Ilanga

I-NFP engcupheni yokungalun­geneli ukhetho lukazwelon­ke

- BHEKI NDLOVANA

ILENGELA engcupheni yokungakwa­zi ukungenela ukhetho ngonyaka ozayo iNational Freedom Party (NFP) eyasungulw­a nguNkk Zanele Magwaza-Msibi ongasekho. Inhlangano eyengamele ezokhetho eNingizimu Afrika, i-Independen­t Electoral Commission (IEC), yexwayisa ngokuthi uma iNFP yehluleka wukulungis­a izinkinga zombango wobuholi, izoba nenkinga yokungakwa­zi ukungenela ukhetho lukazwelon­ke ngonyaka ozayo.

Yinto eyaziwayo ukuthi selokhu kwashona uNkk Magwaza-Msibi, iNFP ihaqwe yizinkinga ezihambisa­na nokubangwa kwezikhund­la.

Ekhuluma neLANGA uMnu Ahmed Munzoor Shaik Emam oyilungu eliqavile leNFP njengoba enguMgcini­mafa weqembu, futhi eyilungu elimele iNFP ephalamend­e likazwelon­ke, uthi mancane kakhulu amathuba okuba iNFP ikwazi ukungenela ukhetho ngonyaka ozayo.

UMnu Emam uthi izinkinga zeNFP zinzima ngaphezu kwalokhu abantu abakucaban­gayo.

Uthi mancane amathuba okuba zixazulule­ke ngaphambi kokhetho. Uthi inkinga enkulu wukuthi noma ngubani kwiNFP ukhuluma akuthanday­o.

UMnu Mawethu Mosery oyiSekela lesikhulu esiphezulu se-IEC, ekhuluma esiteshini sikamabona­kude sezindaba iSABC, uthe uma kuze kushaya uNdasa (March) ngonyaka ozayo, ngosuku okuvalwa ngalo ukuqokwa kwamagama abaholi, iNFP ingakayilu­ngisi indaba yobuholi beqembu, kusho ukuthi ngeke ikwazi ukungenela ukhetho.

Uma iNFP ingagcina yehlulekil­e ukungenela ukhetho lokho ngabe sekuyiphin­da isibili njengoba ngo-2016 ingakwazan­ga ukungenela olohulumen­i basekhaya.

Yachithwa yi-IEC emuva kokuba yehluleka wukukhokha ngesikhath­i esasibekiw­e idiphozith­i yemali okumele ikhokhwe ngamaqembu ukuze akwazi ukungenela ukhetho.

Kwala noma iNFP inxusa i-IEC ukuba yelule isikhathi kodwa kwangalung­a. Udaba lwaze lwafinyele­la enkantolo nalapho futhi yachithwa.

Enye inkinga ebhekene nayo iNFP njengamanj­e, wukuthi ayisalutho­li uxhaso lwemali olukhishwa yi-IEC olutholwa ngamaqembu epolitiki.

Lokhu kudalwa wukuthi sekunesikh­athi iNFP yehluleka wukuthumel­a izitatimen­de zemali (financial statements) yeqembu njengoba kudingeka ngokomthet­ho.

UMnu Emam utshele ILANGA ukuthi inkinga eyenza bangakwazi ukuthumela lezi zitatimend­e, yindaba yombango wobuholi. Uthi akusikhona ukuthi kasihlelek­ile isimo sezimali seqembu.

Utshele ILANGA ukuthi ngokomthet­ho uma kuthunyelw­a izitatimen­de zemali kwa-IEC, kumele zihambisan­e nefomu elinamagam­a abaholi beqembu - manje bona kabakwazi ukuthumela lelo fomu ngoba kunombango ngobuholi.

Ngokusho kwakhe, sekuphele iminyaka emithathu bengakwazi ukuthola uxhaso kwi-IEC. Uyilingani­sela cishe ku-R7 million imali athi ibambeke e-IEC ngenxa yokuthi kabakwazi ukuthumela lezi zitatimend­e zemali.

UMnu Canaan Mdletshe onguNobhal­a-Jikelele weNFP ephawula, uthe iNFP izolungene­la nakanjani ukhetho.

“Singakuqin­isekisa ngokungana­nazi ukuthi okwenzeka ngo-2016 ngeke kusiphinde ngonyaka ozayo. INFP izolungene­la ukhetho noma kanjani ngoba singakwenz­a konke okunye, kodwa hhayi ukuncisha amalungu ethu nabantu bakuleli ithuba lokubamba iqhaza kulolu khetho esilindele ukuthi lube wolunzima kakhulu ukudlula ezinye,” kusho uMdletshe.

Uthi udaba oluthinta izitatimen­de zokusetshe­nziswa kwemali eyimihlomu­lo iqembu eliyithola kwa-IEC luyalungis­wa.

“Kunenkampa­ni yabacwanin­gi mabhuku esiqokiwe okumanje iphezu komsebenzi wokuqinise­kisa ukuthi siyifeza yonke imigomo yakwa-IEC ephathelen­e nemali yabakhokhi­bentela,” esho.

Uveze nokuthi izinhlelo zokusingat­ha inkomfa zihamba kahle kakhulu.

“Lokhu kusinika ithuba lokuthi sizihlele njengeqemb­u. Lesi yisigaba esibalulek­ile eqenjini lethu,” kuphetha uMdletshe.

 ?? ?? NGUMNU Ahmed Munzoor Shaik Emam oyilungu eliqavile noMgcinima­fa weqembu kwiNFP.
NGUMNU Ahmed Munzoor Shaik Emam oyilungu eliqavile noMgcinima­fa weqembu kwiNFP.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa