Umphumela wezingozi kwezomnotho ubalelwa ezigidigidini zemali
Lokhu kudala izintandane nabafelokazi abaphenduka umthwalo kahulumeni
KULE nyanga, kumele noma ngubani azibuze ukuthi yiliphi iqhaza alibambayo ukuvika izingozi emgwaqweni. Empeleni ukugwema izingozi emgwaqweni, kumele kube impilo yansukuzonke. Le nyanga isuke isikhumbuza ukubaluleka kokuvikela thina nabanye ezingozini zomgwaqo. Cishe imindeni eminingi inezibazi ezadalwa yizingozi zomgwaqo lapha eNingizimu Afrika.
Abanye bakhubazekile ngenxa yalezi zingozi, abanye balahlekelwa amaphupho abo ngenxa yalezi zingozi, abanye balahlekelwa ngabathandiweyo ngenxa yalezi zingozi. Abanye bahamba ngezihlalo ngenxa yalezi zingozi, abanye balahlekelwa izitho zomzimba ngenxa yalezi zingozi. Uma ungaqoqa bonke abantu abalimale ezingozini, ungacishe ubone ukuthi kufana nokuthi kade kunempi yomhlaba yashiya izinkubela.
Into edabukisa kakhulu ukuthi kulezi zingozi khona abantu ebebekade beyigcinile imithetho yemigwaqo, kodwa balinyazwa ilabo abaphula imithetho yemigwaqo. Ziningi izinto eziyimbangela kulezi zingozi. Enye yazo yizincwadi zomgunyathi.
Ngiyazi ukuthi wonke umuntu uyafuna ukuba nezincwadi zokushayela. Lokhu kwenza abantu balingeke baze bazithenge lezi zincwadi. Into abayikhohlwayo wukuthi izincwadi aziyishayeli imoto kodwa ishayelwa umuntu. Lokhu kusho ukuthi wena usuke uphethe isikhohliso hhayi izincwadi. Uyakhohlwa wukuthi izincwadi ziyimpilo yakho. Wena usuke ubeka impilo yakho engcupheni ngalezi zincwadi zomgunyathi.
Lowo okhipha izincwadi zomgunyathi akahlukile kumuntu okunika isigwebo sentambo. Wena awuhlukile kumuntu othathe intambo wayibophela emqaleni, wazibulala. Uma uthengele umntwana wakho izincwadi zomgunyathi, awuhlukile kumuntu obulale umntwana wakhe. Baningi abantu abangababulali ngezenzo zabo zobudedengu befuna izindlela ezinqamulelayo.
Enye yezinto eyimbangela yezingozi uphuzo oludakayo, utshwala, lesi siphuzo sakheke ngenye indlela. Sikwazi ukwenza umuntu oyigwala abe yisiqhwa-ga, umuntu othulayo akhulume, umuntu ongalifuni ihlazo alenze.
Leli didangqondo liyisoka elimangalisayo, lithandwa ngapha nangapha. Awukho umcimbi elingamenywa kuwo, uma lishodile emcimbini ubezwa bethi sayidla inyama kodwa utshwala lutho. Uma sekuphele umcimbi ubabona bediyazela bebambelela ezimotweni zabo bavule izicabha bangene. Abanye uzwa kuthiwa uma uke wamvulela isicabha uzongena ayishaye izule. Uma engayenzanga ingozi, uyakhohlwa wukuthi ubevikwa ezinye izimoto emgwaqweni.
Abanye ubafica bebala amabhodlela abawaphuzile ngayizolo besho nokuthi abazi ukuthi bafike kanjani emakubo. Ababoni ukuthi lokhu kuyingozi kwabanye nakubo uqobo.
Uma laba bantu bebondla imindeni kusho ukuthi bashiya inqwaba yabantu budengwane ezandleni zikahulumeni. Ucwaningo luthi ebantwini abathathu abanezincwadi, oyedwa unezincwadi zomgunyathi.
Inkinga yasemgwaqweni ihambi-sana nokuziphatha kwabantu, lokhu kusho imikhuba ethile esifana nempilo yakhe umuntu. Noma ingaqina kanjani imithetho, uma ingashintshi indlela yokuziphatha ngeke isize ngalutho. Kumele kube nezindlela ezizobhekana nokushintsha indlela yokuziphatha kwabantu uma besebenzisa imigwaqo noma besebenzisa izimoto.
Ngesikhathi sobandlululo kwakukhona isigwebo sentambo. Abantu babenqunywa nsukuzonke, kwakungahlukene nokuthi kunamadela lapho abantu behlatshwa khona. Lokhu akubavimbanga abantu ukulwa nobandlululo. Into engashintsha isimo sezomgwaqo yindlela yokuziphatha kwabantu. Le ndlela ayikwazi ukunqamulela, idinga isineke ngoba ibhekene nengqondo yomuntu.
Umphumela wezingozi kwezomnotho ubalelelwa ezigidigidini zemali.