Iyavutha imindeni yasepulazini ngolwezindlu zangasese
Udaba lususwe wukwakhelwa komndeni owodwa izindlu zangasese endaweni
IVUTHA ingabaselwe imindeni emine yaseActonville, eMnambithi, okungowakwaKhumalo nemithathu yakwaGamede, kulandela ukuqubuka kodaba lwezindlu zangasese eziwu-60, ezakhelwe le mindeni wuMasipala wesiFunda uThukela.
Kusolwa lo mkhandlu ngokuthi usebenzise izigidi zemali yabakhokhi bentela ufaka le ngqalasizinda kule ndawo enemizi embalwa.
Kusukela ngeledlule, kusabalale izindaba zokuthi lo mkhandlu usebenzise imali engaphezulu kuka-R15 million, wakha lezi zindlu.
Kuvela ukuthi lezi zindlu zangasese zakhelwe umuzi owodwa kaMnu Sabelo Gamede ongusomatekisi kule ndawo.
Kuthiwa zakhiwe ezinyangeni ezimbili ezedlule. NgoLwesibili ILANGA lihambele kule ndawo ngenhloso yokuzibonela okukhulunywa ngabantu ezinkundleni zokuxhumana.
Nakuba lithwale kanzima leli phephandaba ngesikhathi lifika kule ndawo, kodwa likwazile ukuxoxa nengxenye yamalungu omndeni wakwaKhumalo.
Okulithwalise kanzima kuqale ngesikhathi kufika elinye ilungu lomndeni wakwaKhumalo, elibhoke ngolaka, labuye lasonga ngokulithathela ILANGA izinyathelo zomthetho uma libhala ngalolu daba.
Echaza ngokwenzekayo uMnu Bheki Khumalo ohola umndeni wakwaKhumalo, uthe kubaphatha kabi ukuthi kuqubuke izinkulumo ngoba sebefakelwe intuthuko okungokokuqala selokhu baqala ukuhlala kule ndawo.
“Le ndawo esikuyona ibizwa ngokuthi yiKhumalo’s Farm. Kwafika ikhansela lendawo uMnu Abassa Warrasaly, wathi uzokwethula izindlu eziwu-60.
“Sahlala phansi sahlukaniselana nomakhelwane bethu bakwaGamede, nathi sathatha owethu u-30, sahlukaniselana ngokwamaxhiba alapha kwaKhumalo.
“Lapha kunabafowethu abangaganiwe, kodwa abangabavoti okufanele bayithole intuthuko njengokomthetho wezwe.
“Akulona iqiniso ukuthi wumuzi owodwa owakhelwe izindlu zangasese, kodwa kuhlukenwe ngokwamaxhiba.
“Mina kangiwafakanga emzini wami ngoba nginawo amandla okuzakhela, futhi nginezindlu zangasese ngaphakathi nangaphandle endlini.
“Lawa eniwabonayo ezimele ngaphandle komuzi, alinde ukuthi azosebenza uma sengiqale ukwakha izindlu zemiqasho.
“Salibuza ikhansela ukuthi kungani bengakhelwanga izindlu zokuhlala abantu, impendulo elasinika yona kwaba ngeyokuthi zisazokwakhiwa nazo.
“Siyezwa kuthiwa indlu yangasese iyodwa yakhiwa ngo-R1 million. Kasingeni lapho thina. Bona uma belwa, mabalwe bodwa bangasifaki thina ngoba semukela intuthuko esiyinikwa yikhansela. Thina kasisebenzi kwamasipala.
“Abantu mabayeke ukukhuluma ngathi ngoba kusiphatha kabi lokho, futhi kuhlukumeza nezingane zethu ezikoleni ngoba ziyahlekwa ngalo lolu daba lwezindlu zangasese.
“Enye yezingane zethu igcine isiphakamisa ukuthi kungcono ubuye umasipala uyithathe le ntuthuko yawo enomsindo. Abantu mabayeke ukulwa ipolitiki, kusentshenziswa thina,” kusho uMnu Khumalo.
ILANGA linikele emahhovisi omkhandlu uThukela, lakhuluma nabaholi bawo abebeholwa ngezinkulumo nguNkk Lihle Nqubuka nemenenja yawo, uMnu Mpumelelo Mnguni.
Laba baholi balivumile 'iphutha' lokungalandeleli uma kwenziwa umsebenzi ngemuva kokukhishwa kwethenda yalo msebenzi.
“Ngiyafisa ukuba ngikucacise ukuthi umasipala ubungenalo ulwazi olunzulu ngokwenzekayo kuleya ndawo.
“Izisebenzi zomkhandlu yizona ebesizijube ukuba zihlale ziyobheka umsebenzi. Akulona iqiniso ukuthi umkhandlu usebenzise u-R15 million kwenziwa loya msebenzi, ngoba lena yiphrojekthi yeminyaka.
“Eka-R15 million impela kodwa ibihlelelwe ukuba isatshalaliswe kubona bonke omasipala basoThukela. Ngokohlelo lomkhandlu, iyodwa indlu yangasese siyakha ngo-R16 000, okusho ukuthi laphaya kusetshenziswe u-R960 000.
“Okukhathazayo wukuthi akuqali ukwenzeka lokhu okwenzekayo, ukuthi abantu bavele bakhulume ilumbo ngomkhandlu.
“Siyalibona iphutha elenzekile lokungalandeleli, sakholwa ngokushiwo yizisebenzi.
“Siyakuqonda ukuthi okuningi okukhulunywayo nokwenzekayo, kwenzeka ngoba sekusondele izikhathi zokhetho lapho iningi labantu nosopolitiki, bekhuluma noma yini abayithandayo ngenhloso yokudukisa isizwe.
“Umkhandlu uthathe isinqumo sokuqala uphenyo ngokwenzeka ngesikhathi kwenziwa lo msebenzi,” kusho uMnu Mnguni.
Leli phephandaba lizame kaningi ukuxhumana noMnu Warrasaly, oyikhansela lendawo kodwa ubengatholakali. Ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Sahlukaniselana u-30 ngokwamaxhiba alapha kwaKhumalo.