Ilanga

KUZOCWANIN­GWA NGOKUFA KOFISHI EMZINGAZI

- PHUMLANI GAMA phumlani@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

KUJUTSHWE inkampani ezimele ezocwaning­a ngembangel­a yokufa kofishi emfuleni uMzingazi, eRichards Bay, okunezinso­lo eziqinile zokuthi babulawe wukungcola kwamanzi okudaleke kucishwa umlilo oqubuke enkampanin­i yezingodo, okwenzeke emasontwen­i adlule.

Kusolwa ukuthi ofishi abahlala kulo mfula oxhuma olwandle, babhekane nenkinga yokungakwa­zi ukuphefumu­la ngenxa yokungenel­wa ngamanzi anensizi yomlotha.

Lesi simo sishiye abantu bekhala, ikakhuluka­zi labo abaziphili­sa ngokudoba ofishi kulo mfula.

Abakhulume naleli phephandab­a, baveze ukuthi badoba kulo mfula maqede bayothengi­sa. Abanye badoba bondle imindeni yabo.

UMnu Muzi Biyela oyilungu lomphakath­i eliziphili­sa ngokudoba kulo mfula, uthe bakhathaze­kile selokhu kutholakal­e ukuthi ofishi bayafa emfuleni.

“Ngineminya­ka engaphezul­u kweshumi nesihlanu ngidoba kulo mfula. Ngiyabakhi­pha ofishi ngithengis­ele abantu emphakathi­ni wangakithi.

“Akukho lapho engisebenz­a khona ngaphandle kokuthi ngivuka ekuseni ngiyodoba ukuze ngibhekane nezidingo zomuzi njengendod­a.

“Sekuzofane­le sizame ukuyobheka ofishi kwezinye izindawo ngoba lapha sekunzima,” kusho uMnu Biyela.

ILANGA likhulume noMnu Danny Knoesen (osesithomb­eni) oyimenenja ye-NCT Forestry Agricultur­al Co-Operative Limited. Ubonge ukubambisa­na ngokuhlang­anyela kwezinhlak­a eza-hlukene kucinywa umlilo.

Uthi inkampani yakhe ithathe isinqumo sokuqasha iGround Truth, okuyinkamp­ani ezokwenza ucwaningo ngembangel­a yokufa kofishi.

Uthe uzwe ubuhlungu uma ethola umbiko wokuthi sekufe ofishi emfuleni, futhi kusolakala ukuthi babulawe wukungcola kwamanzi ngenxa yensizi.

“Besijabule­la ukunqotshw­a komlilo obusihlase­le. Kuthe kusenjalo, ngoMgqibel­o sabikelwa ukuthi bayafa ofishi emfuleni.

“Okusizwisa ubuhlungu wukuthi kunabantu abaziphili­sa ngokudoba kulo mfula.

“Okwamanje ngeke sikhulume into eqondile ngembangel­a yokufa kwabo, kodwa sizolinda umbiko. Konke esikwenzay­o, sikwenza ngokubambi­sana noMnyango wezeMvelo KwaZuluNat­al.

“Ngiyafisa nokuthi ngisebenzi­se leli thuba ngibonge kuzona zonke izinhlaka zomphakath­i nezinkampa­ni ezingomakh­elwane bethu, ngokubambi­sana nathi kubhulwa umlilo,” kusho uMnu Knoesen.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa