Ilanga

Eliya e-India

UMartin Ngwenya uthi uhamba nabantu abenze kahle kakhulu emijahweni

- MZWAMANDLA ZONDI zondim@ilanganews.co.za

INJABULO kwiManager yeMaxed Elite uMartin Ngwenya waKwaZulu-Natal eqokelwa kwesokuhol­a iqembu lakuleli eliyakwi-IAU 50km World Championsh­ips ezokuba mhla ka-5 kwezokweth­wasa e-India. Ngokusho kukaNgweny­a uyaqala ukuqokelwa kulesi sikhundla sokuba yimenenja yeqembu lezwe.

Ekhuluma neLANGA ngokuqokwa kwakhe uthe: “Ngijabule kakhulu ngokuqokel­wa eqenjini lezwe. Ngicabanga ukuthi kuyiphupho lanoma ubani ukuhola iqembu lezwe. Kuwumlando ongasoze wacisha empilweni yami ukuthi ngo-2023 ngibe yimenenja yeqembu lesizwe.

“Ngesikhath­i bengitshel­a kangikholw­anga. Ngize ngakholwa sengibizel­wa emhla-nganweni omayelana nohambo oluya kulo mqhudelwan­o,” kusho uNgwenya.

UNgwenya uqhube wathi uyawathemb­a amasosha ahamba nawo. Kwisikwati esiqokiwe kukhona abasubathi abenze kahle kwiComrade­s neTwo Oceans Marathon ngokwehluk­ana.

“Ukuba khona kwabasubat­hi abafana noNkosikho­na Mhlakwana ongene unombolo 3 kwiTwo Oceans Marathon, uDan Matshaliwe othathe indawo yesithathu kwiComrade­s Marathon nyakanke, uPule Sibeko nabanye kunginika ithemba lokuthi sizokwazi ukubuya nendondo yeqembu e-India,” esho.

Isikwati sabesifaza­ne sizohamba ngaphandle kukaJenet Mbhele okungomuny­e wabasubath­i abenze kahle nonyaka engena unombolo 10 kwiComrade­s Marathon yakhe yokuqala nonyaka.

UJenet ethintwa ILANGA ukuqinisek­isile ukuthi ngeke abe yingxenye yeqembu.

UMhlakwana uthe ujabule kakhulu ukuqokelwa eqenjini lesizwe. Uthi uyaqala ukuba seqenjini lezwe. Uveze ukuthi uzimisele ngokwenza kahle kulo mqhudelwan­o.

UZola Phoswa wakwaMaxed Elite uthe bajabule kakhulu beyikilabh­u ngokuqokwa kukaNgweny­a. Uthi banethemba lokuthi amasosha akhe azokwenza kahle.

 ?? ?? UMARTIN Ngwenya
UMARTIN Ngwenya

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa