Ilanga

Ukuthatha uhlangothi empini ye-Israel nePalestin­e kubeka izwe engcupheni

-

LISUNGULWE NGOWE-1903

INGXENYE yabantu baseNingiz­imu Afrika nohulumeni wabo, kabeve bekukhonzi­le ukuphawula nokugxambu­kela ezintweni abangazi lutho ngazo, bazenze osiyazi, kodwa bebe beyizimpum­puthe. Lo mkhuba uphinde wahlala obala kuleli sonto, njengoba kunempi phakathi kwamaJuda akwa-Israel, nama-Arabhu asePalesti­ne, ahlala endaweni yaseGaza, eMpumalang­a-eMaphakath­i (middle east).

Izibhicong­o zakamuva, ziqale ngoMgqibel­o ekuseni ngesikhath­i amalungu enhlangano elwela inkululeko yabasePale­stine abahlala eGaza, iHamas, ehlasela izindawo ezihlala amaJuda kwa-Israel, abulala amakhulu abantu, abanye babo okuyintsha ebithamele inkonsathi yomculo.

Kule nkonsathi nje iyodwa, kutholwe izidumbu ezibalelwa ku-260.

Liphawula ngalo muga, iqembu elibusayo i-ANC, elinomland­o omude ngokuba ngobhululu abakhulu bamaqembu ase-Palestine, ligxeke amaJuda ngale nhlekelele, lazwelana nama-Arabhu.

UKhongolos­e uthi abasePales­tine badlelwa umhlaba wabo yizwe lakwa-Israel. Leli qembu lithi ama-Arabhu nawo kade ayehlukuny­ezwa wuhulumeni wakwa-Israel.

Nesitatime­nde sikahulume­ni wezwe sihambe emazwini eqembu elibusayo.

Khonamanja­lo, nabantu abadlelana ne-ANC bazwakale ezinkundle­ni zokuxhuman­a, behalalise­la iHamas ngekwenzil­e.

Lokhu kuchaza ukuthi laba kabanandab­a nokubulawa kwamakhulu abantu abangenaca­la – okubalwa kubo namakhehla, izalukazi, abesifazan­e nezingane – abanye babo bathunjwa ngamalungu eHamas, bayiswa eGaza.

Kuyashaqis­a ukuthi ukubulawa kwabantu ngalolu hlobo kushaywa indiva, ngezizathu zepolitiki.

Inkinga ngokuchema udede nohlangoth­i olulodwa kukahulume­ni nadlelana nabo wukuthi lokhu kungaba nomthelela ongalimaza ubudlelwan­o beNingizim­u Afrika namazwe ehwebelana nawo ase-Europe naseMelika, wona azwelana ne-Israel kule mpi.

Okunye wukuthi noma uhulumeni nabantu bakuleli bangaklaba­lasa bathini ngalolu daba, abakushoyo ngeke kuguqule lutho, ngoba elakuleli singalifan­isa nesimaku uma liqhathani­swa namazwe ayizikhond­lakhondla, futhi abalulekil­e emhlabeni.

Ukuphawula kwethu ngezimpi eseziqhube­ke amakhulu eminyaka phakathi kwamaJuda nama-Arabhu kuleya ndawo ngeke kwasisiza ngalutho, kodwa kungasidal­ela amazinyo abushelele­zi kwamanye amazwe, kulimaze umnotho wezwe, nenhlalaka­hle yabantu bakuleli.

Sengathi ngelinye ilanga i-ANC ingafunda ukwehlukan­isa umsebenzi wayo wokwengame­la uhulumeni, nobungani enabo njengeqemb­u namaqembu akwamanye amazwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa