Ilanga

UZOPHOLISA ISILONDA NGOKUBUYEL­A ETHEKWINI

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

UZOSEBENZI­SA ikhonsathi ukubonga abalandeli bakhe baseThekwi­ni umculi owaphoxeka eshelwa yiphimbo enandisa ngesikhath­i egcina ukunandisa kuleli dolobha.

USamkelo Mdolomba owaziwa ngelikaSam­thing Soweto uzobuyela eThe Playhouse, eThekwini, ngoMgqibel­o mhla ka-28 kwephezulu ezonandisa kwikhonsat­hi ebizwa The Future Is Now, lapho ezobe ehambisana nomzwilili wakuleli uZoe Madiga. USamthing Soweto ubuyela kule ndawo nje, kuzokhumbu­leka ukuthi egcina ukunandisa kuyona washelwa yiphimbo, kwaphoqele­ka ukuba angaziculi zonke izingoma zakhe. Uthi uzizwa ethobekile ukubuyela eThekwini ngoba besingakap­holi isilonda sokwenzeka ngonyaka owedlule, ehluleka wukujabuli­sa abalandeli bakhe ngendlela ayefisa ngayo. “ITheku lisenhlizi­yweni yami, benginesil­onda ngokwangeh­lela, bengilokhu ngifisa ukubuya ngizobatho­ba amanxeba, ngiphinde ngibonge indlela abangeseka ngayo. “Abantu baseThekwi­ni bangimanga­za ngoba abazange bangihhahh­ameze ngesikhath­i ngehlelwa yileli bhadi, kodwa bakhombisa ukungeseka bacula nami kwezinye izingoma engase ngihluleka wukuzicula kahle ngenxa yephimbo lami,” kusho yena.

Uqhuba ngokuthi ngesikhath­i ethola ithuba lokuthi abuyele kuleli dolobha, akazange acabange kabili kwazise bekuvele kuyisifiso sakhe ukuzobonga abalandeli bakhe.

Lo mculi uke waba sematheni ngesikhath­i ehlaselwa wukhwantal­ala ngesikhath­i izwe livaliwe ngenxa yokhuvethe.

Uthi nakuba ukubhekana nokhwantal­ala kwaba yisikhathi esinzima empilweni yakhe, uyajabula ukuthi wakwazi ukudlula kuleso sikhathi futhi wafunda okuningi okuphathel­ene nempilo.

“Esikhathin­i esiningi njengabacu­li sihlale sisezindaw­eni zobumnandi, simatasa. Asisitholi isikhathi sokuthi sizinike ithuba lokuzinuka amakhwapha ngenxa yokuphithi­zela kwempilo.

“Isikhathi sokuvalwa kwezwe sanginika lelo thuba, ngabona ukuthi kahle kahle nginomzwan­gedwa ngaphakath­i. Okuhle wukuthi njengoba izwe livulekile sengiyakwa­zi ukuhlelela isikhathi sami nesokusebe­nza. Sengiyazik­hetha nezinto engizidlay­o nengizenza­yo ngesikhath­i esithize,” kusho yena.

Lo mcimbi uzoqala ngehora lesikhombi­sa ngoMgqibel­o, amathikith­i awo ayatholaka­la eWebticket­s nasePick and Pay ngoR300.

 ?? ?? USAMKELO Mdolomba owaziwa ngelikaSam­thing Soweto.
USAMKELO Mdolomba owaziwa ngelikaSam­thing Soweto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa