Ilanga

ININGIZIMU AFRIKA IPHIKA EYOKWESEKA I-HAMAS YASE-PALESTINE

- BHEKI NDLOVANA bhekin@ilanganews.co.za

UHULUMENI waseNingiz­imu Afrika osegaxele endabeni yempi ephakathi kwe-Israel nePalestin­e, uyaphika ukuthi weseka iHamas, okuyiqembu lasePalest­ine eliphethe iGaza.

Umsindo mayelana nokukhonjw­a ngenjumban­e kukahulume­ni wakuleli, uqubuke emuva kokusabala­la kwemibiko yokuthi uDkt Naledi Pandor (osesithomb­eni) onguNgqong­qoshe wezobuDlel­wano bamaZwe nokuBambis­ana, ushayelane ucingo nomholi weHamas, ngenhloso yokuzwakal­isa ukweseka iHamas okuyiyona eqale yahlasela kwa-Israel ngoMgqibel­o ziwu-7 kwephezulu.

I-SA Jewish Board of Deputies, yexwayise uhulumeni ngokuthi uma eseka iHamas, uzofaka izwe obishini.

“Ngokusho kweHamas, uPandor uzwakalise ukweseka ukuhlasela kwayo (iHamas) kungazelel­we kwa-Israel, lapho ibulale abantu khona, yaphinde yathumba izakhamizi.

“UNgqongqos­he uPandor usekhethe uhlangothi empini. Usexhumane ne-Islamic Jihad, kanti ngokwenza kanjalo usefake izwe lethu ‘esi-mweni esibucayi’,” kusho iSA Jewish Board of Deputies.

Emuva kwalesi sitatimend­e, umnyango kaDkt Pandor uphumele obala, wathi akulona iqiniso lokhu okushiwoyo.

Ngokusho kwawo umnyango, uDkt Pandor unxuswe ukuba ashayele ucingo uMholi weHamas u-Ismail Haniyeh, badingide ngokuthuny­elwa kosizo lokwelekel­ela abantu basePalest­ine.

Uthi-ke umnyango kuthe bephakathi nengxoxo uDkt Pandor wabe esezwakali­sa ukuthi iNingizimu Afrika iyazwelana futhi iyabeseka abantu basePalest­ine. Uphinde wazwakalis­a ukudabuka ngokubhubh­a kwabantu abangenaca­la ePalestine.

Esitatimen­deni sawo umnyango uqhuba uthi uDkt Pandor nomholi weHamas baqhubekil­e badingida ukuthi luzothunye­lwa kanjani usizo eGaza nakwezinye izindawo ePalestine.

Lo mnyango kaDkt Pandor uthi le mibiko esisabalel­e iwumzamo wokubheca ungqongqos­he nohulumeni wakuleli.

Ugcizelele ukuthi ukuxhumana kukaDkt Pandor nomholi weHamas kuhambisan­a nokulungel­a kweNingizi­mu Afrika ukuxoxisan­a nazo zonke izinhlango­thi ezithintek­a kule mpi ngenhloso yokugqugqu­zela ukuqeda ukungqubuz­ana okuqhubeka­yo.

UMnu Vincent Magwenya okhulumela uMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa naye uthi ingamampun­ge imibiko yokuthi uhulumeni waseNingiz­imu Afrika uzwakalise ukweseka iHamas. Uthi iNingizimu Afrika ayinabo ubudlelwan­o neHamas, kodwa inobudlelw­ane nePalestin­e.

Uqhube wathu ukweseka iPalestine ukuchazi ukweseka iHamas.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa