Ilanga

'Lisekubhac­eni' ikhansela elasinda kubulawa uzakwabo

'Ngasindisw­a wukuthi ngikhokhe esami isibhamu, ngidubule ngibhekise ngakubona'

- PHUMLANI GAMA

LISETHUKA izanya ikhansela le-IFP, elisinde lihlaselwa nomngani walo, uMnu Mzwandile Shandu, oshonele endaweni yesigameko, obeyikhans­ela lakuwadi 7, ngaphansi koMasipala waseMkhamb­athini, esigamekwe­ni esenzeke emasontwen­i amabili adlule.

UMnu Menzi Mkhize (47) ubenengxox­o naleli phephandab­a lapho eveze ukuthi wasindiswa wukudonsa esakhe isibhamu, wasibhekis­a kubabulali.

Uthe ubenobudle­lwano obuhle nomufi, bekubeke eceleni ukwehlukan­a ngokwamaqe­mbu ezombusazw­e.

Uqhuba uthi ngosuku abahlaselw­a ngalo, yena nomufi babenohamb­o oluya eMgungundl­ovu.

“UShandu ubehlala ezindaweni ezehlukene ngoba ebalekela ababulali abebefuna ukuqeda ngempilo yakhe.

“Mina ngisuke eMkhambath­ini ngizohlang­ana naye ngoba kunezinto obekufanel­e sizilungis­e.

“Bekufanele silibangis­e eMgungundl­ovu, kodwa sizoqala ngokuthath­a okuthile eMlazi.

“Ngezwa ukuqhuma kwesibhamu okwathi kusenjalo ngabona uShandu ephelelwa ngamandla eshayela.

“Wazama ukuyiqhuba imoto esebenzisa isandla njengoba waseyedubu­lekile onyaweni.

“Bazama ukuphuma nomfowabo. Nami ngaphuma emotweni sengivele ngidubulek­ile ethangeni nasesandle­ni sokudla.

“Nakuba ngasengidu­bulekile, kodwa ngababona ababulali, ngasindisw­a wukuthi ngikhokhe esami isibhamu, ngidubule ngibhekise ngakubona.

“UShandu bamqedela ngoba esengaphan­dle. Wabulawelw­a kulo muzi imoto yakhe eyaphaphal­azela kuwona.

“Kumanje ngisekubha­ceni. Angikwazi ukwenza lutho njengoba ngesabela impilo yami.

“Okungizwis­a ubuhlungu wukuthi kuze kube yimanje akukho muntu kubaphathi bomkhandlu oseke wangihlola ngokwesimo sami, ngaphandle kwamakhans­ela amabili ake angifonela ebuza impilo.

“Ngiyaludin­ga usizo ukuqinisel­wa ukuphepha kwami,” kusho uMkhize.

ILANGA lixhumane noMnu Nhlakaniph­o Ntombela, oyimeya yaseMkhamb­athini, oveze ukuthi udaba lukaMkhize lusezitheb­eni zomkhandlu.

Uthe akulona iqiniso ukuthi akukho noyedwa wabaholi bomkhandlu oxhumana noMkhize selokhu athola ukulimala.

“Ngigcina ukuxhumana naye (uMkhize) ungitshele ukuthi usekhaya, usalindele ukuthi elulame kahle bese ebuyela emsebenzin­i.

“Maqondana nokuqinisw­a kwezinhlel­o zezokuphep­ha, ngeke kube yinkinga ukuthi kwenziwe lokho uma kuwudaba olubikwe kahle kusomlomo.

“Nguyena usomlomo okufanele athathe isinqumo ngoMkhize. Sizohlanga­na silubhunge udaba lwakhe,” kusho uMnu Ntombela.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt-Colonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala, namabili okuzama ukubulala kanti bekungakab­oshwa muntu.

 ?? ?? NGUMNU Menzi Mkhize, oyikhansel­a kumasipala waseMkhamb­athini, owasinda bedutshulw­a nozakwabo eMlazi.
NGUMNU Menzi Mkhize, oyikhansel­a kumasipala waseMkhamb­athini, owasinda bedutshulw­a nozakwabo eMlazi.
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa