Akakufuni ukubizwa kweBucs ngezingqungqulu zezicoco
Nokho uRiveiro uyavuma ukuthi kuyabagqugquzela ukunqoba izinkomishi
AKAFUNI nokuyizwa eyokubizwa ngezingqungqulu ezingayibheki imiqhudelwano emifushane uJose Riveiro ongumqeqeshi we-Orlando Pirates. IBucs itonyulwe ukubhekana neCape Town Spurs koweCarling Black Label Knockout ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni lo mqhudelwano ngoLwesibili emini eHyde Park, eGoli.
Iqhathwa nale kilabhu nje, isanda kudla ubhedu inqoba isicoco seMTN8 emuva kokuguqisa iMamelodi Sundowns ngo-3-1 wamaphenathi ngoMgqibelo ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
URiveiro usazinqobe zonke izinkomishi zemikhumulajezi zakuleli selokhu efikile okubalwa kuzona iMTN8 kabili neNedbank Cup. Lo mqeqeshi odabuka eSpain, uthi akafuni nokuyizwa eyokubizwa ngezingqungqulu ezisobozela kwasani kule miqhudelwano yezicoco.
“Sonke siqala ku-0 kakukhathalekile ukuthi ubukade unqobe imiqhudelwano emingaki edlule. Le eyokubizwa ngezingqungqulu eziqoqa kwasani kangiyifuni ngoba izosifakela ingcindezi engenasidingo.
“Lona wumqhudelwano omusha. Wonke umuntu ufuna ukuzibona efinyelela kowamanqamu.
“Ukuthi sinqobe umqhudelwano odlule kakusiniki lutho njengoba siya kulona. Kodwa-ke ngeke ngikubalekele ukuthi kuzosikhuthaza kuze kuyophela isizini,” esho.
Uthi kakufanele nangengozi bayithathe kancane iSpurs ngoba nakhu idonsa kanzima eligini.
“Ngiyazi ukuthi abantu basibona siyizimfivilithi kodwa kakunjalo ngoba kayikho ikilabhu elula kulesi sigaba.
“Izinto kazibahambeli kahle kwiligi kodwa lona wumqhudelwano owehlukile, oza nezinto ezehlukile futhi ozoza nezinto ezizomangaza.
“Sobabili sizoya kulo mdlalo ngenhloso yokuya emzuliswaneni olandelayo, ngakho-ke kakufanele neze sibathathe kancane,” kusho uRiveiro.