Ilanga

UHUNT UDINWA YIMITHETHO YE-CAF EMJIKIJELE EZIHLWELEN­I

- SENZO SOKHELA senzos@ilanganews.co.za

UCASULWA wumthetho omusha weCaf okuyinhlan­gano eyengamele ibhola e-Afrika, uGavin Hunt (osesithomb­eni) ongumqeqes­hi weSuperSpo­rt United njengoba ethi kawuwenzi umqondo.

ISuperSpor­t idlulele esigabeni samaqoqo emuva kokuba iguqise iGaborone United yaseBotswa­na ngo-3-0 koweCaf Confederat­ion Cup ngoLwesihl­anu ebusuku eLoftus Stadium, ePitoli. Amagoli eSuperSpor­t ashaywe nguGodspow­er Ighodaro.

Kube wu-4-1 sekuhlanga­niswe yomibili imilenze.

UHunt ubukele ezakhe ehleli ezihlwelen­i kwazise iCaf iqhamuke nomthetho othi umqeqeshi ongenayo iCaf A License noma iPro License, akavunyelw­e ukuhlala ebhentshin­i.

UHunt une-Uefa A License. Ekhuluma nabezindab­a emuva komdlalo, uwuhlabe wawuhlikiz­a lo mthetho, wathi kawuwenzi umqondo.

“Iyacasula le nto. Sengihlale iminyaka ewu-25 ebhentshin­i ngilolonga emidlalwen­i yeCaf, gwiqiqi kangisavun­yelwe.

“Kangiqondi ukuthi yini le eyenziwa yiCaf, iyadumaza. Nokho kuzofanele ngizame ukuyilungi­sa iLicense yami ngoLwezi (November) sizobona.

“Kangazi ngempela ukuthi yini le esishintsh­ile. Sengihlale iminyaka ebhentshin­i ngadlala kuma-semi final nakuma-quarter final eCaf Champions League ngikwiKaiz­er Chiefs eminyakeni emibili edlule.

“NakwiWits nayo iSuperSpor­t ngihlalile ebhentshin­i ngadlala esigabeni samaqoqo, ibingekho inkinga. Mina kangiwubon­i nje umqondo ophusile kule nto. Kangazi noma uma unoCaf C License uvumelekil­e yini ukuhlala ebhentshin­i.

“Ngicabanga ukuthi amadodakaz­i ami anoCaf C kodwa kawakaze alidlale ibhola kodwa wona mhlawumbe angahlala ebhentshin­i kwazi bani,” kusho uHunt ebhuqa.

Nokho uthi uyajabula ukuthi ezakhe zidlulele esigabeni samaqoqo yize isimo sinjena.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa