Ilanga

LIYENYUKA IZINGA LOKUQHUNYI­SWA KWEMISHINI YEMALI

- INTATHELI YELANGA

LIKHUPHUKE ngamaphese­nti alinganise­lwa kwawu-20 izinga lokuqhunyi­swa kwemishini ekhipha imali (ATM’s), ngokusho kwabeSouth African Banking Risk Informatio­n Centre (Sabric).

Kule minyaka edlule kuqhunyisw­e imishini ewu-178, ngo-2020 ibewu-214, ngo-2021 yabawu-271.

Umbiko uveze ukuthi iziqhumane eziningi ezisetshen­ziswayo zisuke zithathwe eZimbabwe. Izigebengu lezi eziqhumisa imishini, kuthiwa kazigcini nje ngayo, ziphinde zihlasele nezimoto ezithutha imali, ziqhumise zona.

Lo mbiko ufakazelwe yisigameko esenzeke izolo ngoLwesith­athu kusabalala ama-video amalungu omphakathi kwaMashu ecosha imali ebisaphaze­ke phansi ngemuva kokuqhunyi­swa kwemoto yemali qede yathungelw­a ngomlilo.

Lezi ziqhumisi kuthiwa kuphinde kusetshenz­iswe zona kulabo abaqhumisa ezimayini ezingekho emthethwen­i. Kuvela ukuthi lezi zigilamkhu­ba kujwayelek­e ukuthi ziphathe izinhlokoh­lela zezibhamu, nokuholela ekutheni zigcine zidubulana namaphoyis­a nonogada ukuze zikwazi ukuthola le mali ezisuke ziyifuna.

Ngokusho kwabakwaSa­bric, laba baziwa ngokuthi ngisho abantu ababona bengaba ngofakazi, bayabadubu­la.

Kuvela ukuthi lezi zigilamkhu­ba zikwazi ukuqhumisa ingaphakat­hi lale mishini, okusho ukuthi ziyakwazi ukuhamba nemali.

Le nhlangano ithi ingaphezul­u kuka-R32 million imali etholwe yizigebeng­u ngonyaka odlule. Laba bathi enye yemali ethathwe yilezi zigebengu kayisebenz­iseki njengoba igcine ichithekel­wa wu-ink kodwa ziyithathe injalo.

Kuthiwa ngonyaka odlule imishini eminingi iqhunyiswe eGauteng njengoba kuqhunyisw­e ewu-228, eNorth West khona kuqhunyisw­e ewu-48.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa