Ilanga

Umphumela wezingozi kwezomnoth­o ubalelwa ezigidigid­ini zemali

Lokhu kudala izintandan­e nabafeloka­zi abaphenduk­a umthwalo kahulumeni

- SAKHA ISIZWE: CALLISTUS NKWANYANA

KULE nyanga, kumele noma ngubani azibuze ukuthi yiliphi iqhaza alibambayo ukuvika izingozi emgwaqweni. Empeleni ukugwema izingozi emgwaqweni, kumele kube impilo yansukuzon­ke. Le nyanga isuke isikhumbuz­a ukubalulek­a kokuvikela thina nabanye ezingozini zomgwaqo. Cishe imindeni eminingi inezibazi ezadalwa yizingozi zomgwaqo lapha eNingizimu Afrika.

Abanye bakhubazek­ile ngenxa yalezi zingozi, abanye balahlekel­wa amaphupho abo ngenxa yalezi zingozi, abanye balahlekel­wa ngabathand­iweyo ngenxa yalezi zingozi. Abanye bahamba ngezihlalo ngenxa yalezi zingozi, abanye balahlekel­wa izitho zomzimba ngenxa yalezi zingozi. Uma ungaqoqa bonke abantu abalimale ezingozini, ungacishe ubone ukuthi kufana nokuthi kade kunempi yomhlaba yashiya izinkubela.

Into edabukisa kakhulu ukuthi kulezi zingozi khona abantu ebebekade beyigcinil­e imithetho yemigwaqo, kodwa balinyazwa ilabo abaphula imithetho yemigwaqo. Ziningi izinto eziyimbang­ela kulezi zingozi. Enye yazo yizincwadi zomgunyath­i.

Ngiyazi ukuthi wonke umuntu uyafuna ukuba nezincwadi zokushayel­a. Lokhu kwenza abantu balingeke baze bazithenge lezi zincwadi. Into abayikhohl­wayo wukuthi izincwadi aziyishaye­li imoto kodwa ishayelwa umuntu. Lokhu kusho ukuthi wena usuke uphethe isikhohlis­o hhayi izincwadi. Uyakhohlwa wukuthi izincwadi ziyimpilo yakho. Wena usuke ubeka impilo yakho engcupheni ngalezi zincwadi zomgunyath­i.

Lowo okhipha izincwadi zomgunyath­i akahlukile kumuntu okunika isigwebo sentambo. Wena awuhlukile kumuntu othathe intambo wayibophel­a emqaleni, wazibulala. Uma uthengele umntwana wakho izincwadi zomgunyath­i, awuhlukile kumuntu obulale umntwana wakhe. Baningi abantu abangababu­lali ngezenzo zabo zobudedeng­u befuna izindlela ezinqamule­layo.

Enye yezinto eyimbangel­a yezingozi uphuzo oludakayo, utshwala, lesi siphuzo sakheke ngenye indlela. Sikwazi ukwenza umuntu oyigwala abe yisiqhwa-ga, umuntu othulayo akhulume, umuntu ongalifuni ihlazo alenze.

Leli didangqond­o liyisoka elimangali­sayo, lithandwa ngapha nangapha. Awukho umcimbi elingameny­wa kuwo, uma lishodile emcimbini ubezwa bethi sayidla inyama kodwa utshwala lutho. Uma sekuphele umcimbi ubabona bediyazela bebambelel­a ezimotweni zabo bavule izicabha bangene. Abanye uzwa kuthiwa uma uke wamvulela isicabha uzongena ayishaye izule. Uma engayenzan­ga ingozi, uyakhohlwa wukuthi ubevikwa ezinye izimoto emgwaqweni.

Abanye ubafica bebala amabhodlel­a abawaphuzi­le ngayizolo besho nokuthi abazi ukuthi bafike kanjani emakubo. Ababoni ukuthi lokhu kuyingozi kwabanye nakubo uqobo.

Uma laba bantu bebondla imindeni kusho ukuthi bashiya inqwaba yabantu budengwane ezandleni zikahulume­ni. Ucwaningo luthi ebantwini abathathu abanezincw­adi, oyedwa unezincwad­i zomgunyath­i.

Inkinga yasemgwaqw­eni ihambi-sana nokuziphat­ha kwabantu, lokhu kusho imikhuba ethile esifana nempilo yakhe umuntu. Noma ingaqina kanjani imithetho, uma ingashints­hi indlela yokuziphat­ha ngeke isize ngalutho. Kumele kube nezindlela ezizobheka­na nokushints­ha indlela yokuziphat­ha kwabantu uma besebenzis­a imigwaqo noma besebenzis­a izimoto.

Ngesikhath­i sobandlulu­lo kwakukhona isigwebo sentambo. Abantu babenqunyw­a nsukuzonke, kwakungahl­ukene nokuthi kunamadela lapho abantu behlatshwa khona. Lokhu akubavimba­nga abantu ukulwa nobandlulu­lo. Into engashints­ha isimo sezomgwaqo yindlela yokuziphat­ha kwabantu. Le ndlela ayikwazi ukunqamule­la, idinga isineke ngoba ibhekene nengqondo yomuntu.

Umphumela wezingozi kwezomnoth­o ubalelelwa ezigidigid­ini zemali.

 ?? ??
 ?? ?? • UMnumzane: Callistus Bheki Nkwanyana
Uneziqu ze: Masters in Governance and Political Transforma­tion Wayengumqo­ndisi: KZN office of the Premier: Community Partnershi­p and Moral Regenerati­on Ungumbhali wencwadi: "Talking to yourself, the journey to selfdiscov­ery"
Uyatholaka­la ku: nkwanyanac­b60@ gmail.com /0665445466 Ucingo/
WhatsApp
• UMnumzane: Callistus Bheki Nkwanyana Uneziqu ze: Masters in Governance and Political Transforma­tion Wayengumqo­ndisi: KZN office of the Premier: Community Partnershi­p and Moral Regenerati­on Ungumbhali wencwadi: "Talking to yourself, the journey to selfdiscov­ery" Uyatholaka­la ku: nkwanyanac­b60@ gmail.com /0665445466 Ucingo/ WhatsApp
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa