Ilanga

BANGASE BAVUMBUKE KWI-LEOPARDS ABAKHONJWA INDLELA

- MFANAFUTHI NDLOVU

ABAQEQESHI ababili abasanda kukhonjwa indlela kumakilabh­u aKwaZulu-Natal bangase bavumbuke kwiBlack Leopards egijima kwiMotsepe Foundation Championsh­ip.

lithole ngomthombo walo ukuthi u-Asanda Mvalo noDoctor Mkhonza bangase bathathwe yiLeopards ebihlalise uPeter Mponda esigqikini sokucija kule kilabhu esanda kuhanjelwa ngumqeqesh­i emasontwen­i amabili edlule.

Uqhube wathi uMvalo usethintiw­e yizikhulu zeLeopards kepha usadla amathambo engqondo kwazise nezinkulum­o zokubuyela kwiMilford FC kazikaphot­hulwa.

UMkhonza ugcine ukusebenza kuMkhumban­e Classic kaS’thembiso

Mabaso egijima kwiSafa KZN ABC Motsepe League.

IClassic igcine isivale ngoCyril

Mthembu isikhala sikaMkhonz­a.

“Yiqiniso ukuthi uMkhonza noMvalo bazovumbuk­a kwiLeopard­s. Ngenhlanhl­a sebevelile kwinhlolok­hono yayo.

“Umndeni wakwaThidi­ela ( okuyiwona ongabanika­zi beLeopards) uyikhonzil­e iKZN kwazise abadlali abaningi ubalanda kulesi sifundazwe kusuka kudala. “Bobabili bazimisele ngokuthath­a lo mkhumbi weLeopards uma sekusayinw­e izivumelwa­no. Futhi kubonakala bengakwazi ukwenza umehluko kule kilabhu edonsa kanzima kulezi zinsuku,” kusho umthombo.

* Kuzo ezeMFC, lihabule ukuthi noRonnie Gabriel ungomunye wabaqeqesh­i abangase banikwe umsebenzi wokuhola iMilford FC. UGabriel akamusha kwezokuqeq­esha kwazise wenza umsebenzi ofanayo kwiRichard­s Bay, uThongathi FC neSummerfi­eld Dynamos. Kulindelek­e ukuthi abaphathi beMilford FC bathathe isinqumo maduzane sokuthi banika baniithuba lokulola le kilabhu kuze kuphele isizini. Omunye okunuka igama lakhe uPapi Zothwane.

IN.B La Masia ixoshe uDelano Hendrick yalanda uDaine Klate obekwiChip­pa United.

 ?? ?? ILANGA
ILANGA
UDAINE Klate osezoqeqes­ha iNB La Masia.
ILANGA ILANGA UDAINE Klate osezoqeqes­ha iNB La Masia.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa