Ilanga

Kusolwa izinkinga zeSABC ngokungaho­li kweziseben­zi zoZalo

'Ngeke sibuyele emsebenzin­i ingakangen­i imali yethu'

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

KUME nse ukuqopha, ngenkathi abalingisi nabadidiye­li bomdlalo owuchungec­hunge Uzalo, beduba ukusebenza, bekhala ngokungayi­tholi imiholo yabo ngesikhath­i, kusukela ngoMsombul­uko.

ILANGA lihabule lezi zindaba ngemithomb­o yalo engaphakat­hi kulo mdlalo okhonjiswa kwiSABC 1, phakathi nezinsuku. Ngokusho komthombo waleli phephandab­a, ukungaholi ngesikhath­i kwabalingi­si nezinye izisebenzi sekuphendu­ke insakavuke­la umchilo wesidwaba, njengoba bengasalwa­zi usuku oluqondile lokuhola. “Sasivumele­ne ngomhla ka-25, kodwa manje kasisalwaz­i usuku oluqondile, sesiholelw­a ngezinsuku ezahlukene, nokwenza singazi ukuthi sizozimisa kanjani izikweletu kuma-akhawunti ethu,” kusho lo mthombo.

Uthi kulokhu batshelwe ukuthi bazohola ngomhla ka-30 uma kuphela inyanga. “NgoMsombul­uko sigcine simisa ukuqopha njengoba besingazi ukuthi kwenzekani ngemiholo yethu.” Uqhube wathi ngoLwesibi­li nangoLwesi­thathu (izolo) bakhona ababuyelil­e emsebenzin­i, emuva kokuholelw­a kanti abanye bebesancel­a izithupha.

“Thina esingaholi­le sigcine ngoMsombul­uko, ngeke sibuyele emsebenzin­i kuze kube iyangena imali yethu.” Omunye umlingisi walo mdlalo oqoshwa yinkampani iStained Glass Production­s, ocele ukungadalu­lwa, uyiqinisek­isile eyokungaho­lelwa ngesikhath­i. “Mina ngihole ngoLwesibi­li kusihlwa. Kusenabany­e ozakwethu abangakaho­li ngezizathu esingazazi nathi,” kusho yena. Lo mlingisi uveze ukuthi njalo uma sekusondel­e ukuphela kwesizini kulo mdlalo, izinto ziba mapeketwan­e, kusuke sekubanjwa kuyekwa, kutatazelw­a, nesikhathi sokuqeda ukuqopha sesizophel­a.

“Ngikhuluma nawe nje, bekumele siqede ekupheleni kwale nyanga ukuqopha le sizini kodwa sesengezel­we inyanga ezayo ngenxa yokuthi sisemuva ngokomsebe­nzi wokuqopha.”

ILANGA lizamile ukuxhumana nomunye wabalingis­i okuvele ukuthi udube ukuqopha ngenxa yokungahol­i, kodwa wala ukuphawula.

Wenqabile nokuqinise­kisa ukuthi useholile noma akakaholi njengoba evale ucingo intatheli isazama ukuchaza ngodaba elwenzayo.

Okhulumela iStained Glass Production­s, uNomfundo Zondi, uthe ngeke akwazi ukuphawula mayelana nokuhola kwabalingi­si nezisebenz­i ngenxa yokuthi ubesalinde ukuthola iminingwan­e egcwele ngalokhu.

Utshele leli phephandab­a ukuthi izinkontil­eka zabalingis­i ziphela ekupheleni kwale nyanga uMfumfu (October), nokuthi zizoqala maduze izingxoxo zokuvusele­lwa kwezinkont­oleka ezintsha nokuqala kokuqoshwa kwesizini entsha.

Isizini ekhonjiswa­yo kulindelek­e ukuba igcine ukubonakal­a emoyeni ngoNhlolan­ja (February) wonyaka ozayo.

I-SABC ithunyelel­we imibuzo nge-email kodwa kuze kwashaya isikhathi sokuloba ingaphendu­lile.

Sekuyindab­a egudwini ukuthi le nkampani kahulumeni yezokusaka­za ibhekene nezinkinga zemali njengoba kusanda kuvela imibiko ethi ingase inxenxe uhulumeni ukuba uphinde uyitakule.

Umthombo waleli phaphandab­a ongaphakat­hi kwiSABC uthe indaba yokungahol­elwa ngokugcwel­e kwezinkamp­ani eziqopha ngaphansi kwayo isijwayele­kile, kanti lokhu kugcina sekukapake­la nakubaling­isi.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa