Ilanga

UMNDENI WOWASHA EBHILIDINI EGOLI UKHALA NGEZINKULU­MO

- LUCKY CAIN

UKHALA ngezinkulu­mo ebezilokhu ziqhamuka usalinde ukungcwaba umndeni kaNkz Bongiwe Nkomo obalwa nabawu-77, abashona ngesikhath­i kusha ibhilidi ngenyanga edlule, eGoli.

Umphumela wolibofuzo wesidumbu sikaNkz Nkomo uphumile ngoMsombul­uko ngemuva kokuba umndeni uphoqeleke ukuhlala inyanga emakhandle­leni ulinde ukungcwaba.

UNkz Nkomo waseNhlong­a, eMsinga umndeni wakhe wawukwazil­e ukumhlonza kodwa izikhulu zikahulume­ni zanxusa ukuba kwenziwe ulibofuzo ukuze kube nesiqinise­ko sokuthi kungcwatsh­wa okunguyena ngempela.

Ekhuluma neLANGA uMnu Mluleki Nkomo ongumfowab­o kaNkz Nkomo, uthe nakuba lokhu sekuzokweh­lisa umthwalo, kodwa akubanga yisikhathi esilula ukulinda njengoba bekulokhu kunezinkul­umo ezingezinh­le ebeziqhamu­ka kubantu.

“Bekunzima sisalindil­e futhi sihleli emakhandle­leni. Obekusihlu­kumeza kakhulu yizinkulum­o ebezilokhu ziqhamuka mayelana nabantu abashona kuleli bhilidi,” esho.

Uthe ziningi izinkulumo ebezingehl­i kahle ebezikhulu­nywa ngabantu, ezinye zazo zicishe zawuhlukan­isa phakathi umndeni. Utshele leli phephandab­a ukuthi bekunabany­e abebenezin­solo zokuthi akashonang­a udadewethu kulo mlilo, besola izinto zesintu nokuganga kwabantu.

“Lokhu bekungasip­hathi kahle ikakhuluka­zi umama omncane (ozala uBongiwe) nobaba njengoba yena selokhu agcina emsebenzin­i ngemuva kwesigamek­o.

“Ubaba uhlukumeze­ke kakhulu, nasemseben­zini washo ukuthi ngeke akwazi ukubuyela engayifihl­ile indodakazi yakhe,” esho.

Uthe bewumndeni banethemba lokuthi umthwalo usuzokwehl­a uma sebazi ukuthi nangu udadewabo futhi umzimba wakhe uthunwe kuphi.

Inkonzo yomngcwabo kaNkz Nkomo ihlelelwe uMgqibelo esiya kuwo, eNhlonga, eMabomvini, eMsinga.

ILANGA lithole ukuthi kusenezidu­mbu ezingakang­cwatshwa njengoba kusalindwe ulibofuzo, yize sezikhona ezinye esezingcwa­tshiwe.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa