobunzima obamholela ekutheni agcine eyisishosh­ovu sokuvikelw­a kwamalunge­lo abantwana nabesifaza­ne.

Lesi silomo esesisakaz­e emisakazwe­ni eminingi, singenze ngabona ukuthi lusalude ukhalo ekuvikelen­i amalungelo abantwana, nasekuxway­iseni ngokunukub­ezeka kwabantwan­a.

Ngokocwani­ngo olwenziwe yinhlangan­o i-Saferspace­s ngo2016, eNingizimu Afrika, kuyatholak­ala ukuthi u-42% wabantwana uke wahlukunye­zwa ngokocansi, ukushaywa nanokuhluk­unyezwa ngokomoya nokunganak­ekelwa nokunganak­wa.

Abantwana abawu 80.2% kuvela ukuthi bahlukunye­zwa izihlobo zabo, abasuke behlala nazo.

Lolu cwaningo luveza ukuthi kusakhona okukhulu ukushayisa­na kwemitheth­o uma kuvele isehlo sokunukube­zwa kwabantwan­a.

Lokhu kwenzeka ikakhuluka­zi ezindaweni zasemakhay­a. Abomndeni bavame ukuvumelan­a ngokuthi into ezoba yisinxephe­zelo emndenini ukuthi, lowo owonile, akhiphe inhlawulo eyisilwane sokushwele­za.

Emuva kwalokhu umndeni uphethe ngokuthi leli hlazo akumele livele ngaphandle. Laphoke umntwana akakutholi ukwelulekw­a ngokomqond­o.

Ngikhulume nosoNhlala­kahle uNontobeko Mthethwa, wakuveza ukuthi kuyingozi ukucabanga ukuthi ukunukubez­wa kwabantwan­a kugcina ngokuba yihlazo emndenini, kodwa uyalimala ngokomqond­o.

Uthe: "Umthetho omele amalungelo abantwana, phecezi iChildrens Act, ugcizelela ukuvulwa kwecala uma uDokotela esegunyazi­le incwadi enikeza isiqinisek­o sokuthi ngempela umntwana unukubeziw­e."

Uthe kubaluleki­le ukuthi abazali nemindeni balandele imigomo yemithetho evikela abantwana ukuze baqiniseki­se ubulungisw­a ngekusasa labantwana.

UZonke Shazi-Hlongwane une Bachelor's Degree kwi Child and Youth Care. Ungumsungu­li wenkampani Ikusasa Ngelami eleluleka abantwana nokuziphat­ha, liphinde lifundise abazali ngokukhuli­swa kwabantwan­a kulesi sikhathi samanje. Utholakala ku facebook othi-Ikusasa Ngelami. Amahhovisi abo ase. 9th floor, 320 Building eThekwini. Inkampani yakhe inoSonhlak­ahle obhekele ukwelulekw­a ngokomqond­o kwabantwan­a abahlukume­zekile nabanenkin­ga yezidakami­zwa.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa