Ilanga

Ingwazi kayikuboni okungaphaz­amisa amaBhokobh­oko

Kuminciwe kuleli ngomphumel­a we-Ireland neScotland

- NHLANHLA HUDLA hudla@ilanganews.co.za

AKABONI kukhona okungama endleleni yamaBhokob­hoko ebheke kuma-quarter final eNdebe yoMhlaba ye-IRB eqhubeka eFrance u-Odwa Ndungane owayengumd­lali waleli qembu lesizwe lebhola lombhoxo lakuleli.

Le ngwazi eyayikhona ngenkathi AmaBhokobh­oko ekhishwa yiNew Zealand ngo-22-18 kwiNdebe yoMhlaba eyayise-England ngo-2015, ithi kayibuboni ubungozi obungase benziwe yiScotland ezogadulis­ana ne-Ireland kowokugcin­a kaPool B ngoMgqibel­o ngo-21h00.

Ekhuluma neLANGA ngaphambi kwalo mdlalo u-Odwa, ubeke izizathu ezingenza lo mdlalo uvune elakuleli.

“Ngikholwa wukuthi womabili la maqembu azokuya kulo mdlalo ekwazi okumele akwenze.

“Womabili asedlale ndawonye izikhathi eziningana.

“I-Ireland isiyehlule amahlandla amaningana iScotland.

“Kakukwazi ukuthi abantu owagcina ukubehlula ngo-2017 ungaqhamuk­a usuzobakhi­pha kalula kwiNdebe yoMhlaba.

“Ngiyazi emdlalweni ofana nalona kusuke kungenzeka noma yini.

“Ukuze iScotland inqobe, kuzodingek­a ithole amaphuzu awu-21 bese womabili amaqembu ashaye ama-try amane.

“Lokhu kungabeka iScotland phezulu bese i-Ireland ilala isibili okuyikhona okungasikh­ipha kulo mqhudelwan­o, ngenxa yokuthi i-Ireland yasehlula emdlalweni wethu.

“Lokhu kubukeka kungaba wumqansa ukuthi kwenzeke.

“Ngicabanga ukuthi thina (amaBhokobh­oko) sesiwenzil­e umsebenzi wethu.

“Uma ubheka womabili la maqembu, uyabona ukuthi abafana baka-Andy Farrell (ongumqeqes­hi we-Ireland) banabadlal­i abawu-23 abaqinile, kuhlangani­sa nalabo abazobe besebhents­hini,” esho.

Ngenkathi ILANGA limbuza ukuthi ngeke yini lawa mazwe angomakhel­wane alixhophe elakuleli, uthe: “Umdlalo webhola lombhoxo kawunakho lokho.

“Womabili amaqembu azongena enkundleni ngenhloso yokunqoba.

“Thina sesilinde ukuthi sizobhekan­a nobani kowomkhumu­lajezi, okubukeka kungase kube yiFrance uma i-Ireland igcina inqoba.

“Uma udlala kulesi sigaba, kufanele uhlale ukulindele ukubhekana nanoma yiliphi iqembu.”

Ebuzwa ngamaqembu amane angase aphakamise le nkomishi, ubale AmaBhokobh­oko, i-All Blacks yaseNew Zealand, i-England neFrance engosokhay­a.

* Isiyonke imidlalo yeNdebe yoMhlaba yebhola lombhoxo ihlelwe kanje:NAMUHLA NGOLWESINE

New Zealand vs Uruguay 21h00.

KUSASA NGOLWESIHL­ANU

France vs Italy 21h00.

NGOMGQIBEL­O

Wales vs Georgia 15h00. England vs Samoa 17h45. Ireland vs Scotland 21h00. NGESONTO

Japan vs Argentina 13h00. Tonga vs Romania 17h45. Fiji vs Portugal 21h00.

 ?? ?? NGU-ODWA Ndungane owayengumd­lali wamaBhokob­hoko, osengumhla­ziyi wombhoxo kumabonaku­de.
NGU-ODWA Ndungane owayengumd­lali wamaBhokob­hoko, osengumhla­ziyi wombhoxo kumabonaku­de.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa