Ilanga

KUBUNGAZWE AMAGALELO ENKOSI ULANGALIBA­LELE

- PHUMLANI GAMA phumlani@ilanganews.co.za

IFANISWE noMose waseBhayib­helini iNkosi yesizwe samaHlubi uLangaliba­le Hadebe, ethathwa njengombum­bi wesizwe samaHlubi emcimbini wokukhunju­lwa kwayo neqhaza layo.

Lo mcimbi ububanjelw­e esigodlwen­i seNkosi Muziwenkos­i ‘Langalibal­ele 11’ Hadebe eMadlangen­i, eMtshezi ngoMgqibel­o.

Umcimbi ubuhanjelw­e ngabaholi bemikhakha eyahlukene, kanti izintombi, omama namabutho bebehlobe ngemvulo yesintu.

Umcimbi ubuye wahlotshis­wa ngemvunulo yesizwe samaSwazi, njengoba abefike ngebhasi njengoba iNkosi Langalibal­ele yokuqala, yayikade iganwe ebukhosini bakwaDlami­ni, kanti futhi nenkosi ebusa lesi sizwe, iganwe khona ebukhosini bakwaDlami­ni khona kuleliya lizwe.

INkosi Langalibal­ele yokuqala ifaniswa noMose owahola abantwana bakwa-Israel eyobafaka eKhenani kodwa yena wagcina engafikang­a.

Nayo inkosi yalwela amalungelo alesi sizwe kwaze kwaba iyadingisw­a esizweni sayo, yaquliswa amacala enkantolo yaseMgungu­ndlovu yaphetha ngokuboshe­lwa ejele iRobben Island.

Yahlala iminyaka ewu-13 kuleli jele kwaze kwaba iyadedelwa ngemuva kokuba uMfundisi Jonh Colenso ebhalele indlovukaz­i yamaNgisi,

eyazisa ukuthi kwaba nobudedeng­u iboshwa futhi yaboshelwa ukulwela umhlaba wayo. INkosi Langalibal­ele yahola impi yakwaBhuli­hawu.

Le mpi yayiphakat­hi kwamaNgisi namaHlubi.

Kuvele ukuthi maningi amaNgisi asala ezintabeni zasoKhahla­mba ngenkathi ibambene. Umcimbi wangoMgqib­elo ubuhanjelw­e ngabaholi abehlukene, okubalwa kubona nowayengum­engameli waseBotswa­na, uMnu Ian Khama okuyila

Ngokusho kukaMnu Ndabenhle Hadebe oyimbongi yesizwe samaHlubi, uthi lona wumcimbi waminyaka yonke.

“Sibungaza amagalelo neqhaza leNkosi yethu eyadingisw­a ngomhla ka-11 kuLwezi (November) 1873.

“Lapha sibungaza inkosi eyabumba isizwe.

“Ngikhuluma nje ilokishi laseKapa elaziwa ngokuthi iKwaLanga, laqanjwa ngayo inkosi njengoba yafika kuleya ndawo yakhanda isizwe. Isizwe samaHlubi sisabalele ezindaweni ezahlukene zezwe.

“Ngiyafisa ukukucacis­a ukuthi akulona iqiniso okukhuluny­wa ngamaHlubi atholakala e-Eastern Cape. Abadukisa umlando bayaye bethi afudukela kuleya ndawo ngoba ebalekela iLembe elaliphume umkhankaso wokudla izizwe ngenhloso yokukhanda isizwe esisodwa.

“AmaHlubi ahamba noMpangazi­tha owayesemba­ngweni wobukhosan­a nomfowabo uMthimkhul­u bezalwa nguBhungan­e. Nokho-ke inkosi ebusayo manje isemkhanka­sweni wokubumba isizwe samaHlubi ukuba sibe munye,” kusho uMnu Hadebe.

INkosi Hadebe yethule inkulumo yayo ngomlomo wendodakaz­i yayo, uZibuyile Hadebe, eveze ukuthi ikhathazek­ile ngokuthi uhulumeni wentando yeningi usaqhubeka nezinqumo ezenziwa wuhulumeni wamaBhunu, owashicile­la ukuthi lonke izwe laKwaZulu-Natal lingaphans­i kwesandla esisodwa.

“Sasinethem­ba lokuthi uhulumeni wentando yeningi uzosilungi­sa isimo ukuze kubuyiselw­e izinto ngononina bazo. Umhlaba wethu wanikwa abantu okungafane­le bawuphathe.

“Okukhulu manje wukuba sibumbe isizwe samaHlubi kuzona zonke izingxenye zomhlaba lapho etholakala khona,” kusho inkosi ngenkulumo ebhalwe phansi.

 ?? ?? NGUNKZ Zibuyile Hadebe, efunda inkulumo kayise emcimbini wokukhunju­lwa kukakhokho wabo, iNkosi Langalibal­ele wokuqala.
NGUNKZ Zibuyile Hadebe, efunda inkulumo kayise emcimbini wokukhunju­lwa kukakhokho wabo, iNkosi Langalibal­ele wokuqala.
 ?? ?? INKOSI Mathupha Makoena enguSihlal­o weContrale­so kuzwelonke, uMnu Ian Khama owayengume­ngameli waseBotswa­na nenkosi yamaHlubi.
INKOSI Mathupha Makoena enguSihlal­o weContrale­so kuzwelonke, uMnu Ian Khama owayengume­ngameli waseBotswa­na nenkosi yamaHlubi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa