Ukuthatha uhlangothi empini ye-Israel nePalestine kubeka izwe engcupheni
LISUNGULWE NGOWE-1903
INGXENYE yabantu baseNingizimu Afrika nohulumeni wabo, kabeve bekukhonzile ukuphawula nokugxambukela ezintweni abangazi lutho ngazo, bazenze osiyazi, kodwa bebe beyizimpumputhe. Lo mkhuba uphinde wahlala obala kuleli sonto, njengoba kunempi phakathi kwamaJuda akwa-Israel, nama-Arabhu asePalestine, ahlala endaweni yaseGaza, eMpumalanga-eMaphakathi (middle east).
Izibhicongo zakamuva, ziqale ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi amalungu enhlangano elwela inkululeko yabasePalestine abahlala eGaza, iHamas, ehlasela izindawo ezihlala amaJuda kwa-Israel, abulala amakhulu abantu, abanye babo okuyintsha ebithamele inkonsathi yomculo.
Kule nkonsathi nje iyodwa, kutholwe izidumbu ezibalelwa ku-260.
Liphawula ngalo muga, iqembu elibusayo i-ANC, elinomlando omude ngokuba ngobhululu abakhulu bamaqembu ase-Palestine, ligxeke amaJuda ngale nhlekelele, lazwelana nama-Arabhu.
UKhongolose uthi abasePalestine badlelwa umhlaba wabo yizwe lakwa-Israel. Leli qembu lithi ama-Arabhu nawo kade ayehlukunyezwa wuhulumeni wakwa-Israel.
Nesitatimende sikahulumeni wezwe sihambe emazwini eqembu elibusayo.
Khonamanjalo, nabantu abadlelana ne-ANC bazwakale ezinkundleni zokuxhumana, behalalisela iHamas ngekwenzile.
Lokhu kuchaza ukuthi laba kabanandaba nokubulawa kwamakhulu abantu abangenacala – okubalwa kubo namakhehla, izalukazi, abesifazane nezingane – abanye babo bathunjwa ngamalungu eHamas, bayiswa eGaza.
Kuyashaqisa ukuthi ukubulawa kwabantu ngalolu hlobo kushaywa indiva, ngezizathu zepolitiki.
Inkinga ngokuchema udede nohlangothi olulodwa kukahulumeni nadlelana nabo wukuthi lokhu kungaba nomthelela ongalimaza ubudlelwano beNingizimu Afrika namazwe ehwebelana nawo ase-Europe naseMelika, wona azwelana ne-Israel kule mpi.
Okunye wukuthi noma uhulumeni nabantu bakuleli bangaklabalasa bathini ngalolu daba, abakushoyo ngeke kuguqule lutho, ngoba elakuleli singalifanisa nesimaku uma liqhathaniswa namazwe ayizikhondlakhondla, futhi abalulekile emhlabeni.
Ukuphawula kwethu ngezimpi eseziqhubeke amakhulu eminyaka phakathi kwamaJuda nama-Arabhu kuleya ndawo ngeke kwasisiza ngalutho, kodwa kungasidalela amazinyo abushelelezi kwamanye amazwe, kulimaze umnotho wezwe, nenhlalakahle yabantu bakuleli.
Sengathi ngelinye ilanga i-ANC ingafunda ukwehlukanisa umsebenzi wayo wokwengamela uhulumeni, nobungani enabo njengeqembu namaqembu akwamanye amazwe.