Kunconywa AmaBhokobhoko ngokungaliphonsi ithawula
Azobhekana ne-All Blacks kowamanqamu obhekwe wumhlaba wonke
UTUSA amagalelo ozakwabo ngokungasheshi ukuphonsa ithawula uHandre Pollard ongumdlali wamaBhokobhoko ahlule i-England ngo-16-15 kwisemi final yeNdebe yoMhlaba yebhola lombhoxo ngoMgqibelo ebusuku eStade de France, eParis eFrance.
Ziye ekhefini i-England ihamba phambili ngo-12-6 emuva kokuba elakuleli belenza amaphutha abedala ukuba lihlawule ngamaphenathi.
UPollard - ongawuqalanga lo mdlalo kwazise ungene esuka ebhentshini - uqokwe njengomdlali ovelele kwazise ube nesandla esikhulu ekuwezeni elakuleli kowamanqamu elizowugijima ne-All Blacks yaseNew Zealand ngoMgqibelo ngo-21h00.
Ekhuluma emuva kwalo mdlalo lo mdlali - ofike le midlalo seyiphakathi ngenxa yokushiywa ngaphandle eqenjini labawu-33 abamenyezelwa ukumela elakuleli ezinyangeni ezimbalwa ezedlule ngenxa yokungalulami ngesikhathi - uthe: “Sijabule kakhulu ngalo mphumela esiwutholile. Sisebenze kakhulu ngokubambisana okuyikhona okusenze sanqoba.
“Bekungelula njengoba bese silandela emuva ngesiwombe sokuqala. Bekunzima kakhulu kulo mdlalo kodwa sakwazi ukulwa ngokubambisana, okuyinto esisebenzela kakhulu emidlalweni yethu yakamuva.
“Ukukhahlela lawaya mabhola engiwakorile bekuyinto engelula, kodwa njenge-flyhalf yiyona nto esiphilela yona nesijabulisayo uma siyenze kahle. Ngiyayivuma i-England isinike umdlalo onzima kakhulu futhi bekungenzeka noma yini kulo mdlalo,” esho.
U-Owen Farrell ongukaputeni we-England, uncome indlela elakuleli elidlale ngayo kulo mdlalo.
“Bakhombisile ukuthi bayiqembu elivikela le ndebe. Ngiyababongela ngomsebenzi abawenzile. Ngikholwa wukuthi nathi besinalo ithuba lokunqoba, kodwa kwasho ukuthi besidlala neqembu eliwunombolo 1 emhlabeni.
“Siye kulo mdlalo ngenhloso yokuwunqoba kodwa kwangenzeka. Ngiyaziqhenya ngomsebenzi owenziwe ngabadlali.
Nakuba singanqobanga, kodwa sikhombisile ukuthi sinekusasa eliqhakazile kulo mdlalo uma ubheka iminyaka yabadlali esinabo eqenjini,” kusho lo mdlali obekuthi makalidle alifele elakuleli njengoba kunguyena otholele izwe lakhe wonke amaphuzu.
UJacques Nienaber ongumqeqeshi wamaBhokobhoko, uthe bazokwenza isiqiniseko sokuthi amaphuzu bawaqoqa kusakhanya kowamanqamu.
Uthi bafunde lukhulu kule midlalo emibili yomkhumulajezi abayidlalile.
Umqeqeshi we-England uSteve
Borthwick, ebuzwa ngokuthi yini enzima ukwehlula ukushaya elakuleli, uphendule ngokuthi: “Banabadlali abanesipiliyoni esinzima kabi. Kabasheshi ukulahla ithawula, bayakwazi ukubuya ngamandla okuyikhona okubasebenzelayo.”
Elakuleli lizobhekana ne-All Blacks abagcina ukudlala nayo kowamanqamu ngo-1995, e-Ellis Park, eGoli, lapho okwanqoba khona elakuleli.
Ozonqoba kulo mdlalo uzoziqophela owakhe umlando ngokuba ngowokuqala ukunqoba le nkomishi ihlandla lesine kwazise womabili la maqembu, asawunqobe kathathu lo mqhudelwano ngokwahlukana.
* I-England izobanga izindondo zethusi ne-Argentina ngoLwesihlanu ngo-21h00. I-Argentina ikhishwe yi-All Blacks kuma-semi final ngembudlu ka-44-6.
* Khonamanjalo iSharks yaseThekwini ihambe inqina kamabuyaze kowe-United Rugby Championship ihlulwa yiMunster yase-Ireland ngo-34-21 ekuhambeni.