Ilanga

ABALANDELI BANCONYIWE NGOKUMISA UMDLALO KULIMALA UZAKWABO

-

ABALANDELI beLeyton Orient egijima esigabeni esincane kwezikhokh­elayo e-England bamise umdlalo ngoba befuna kusizwe umlandeli oshelele wawa enkundleni ngenkathi le kilabhu ibhekene neLincoln City koweligi ngoLwesibi­li ebusuku kulona leliya lizwe.

Kwenzeke lokhu nje, iLeyton ibihamba phambili ngo-1-0 wegoli elishaywe nguJoe Piggotts ngomzuzu ka-10.

Kusukume umlandeli oyedwa waya kumsizi kanompempe emcela ukuba bamise umdlalo kodwa wakushaya indiva lokho obekushiwo yilo mlandeli.

Abalandeli bebona ukuthi abanakwa, bavele bangena enkundleni baqonda emapalini bahlala phansi okuyilapho unompempe ekhethe khona ukuwumisa lo mdlalo.

Kwale ngisho abaqeqeshi bamakilabh­u womabili bebanxenxa ukuba badedele umdlalo uqhubeke kwazise bese kusele imizuzu eyishumi ukuba umdlalo uphele kodwa kwafana nokuthi bathela amanzi emhlane wedada. Ngenkathi umdlalo usamisiwe, abosizo lokuqala baphuthume esisulwini ebesilimel­e bazama ukusihleng­a. Lokhu kuthathe ihora lonke okugcine ngokuthi lo mdlalo umiswe.

Le kilabhu ikhiphe isitatimen­de iveza ukuthi lo mdlalo ngeke usaqhubeka. Ibonge abalandeli bayo ngokukhath­alelana abakukhomb­ise kuzakwabo owehlelwe wumshophi kulo mdlalo.

•Imidlalo ye-English Premiershi­p engempelas­onto imi

kanje:NGOMGQIBEL­O

Luton Town vs Tottenham 13h30. Fulham vs Sheffield United 16h00.

Everton vs Bournemout­h 16h00. Burnley vs Chelsea 16h00. Manchester United vs Brentford 16h00.

Crystal Palace vs Nottingham Forest 18h30.

NGESONTO

Brighton vs Liverpool 15h00.

West Ham vs Newcastle 15h00. Wolves vs Aston Villa 15h00. Arsenal vs Man City 17h30.

* EyeSpanish La Liga ihlelwe kanje: KUSASA NGOLWESIHL­ANU Athletic Club vs Almeria 21h00.

NGOMGQIBEL­O

Cadiz vs Girona 14h00.

Real Madrid vs Osasuna 16h15. Mallorca vs Valencia 18h30. Sevilla vs Rayo Vallecano 21h00.

NGESONTO

Villarreal vs Las Palmas 14h00. Atletico Madrid vs Real Sociedad 16h15.

Alaves vs Real Betis 18h30. Celta Vigo vs Getafe 18h30. Granada vs Barcelona 21h00.

 ?? ?? NGUMOLEFI Ntseki
NGUMOLEFI Ntseki
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa