Eliya e-India
UMartin Ngwenya uthi uhamba nabantu abenze kahle kakhulu emijahweni
INJABULO kwiManager yeMaxed Elite uMartin Ngwenya waKwaZulu-Natal eqokelwa kwesokuhola iqembu lakuleli eliyakwi-IAU 50km World Championships ezokuba mhla ka-5 kwezokwethwasa e-India. Ngokusho kukaNgwenya uyaqala ukuqokelwa kulesi sikhundla sokuba yimenenja yeqembu lezwe.
Ekhuluma neLANGA ngokuqokwa kwakhe uthe: “Ngijabule kakhulu ngokuqokelwa eqenjini lezwe. Ngicabanga ukuthi kuyiphupho lanoma ubani ukuhola iqembu lezwe. Kuwumlando ongasoze wacisha empilweni yami ukuthi ngo-2023 ngibe yimenenja yeqembu lesizwe.
“Ngesikhathi bengitshela kangikholwanga. Ngize ngakholwa sengibizelwa emhla-nganweni omayelana nohambo oluya kulo mqhudelwano,” kusho uNgwenya.
UNgwenya uqhube wathi uyawathemba amasosha ahamba nawo. Kwisikwati esiqokiwe kukhona abasubathi abenze kahle kwiComrades neTwo Oceans Marathon ngokwehlukana.
“Ukuba khona kwabasubathi abafana noNkosikhona Mhlakwana ongene unombolo 3 kwiTwo Oceans Marathon, uDan Matshaliwe othathe indawo yesithathu kwiComrades Marathon nyakanke, uPule Sibeko nabanye kunginika ithemba lokuthi sizokwazi ukubuya nendondo yeqembu e-India,” esho.
Isikwati sabesifazane sizohamba ngaphandle kukaJenet Mbhele okungomunye wabasubathi abenze kahle nonyaka engena unombolo 10 kwiComrades Marathon yakhe yokuqala nonyaka.
UJenet ethintwa ILANGA ukuqinisekisile ukuthi ngeke abe yingxenye yeqembu.
UMhlakwana uthe ujabule kakhulu ukuqokelwa eqenjini lesizwe. Uthi uyaqala ukuba seqenjini lezwe. Uveze ukuthi uzimisele ngokwenza kahle kulo mqhudelwano.
UZola Phoswa wakwaMaxed Elite uthe bajabule kakhulu beyikilabhu ngokuqokwa kukaNgwenya. Uthi banethemba lokuthi amasosha akhe azokwenza kahle.