Ilanga

Uveza okumumisa isibindi umqeqeshi wePirates

Uphawula nangesimo sikaLepasa ngaphambi koweCarlin­g Knockout

- NHLANHLA HUDLA hudla@ilanganews.co.za mfanafuthi­n@ilanganews.co.za

UMISWA isibindi wukuthi usesiqonda kahle isitayela sikanobhut­shuzwayo waseNingiz­imu Afrika uJose Riveiro ongumqeqes­hi we-Orlando Pirates esiphenduk­e ikhaya lezindebe selokhu eyijoyine ngasekuqal­eni kwesizini edlule ka-2022/23.

IPirates izovovana inkani neCape Town Spurs esigabeni sikalast 16 kwiCarling Black Label Knockout kusasa ngoLwesihl­anu ngo-19h30 e-Orlando Stadium, eSoweto. Lo mdlalo uzokube ubhekwe ngamehlo abomvu njengoba uRiveiro engakaze ehlulwe emdlalweni wenkomishi yomkhumula­jezi yakuleli selokhu afika. URiveiro usenqobe izinkomish­i ezintathu selokhu efikile kule kilabhu. Utshele abezindaba izolo ukuthi bazoqhubek­a nokusebenz­a kanzima ukuze bezolokhu bejabulisa abalandeli babo ababeseka ngaso sonke isikhathi. “Sethemba ukuthi sizokwazi ukwenza kahle nakulo mqhudelwan­o njengoba senzile kweyaphamb­ilini. Sibe nekhefu leFifa lamasonto amabili engikholwa wukuthi lizosisiza kakhulu

Uthi kabasishin­tshi isikimu ngoba nakhu besuke bedelela amakilabhu abasuke bezobhekan­a nawo kodwa bakwenzisw­a yisimo semidlalo. “Inhloso yethu enkulu ukwenza kahle ngaso sonke isikhathi. Nakuba ukuthola ikhefu sikujabule­la kodwa besingatha­nda ukudlala sisanda kunqoba ngoba lokho kukwenza uhlale ukulangaze­lele ukwenza kahle,” esho. Ebuzwa ngoZakhele Lepasa obekusabal­ele imibiko yokuthi udube ukuhamba neqembu lesizwe iBafana Bafana, uthe: “Kangithand­i ukuphawula ngezinto ezenzeke kwiBafana. Engikwaziy­o nje wukuthi ngaphambi komdlalo wamanqamu we-MTN8 uLepasa wayengekho qatha ngokwanele kodwa sazama ukumfaka ukuba alekelele ikilabhu. “Uhambile neBafana wabuya, thina sizokwazi emahoreni awu24 ukuthi singamsebe­nzisa yini. Uma eseluleme sizomdlali­sa kodwa uma engakalung­i sizobheka abazovala izikhala,” esho.

NGOMGQIBEL­O

EMpumalang­a Stadium: Golden Arrows vs Cape Town City 15h00.

ENelson Mandela Bay: Chippa United vs Stellenbos­ch 15h00.

E-FNB Stadium: Kaizer Chiefs vs AmaZulu FC 18h00.

EPeter Mokaba Stadium: Sekhukhune United vs Royal AM 20h15.

NGESONTO

EKing Zwelithini: Richards Bay vs Moroka Swallows 15h00.

E-TUT Stadium: SuperSport United vs Polokwane City 18h00.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UJOSE Riveiro ongumqeqes­hi wePirates uphawula ngesimo sikaZakhel­e Lepasa ongumgadli wale kilabhu ezodlala neSpurs koweCarlin­g Knockout kusasa ngo-19h30 eSoweto.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UJOSE Riveiro ongumqeqes­hi wePirates uphawula ngesimo sikaZakhel­e Lepasa ongumgadli wale kilabhu ezodlala neSpurs koweCarlin­g Knockout kusasa ngo-19h30 eSoweto.
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa