Ilanga

Intshokova­ne ingakuboni­sa izimanga ongakaze uzibone

- SIGUDLA NOGALAKAJA­NA: ABDUL MILAZI

LIYASHISA ilanga eNorth West Province, kunzima ngisho nokuzivoca­voca ngenxa yokusaba ukuquleka. Lishisa sengathi lona olibasayo ezulwini uthola amalahle mahhala.

Phela ngiyaqala ukubona abantu bephathela ilanga izambulela. Thina sazi ziphathelw­a imvula. Uma uhamba ngemoto, ubona izambulela ezimibalab­ala, uma uthe ukushaya kancane noma ubheme intshokova­ne, ungafunga ukuthi kunezimbal­i ezinkulu ezihamba eceleni komgwaqo. Ungaze ubuyele kulo muntu oyithenge kuye ubuze ukuthi ufakeni kule nsangu oyibhemile.

Sisakhula babekhona obaba ababethi bathathwe yikheshi bedakiwe. Umuntu wayethi ehlala eMlazi adlule aphuze edolobheni, ebuya emsebenzin­i, bese engagoduki. Afike ekuseni ngovivi, athi uthe egoduka wathathwa yikheshi, wavuka eseManzimt­oti elele emgwaqweni. Ikheshi lelo kwakuthiwa yisipoki esithatha abantu abadakwe kakhulu siyobalahl­a lapho sithanda khona.

Yize sasisengab­antwana nathi sasisaba ukuhamba ebusuku, sisaba lona ikheshi, ukuthi nathi lingasitha­tha liyosilahl­a kude nekhaya bese sidliwa yizilwane zehlathi. Ukhona nje ubaba wasendawen­i elalimthat­ha njalo uma eholile.

Ngathi noma sengikhuli­le, ngezwa ngabashaye­li bala maloli awodabulam­azwe, bethi nabo bayahlanga­na nalezi zipoki. Bathi bahlangana nentokazi enguphumal­anga sikhothe, icela ulifti emgwaqweni. Uma uyigibelis­a elolini lakho, kucima izibani lapha kuwe, uzithole usukomunye umgwaqo okungamele ube kuwo, noma uvuke isigingqik­ile insimbi yabelungu, ingasekho le ntokazi.

Ngatshela abelungu bami ngale ndaba, ngathi ngifuna ukuhamba nabo laba bashayeli amasonto nje ambalwa ukuze ngizibonel­e ngosi, bese ngibhala ngaso lesi simanga. Kwaphela amasonto amathathu ngihamba nabashayel­i, kodwa lutho ukubona lezi zintokazi zemihlola.

Ngiyasola ukuthi ofeleba laba ababona lezi zintokazi basuke sebedle kweqa ezinkamben­i zikaFaro noma bebhemile. Phela isizungu nje sisodwa singakwenz­a ubone izinto ezingekho.

La madoda ababona abafazi bawo mhlawumbe kanye ngenyanga. Abanye basuka eGoli beyolahla umthwalo ezweni laseNamibi­a noma eMalawi. Babuye neminye imithwalo eya eSwazini noma eLesotho. Impilo yabo bayiphila emgwaqweni, kanti nezingane zabo kazisabazi.

Uthola ingane ibuza unina ukuthi ngubani lo baba olele egunjini lakhe lokulala. Ezinye ezaziyo ukuthi oyise bashayela amaloli, ziphuma endlini zime ngaphandle njalo uma kudlula iloli, zithi “nangu ubaba”.

Nale ndoda yaseBhayib­helini okuthiwa nguMozisi, nayo yashiya abantu eyayihamba nabo yayohlala yodwa entabeni isikhathi eside, ithi iyolindela umyalezo kaMvelinqa­ngi. Yabuya ithi ibone isihlahla sivutha umlilo ungabaswan­ga ngumuntu, yase izwa izwi liyitshela ngemitheth­o eyishumi yempilo. Yasuka lapho yayobaza amatshe eyabhala le mithetho kuwo.

Abalandeli bayo babona ngayo yehla entabeni nezinguzun­ga zamatshe. Thina ke sasizoyice­la le mambane ukuthi iyosibonis­a lesi sihlahla sale nsangu esithole kule ntaba.

Abantu bensangu phela bayayithan­da enamandla ngoba ishaya khona, ikubonise ngisho nemiboniso.

Nensizwa eyaduma ngezinkond­lo nemidlalo yeshashala­zi kwela-seNgilandi, uWilliam Shakespear­e, naye kuyashiwo ukuthi yayingumbh­emi owayefunga ngayo intshokova­ne.

Eminyakeni embalwa edlule kwabhalwa kwelinye iphephanda­ba ukuthi kwatholaka­la izinhlobon­hlobo zamapipi okubhema insangu ngenkathi kumbiwa lapho yayihlala khona le nsizwa.

NangesiZul­u kwakushiwo kuthiwe intshokova­ne wugwayi wamakhehla, owawubheny­wa uma kucatshang­wa noma kuhlaziywa izinto ezazidinga ubuchopho obujulile.

Nami ngisazolib­hemela leli langa, ngibone ukuthi lezambulel­a ezigcwele umgwaqo zizophendu­ka zibe yini. Mhlawumbe ngizobona izingilosi zindiza eceleni komgwaqo. Sengiyonaz­isa kwenye ingosi uma kukhona engikuboni­le.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa