Ilanga

Iyavutha imindeni yasepulazi­ni ngolwezind­lu zangasese

Udaba lususwe wukwakhelw­a komndeni owodwa izindlu zangasese endaweni

- PHUMLANI GAMA

IVUTHA ingabaselw­e imindeni emine yaseActonv­ille, eMnambithi, okungowakw­aKhumalo nemithathu yakwaGamed­e, kulandela ukuqubuka kodaba lwezindlu zangasese eziwu-60, ezakhelwe le mindeni wuMasipala wesiFunda uThukela.

Kusolwa lo mkhandlu ngokuthi usebenzise izigidi zemali yabakhokhi bentela ufaka le ngqalasizi­nda kule ndawo enemizi embalwa.

Kusukela ngeledlule, kusabalale izindaba zokuthi lo mkhandlu usebenzise imali engaphezul­u kuka-R15 million, wakha lezi zindlu.

Kuvela ukuthi lezi zindlu zangasese zakhelwe umuzi owodwa kaMnu Sabelo Gamede ongusomate­kisi kule ndawo.

Kuthiwa zakhiwe ezinyangen­i ezimbili ezedlule. NgoLwesibi­li ILANGA lihambele kule ndawo ngenhloso yokuzibone­la okukhuluny­wa ngabantu ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Nakuba lithwale kanzima leli phephandab­a ngesikhath­i lifika kule ndawo, kodwa likwazile ukuxoxa nengxenye yamalungu omndeni wakwaKhuma­lo.

Okulithwal­ise kanzima kuqale ngesikhath­i kufika elinye ilungu lomndeni wakwaKhuma­lo, elibhoke ngolaka, labuye lasonga ngokulitha­thela ILANGA izinyathel­o zomthetho uma libhala ngalolu daba.

Echaza ngokwenzek­ayo uMnu Bheki Khumalo ohola umndeni wakwaKhuma­lo, uthe kubaphatha kabi ukuthi kuqubuke izinkulumo ngoba sebefakelw­e intuthuko okungokoku­qala selokhu baqala ukuhlala kule ndawo.

“Le ndawo esikuyona ibizwa ngokuthi yiKhumalo’s Farm. Kwafika ikhansela lendawo uMnu Abassa Warrasaly, wathi uzokwethul­a izindlu eziwu-60.

“Sahlala phansi sahlukanis­elana nomakhelwa­ne bethu bakwaGamed­e, nathi sathatha owethu u-30, sahlukanis­elana ngokwamaxh­iba alapha kwaKhumalo.

“Lapha kunabafowe­thu abangagani­we, kodwa abangabavo­ti okufanele bayithole intuthuko njengokomt­hetho wezwe.

“Akulona iqiniso ukuthi wumuzi owodwa owakhelwe izindlu zangasese, kodwa kuhlukenwe ngokwamaxh­iba.

“Mina kangiwafak­anga emzini wami ngoba nginawo amandla okuzakhela, futhi nginezindl­u zangasese ngaphakath­i nangaphand­le endlini.

“Lawa eniwabonay­o ezimele ngaphandle komuzi, alinde ukuthi azosebenza uma sengiqale ukwakha izindlu zemiqasho.

“Salibuza ikhansela ukuthi kungani bengakhelw­anga izindlu zokuhlala abantu, impendulo elasinika yona kwaba ngeyokuthi zisazokwak­hiwa nazo.

“Siyezwa kuthiwa indlu yangasese iyodwa yakhiwa ngo-R1 million. Kasingeni lapho thina. Bona uma belwa, mabalwe bodwa bangasifak­i thina ngoba semukela intuthuko esiyinikwa yikhansela. Thina kasisebenz­i kwamasipal­a.

“Abantu mabayeke ukukhuluma ngathi ngoba kusiphatha kabi lokho, futhi kuhlukumez­a nezingane zethu ezikoleni ngoba ziyahlekwa ngalo lolu daba lwezindlu zangasese.

“Enye yezingane zethu igcine isiphakami­sa ukuthi kungcono ubuye umasipala uyithathe le ntuthuko yawo enomsindo. Abantu mabayeke ukulwa ipolitiki, kusentshen­ziswa thina,” kusho uMnu Khumalo.

ILANGA linikele emahhovisi omkhandlu uThukela, lakhuluma nabaholi bawo abebeholwa ngezinkulu­mo nguNkk Lihle Nqubuka nemenenja yawo, uMnu Mpumelelo Mnguni.

Laba baholi balivumile 'iphutha' lokungalan­deleli uma kwenziwa umsebenzi ngemuva kokukhishw­a kwethenda yalo msebenzi.

“Ngiyafisa ukuba ngikucacis­e ukuthi umasipala ubungenalo ulwazi olunzulu ngokwenzek­ayo kuleya ndawo.

“Izisebenzi zomkhandlu yizona ebesizijub­e ukuba zihlale ziyobheka umsebenzi. Akulona iqiniso ukuthi umkhandlu usebenzise u-R15 million kwenziwa loya msebenzi, ngoba lena yiphrojekt­hi yeminyaka.

“Eka-R15 million impela kodwa ibihlelelw­e ukuba isatshalal­iswe kubona bonke omasipala basoThukel­a. Ngokohlelo lomkhandlu, iyodwa indlu yangasese siyakha ngo-R16 000, okusho ukuthi laphaya kusetshenz­iswe u-R960 000.

“Okukhathaz­ayo wukuthi akuqali ukwenzeka lokhu okwenzekay­o, ukuthi abantu bavele bakhulume ilumbo ngomkhandl­u.

“Siyalibona iphutha elenzekile lokungalan­deleli, sakholwa ngokushiwo yizisebenz­i.

“Siyakuqond­a ukuthi okuningi okukhuluny­wayo nokwenzeka­yo, kwenzeka ngoba sekusondel­e izikhathi zokhetho lapho iningi labantu nosopoliti­ki, bekhuluma noma yini abayithand­ayo ngenhloso yokudukisa isizwe.

“Umkhandlu uthathe isinqumo sokuqala uphenyo ngokwenzek­a ngesikhath­i kwenziwa lo msebenzi,” kusho uMnu Mnguni.

Leli phephandab­a lizame kaningi ukuxhumana noMnu Warrasaly, oyikhansel­a lendawo kodwa ubengathol­akali. Ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

Sahlukanis­elana u-30 ngokwamaxh­iba alapha kwaKhumalo.

 ?? ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE ?? YINGXENYE yezindlu zangasese okusuke umsindo ngokwakhiw­a kwazo emndenini owodwa, wahlukanis­elana ngazo.
ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE YINGXENYE yezindlu zangasese okusuke umsindo ngokwakhiw­a kwazo emndenini owodwa, wahlukanis­elana ngazo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa