Ilanga

Ibonakele imisebenzi yokuzikhan­dla siwashisa ijezi iKaizer Chiefs

- IKHALAPHI: NOPHILANI 'PRO' NDLELA

SAPHINDA sahlangana futhi siwumndeni woSuthu!

Niyazi ukuthi bengilokhu nginidwebe­la isithombe ngesikhath­i sekhefu leFifa ngokuqhube­ka kahle kwamalungi­selelo ekilabhu ngaphansi kweso elibukhali lomqeqeshi wethu, uPablo Franco Martin.

Phela ngukaputen­i wethu kuphela obengekho, uVeli Mothwa njengoba ebebizelwe kwiBafana Bafana.

Abalandeli bazomangal­a ukuthi empeleni uMothwa uzicije kanye nje nekilabhu ngaphambi komdlalo wangoMgqib­elo esihlule kuwona iKaizer Chiefs ngo-1-0, siyikhipha kwiCarling Black Label Cup.

Phela wabuya kuleli bephuma e-Ivory Coast entathakus­a yangoLwesi­ne. Ngifisa simbongele ngokumela ikilabhu ezingeni eliphezulu. Sikushayel­a ihlombe Veli!

Okunye okujabulis­a kakhulu wukudlulel­a kuma-quarter final eCarling emuva komsebenzi onzima owenziwe ngabadlali nabaqeqesh­i.

Ukuzinikel­a kwabo kusisondez­e eduze kwempumele­lo esiyidinga­yo. Igoli likaTaariq Fielies elingene ngomzuzu ka-88, lisijabuli­se ngokungach­azeki. Qhubekani nomsebenzi omuhle.

FIKANI NGOBUNINGI KUSASA EMABHIDA UKUMBOZA IPIRATES

Ngifisa ukubongela iqembu lethu lika-U/13 ngokunqoba iligi. Ikhono labo, ubuchule nokuzinike­la yikhona okwenze bazuza lo mqhele. Niyikusasa lekilabhu, qhubekani nokuqhakaz­a!

Maduzane sizomemeze­la ukwethulwa ngokusemth­ethweni kwamaziko amasha abalandeli. Lokhu kukhomba ukukhula komndeni woSuthu.

Phela lokhu bekungeke kube yimpumelel­o ngaphandle kothando nokwethemb­eka enikukhomb­isa ekilabhini.

Kusasa ngoLwesibi­li sizobhekan­a ne-Orlando Pirates koweligi eMoses Mabhida Stadium ngo-19h30. Yebo, sesingenil­e kuma-quarter final eCarling, kodwa manje sekumele sigxilise imiqondo yethu eligini.

Nakuba siyihlonip­ha iPirates, kodwa indawo esihleli kuyona kwilog iyaphoqa ukuba singesabi muntu ukuze siqoqe amaphuzu esiwadinga­yo.

Amathikith­i atholakala eTicketPro nasezitolo zakwaSpar ngo-R60 awabadala no-R40 izingane. Izitha zethu kumele zifike sesizilind­e ngengoma! Kanti kulindwe bani?

Ningakhohl­wa yiBootcamp ezokuba sePeople’s Park ngaseMoses Mabhida Stadium. Ukuba yingxenye yayo u-R125 kanti konke esizokwenz­a kuzoqala ngo-8 kuya ku-10 ekuseni.

Amathikith­i athengiswa esitolo sethu, AmaZulu Fan Experience, esiseMoses Mabhida. Ngizohlale nginiphake­la zishisa ezenzeka oSuthwini, okwenu wukubeka indlebe. Ugqozi nothando lwenu lwenza sihlale siwumndeni ohlangene oSuthwini. Uma siyimbumba akekho ongasithin­ta! Hebe!

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa