UGOGODE EMANYUVESI AHLONISHWAYO PHESHEYA OQOKELWE KWESESEKELA LIKASHANSELA WASE-UKZN
UBEKWE ngokwethenjwa ekuxazululeni izinkinga mayelana nokufunda nokufundisa e-University of KwaZulu-Natal (UKZN) uSolwazi Thabo Msibi (40), oqokelwe kwesokuba yisekela likashansela wenyuvesi.
UMphathi walesi sikhungo uSolwazi Nana Poku uthi le nsizwa esencane, iqokwe ngethemba lokuthi izokwazi ukufeza izinhloso inyuvesi ezibekele zona kusukela ku-2023 kuya ku-2032.
Uthi banethemba lokuthi uMsibi uzokwazi ukuthatha le nyuvesi ayibeke ezingeni lomhlaba ngokwenza indlela yokufunda nokufundisa, ibe sezingeni lesimanje-manje.
“Ubuhlakani bakhe bubonakele kokuningi kwezemfundo.
“Uzobamba iqhaza elikhulu ekuxazululeni izinkinga ezikhona ezithinta ukufundisa.
“Ngiyambongela ngomsebenzi wakhe omusha,” kusho uSolwazi Poku.
USolwazi Msibi usebeyinhloko neDean ekhempasini ye-UKZN ese-Edgewood, kusukela ngonyaka ka-2017.
Ngesikhathi eqokwa kulesi sikhundla sokuphatha emkhakheni weziqu zobuthishela, kuvezwe ukuthi nguyena iDean esencane kunawo wonke ngokweminyaka eNingizimu Afrika.
Ujoyine le nyuvesi njengesitshudeni ngo-2006, elekelela abasemuva kwakhe emkhakheni wobuthishela ngokubafundisa, ebuyekeza okufundiswe ngothisha.
Ngo-2013 uqale waba nguthishela kulesi sikhungo.
Ngokwemfundo, uneziqu zePhD kwezobuthishela azithole e-University of Cambridge (United Kingdom) nezeMasters kuwona lo mkhakha azithole eColumbia University, e-United
State of America.
Ungowokuqala waseNingizimu Afrika ukuhlonishwa ngendondo egqugquzela ukusebenza ngokuzikhandla yi-University of Columbia, njengoba kwenzeka ngo-2018, emcimbini obizwa nge-Annual Academic Festival, eqokwe nabawu-43 abavela emhlabeni wonke.
USolwazi Msibi waseMtshezi uchazwe ngokuba yizwi kwintsha njengoba egxile ezinkingeni ezihlobene nokubulili, nokumodela esebenzisa imfundo.
Igama lakhe lifakwe ohlwini oluphanyekwe emnyango omkhulu ehholo lekolishi lothisha lasenyuvesi yaseColumbia kwazise usebalwa nezingwazi esezingene emlandweni wayo.
UMsibi ngumsunguli weCommunity Development Association, okuyisigungu esibhekelela elakuleli ngokwenza izinto ezizoholela ekutheni abafundi bagxile emfundweni.
Ungumbhali wencwadi iHidden Sexualities of South African Teachers.
Iphephandaba iMail & Guardian, phambilini limfake ohlwini lwabantu abawu-200 njengomunye osemncane kodwa ohamba phambili kuleli.
IDestiny Man magazine imbale njengomunye wabawu-40 abaphezulu kodwa osemncane, wahlabana nange-African Youth Award njengomunye ophezulu kwabawu-100, abanogqozi kwezemfundo.
Wathola umfundaze iBill Gates Scholarship okuyiwona awusebenzisa ukuzuza iPhD in Sexuality Education enyuvesi yaseCambridge.
Ngonyaka ka-2015 uthole indondo yothisha abehlukile e-UKZN kanti uphinde abe yisekela likasihlalo woMalusi, okuwuhlaka oluphasisa imiphumela kamatikuletsheni kuleli.