Ilanga

Abonge ukwesekwa amakhansel­a e-IFP abexoshiwe eMvoti

- PHUMLANI GAMA noMTHEMBEN­I VUMA

ABONGE ukwesekwa yiqembu lawo namalungu omphakathi amakhansel­a e-IFP, avunwe yinkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu maqondana nokuxoshwa nokuvalwa kwemiholo yawo kuMasipala waseMvoti, eGreytown.

Amakhansel­a ayisishiya­galolunye abesexoshi­we ngoba esolwa ngokungayi­hloniphi imithetho elawula ukusebenza kwawo.

Abesolwa ngokungayi­hambeli imihlangan­o, yaze yaba mine.

Lo mkhandlu ubunjwe ngamaqembu ezombusazw­e ahlukahluk­ene okubalwa kuwona i-ABC eholwa nguMnu Philani Mavundla, ophinde abe yimeya.

Uphethe lesi sikhundla ngokubambi­sana ne-ANC namanye amaqembu.

Amakhansel­a eNkatha awu-8 nelilodwa le-ABC, anikwa izincwadi zokuxoshwa kwawo ngenyanga edlule.

Isinqumo sokuxoshwa kwawo sathathwa yiziphathi­mandla zalo mkhandlu ngemuva kokuba zithole iseluleko esigunyaza ukuba kuthathwe lesi sinyathelo emnyangwen­i wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal.

NgoLwesibi­li lawa makhansela e-IFP abebize isithangam­i sabezindab­a, lapho ethe kakulona iqiniso ukuthi ahlala angaya emihlangan­weni yomkhandlu.

Kubuye kwabanjwa umkhuleko wokuthula nokubuyisa­na kulo masipala.

Ethula inkulumo yakhe, uMnu Petros Ngubane ongelinye lalawa makhansela futhi oyimeya yoMasipala wesiFunda uMzinyathi, uthe baqoke ukubiza amalungu eqembu labo, bezowabong­a ngemikhule­ko yawo.

“Sifisa ukubonga kubantu bemikhakha eyehlukene ngokubambi­sana nathi ngezikhath­i zobunzima.

“Sixoshelwe into engekho, kuthiwa salova emhlanganw­eni.

“Ngosuku okuthiwa saphuma saduba umhlangano ngalo, sasingaham­bi kodwa sasiyoxoxa. Kusemtheth­weni ukuthi iqembu liphume liyobhunga ngaphandle uma kunezinqum­o okusuke kufanele zithathwe.

“Kumanje sibungaza ukunqoba ngoba siyakholwa wukuthi nangosuku okuzobuyel­a ngalo udaba enkantolo, sizofike sinqobe ngoba sifike sachaza ukuthi kungani singafikan­ga komunye wemihlanga­no eyayibizwe ngabathile.

“Inkinga kwaba wukuthi sasingekho nesisodwa isizathu esizwakala­yo maqondana nomhlangan­o esibizelwa kuwona.

“Ngiyafisa ukusho ukuthi thina kasinankin­ga nokuphatha umkhandlu sisebenzis­ana ne-ABC, inqobo nje uma izokwazi ukuhlangab­ezana nezidingo zomphakath­i, ngoba injongo yethu wukuba kusizakale abantu ngentuthuk­o.

“Khona kubuhlungu ukuthi kunabantu abasemkhan­kasweni wokufafaza izinto ezingelona iqiniso ngamakhans­ela e-IFP, kuthiwa kawafuni ukusebenze­la umphakathi.

“Singakwenz­a kanjani lokho ngoba ziyabonaka­la izithelo ezindaweni esiphethe kuzona?

“Mina nje ngiyimeya eMzinyathi, akukho okunginyak­azisayo kulesi sikhundla ezinhlelwe­ni zokuhambis­a intuthuko,” kusho uNgubane.

 ?? ?? YIMEYA yoMasipala wesiFunda uMzinyathi uMnu Petros Ngubane, engelinye lamakhanse­la abexoshiwe, namalungu e-IFP abeyingxen­ye yomkhuleko.
YIMEYA yoMasipala wesiFunda uMzinyathi uMnu Petros Ngubane, engelinye lamakhanse­la abexoshiwe, namalungu e-IFP abeyingxen­ye yomkhuleko.
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa