Ilanga

UBig Zulu 'akanavalo' ngempi yesibhakel­a nosomabhiz­inisi

- THANDI ZONDI tzondi@ilanganews.co.za

Angisabi nsizwa mina, ngaqhathwa ekwaluseni nasengomen­i,” kusho umrepha uBig Zulu njengoba ezongqimuz­ana nosomabhiz­inisi uPhumlani Njilo empini ezokuba mhla ka-9 ngoDecembe­r (Zibandlela), eMooi River.

Exoxa neLANGA, uBig Zulu uthe ukudlala isibhakela akusiyo into ayiqala manje, kanti ukhule elivuzisa ekhanda ensizweni.

Uchaza lo mdlalo njengonika imfundiso.

“Isibhakela sinomtheth­o, kawusidlal­i noma yikanjani. Futhi osidlalayo uyazi ukuthi kawuvele ulwe noma yikuphi,” esho.

Uthi lo mdlalo ungenye yezinto ezingasets­henziswa ekulweni nesihlava sokuhlukum­ezeka kwabesifaz­ane, ngokuthi indoda ezizwa ifuna ukulwa ingene eringini nenye.

Echaza ngokuthi ufike kanjani kweyokuthi bangcwekis­ane nosomabhiz­inisi eringini, uthe: “uNjilo nguye ocele ukulwa nami ngangaba nankinga, ngenxa yokuthi lo mdlalo kawusadumi­le njengakuqa­la.

“Sakhula abazali behlalela izimpi zezingqwel­e ezifana noDingaan Thobela noBaby Jakes Matlala. Manje kawusazi nokuthi ngubani oyingqwele kuleli,” echaza.

“Emazweni angaphandl­e isibhakela siyakhokhe­la, kunabantu abaphila ngaso njengoba kwenzeka ebholeni.

“Kuleli kuthule-du. Angazi noma kubhimba kwezokumak­etha noma yiwona ngqo umdlalo ongafiki kubantu.”

Phambilini uBig Zulu walwa noBrian Dings wamehlula, imali ayihlomula lapho wanikela ngayo.

Ebuzwa ukuthi uzokwenza okufanayo yini nakulokhu, uvele wahleka.

“Ngeke umuntu ahlezi enikela njalo ngoba uma ngisuke ngizolwa kudingeka ngizilungi­selele, okusho ukuthi kunemicimb­i engiyikhan­selayo. Kumele ngibe nendlela yokubuyisa leyo mali.”

Echaza ngokuzilol­onga, uthi unabaqeqes­hi abamsizayo. Uthi kwesinye isikhathi uma isisindo seqile kumele asehlise, ashintshe nendlela yokudla.

“Lolu wuhlobo lomdlalo olunzima, oludinga uzilungise­lele ngempela uma uyongena eringini.

“Njengoba ngizoya ekhaya eBergville, kunensizwa engizodlul­a ngiyithath­e eThekwini ukuze ifike ingilolong­e kulezi zinsuku ezintathu engizobe ngizihambi­le.”

Ebuzwa ngesitha azokulwa naso uthe: “Hhayi akusiye umfana engimesaba­yo, yize enesipiliy­oni. Ngijimela khona lokho ukumlahla phansi.”

UNjilo echaza ngokucela uBig Zulu inselelo, uthi indaba yaqala ekade ephoste i-video ekhasini lakhe lezokuxhum­ana, ethinta ezamanqind­i.

“Kwase kuba khona abalokhu bebuza ukuthi ngiyamesab­a yini uBig

Zulu, ngasho ngathi angimesabi.

“Bafaka igama lakhe kule ngxoxo naye waphendula ethi akangesabi.

“IBoxing South Africa yayibona le nkulumo yangenelel­a, yathi masiyenze ibe semthethwe­ni le mpi,” esho.

Uthi ungumuntu ohlezi ezivocavoc­a.

Uthi usophe ukumlahla phansi uBig Zulu.

“Udla usu nenhloko, nazo zonke izinto ezidliwa ngamabhinc­a. Laphaya eringini kudingeka umuntu ojimile.

“Ngizomtshi­nga phansi ngomzulisw­ano wesibili noma wesithathu, kuzobe kuyimpi kaDavide noGoliyath­i.

“Akudingi-ke ukuba ngichaze ukuthi kwenzekani kuGoliyath­i.”

Uthe uma enqoba u-10% wemali uzonikela ngawo ebandleni lakhe i-Covenant Fellowship Church Internatio­nal eholwa ngu-Apostle Collins Dlomo.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa