Ilanga

UMQEQESHI WOSUTHU UBALISA NGE-PIRATES

- MZWAMANDLA ZONDI zondim@ilanganews.co.za

UMQEQESHI wamaZulu FC uPablo Franco Martin ubalisa ngokuqhath­wa nezinkunzi zaseSoweto emidlalwen­i ehlukanisw­e yizinsuku ezimbili okuzokwenz­a ukuba ezakhe zingakwazi ngisho ukwelula imisipha phakathi kwayo (imidlalo).

USuthu luzogaduli­sana ne-Orlando Pirates koweDStv Premiershi­p kusasa ngoLwesibi­li ngo-19h30 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

INyokan’ Eluhlaza izokuya kulo mdlalo nje, iphuma komunye onzima njengoba iwashise ijezi iKaizer Chiefs ngo-1-0 kwiLast 16 yeCarling Black Label Cup ngoMgqibel­o ebusuku eFNB Stadium, eGoli.

Kulo mdlalo uSuthu lunqobe ngegoli likaTaariq Fielies elingene ngomzuzu ka-88. Ukunqoba koSuthu kwenze abalandeli beChiefs balwa, befuna igazi likaMolefi Ntseki ongumqeqes­hi. UPablo utshele abezindaba ukuthi kabukho ubulungisw­a ekutheni badlaliswe imidlalo emibili enzima ezinsukwin­i ezintathu.

Ukhale ngokuthi iPirates izothola isikhathi esithe xaxa sokuphumul­a njengoba owayo weCarling iwudlale ngoLwesihl­anu, ikhipha iCape Town Spurs ngo-2-0 eSoweto. Kulo mdlalo kugqame uThembinko­si Lorch obesenesik­hathi eside agcina ukubonakal­a kwiBucs, ogcine eqokwa njengomdla­li wosuku wahamba noR100 000. KoweChiefs noSuthu kuqokwe uKeagan Dolly. “Kunzima ukugijima imidlalo enzima izinsuku zilandelan­a. Njengoba siphuma kwiChiefs, ngeke sibe naso isikhathi sokulungis­elela umdlalo wePirates ngenxa yokusondel­ana kwezinsuku. Kodwa-ke kayikho into esizoyenza, sizodlala ngoLwesibi­li. “Bengicaban­ga ukuthi iligi izosinika izinsuku ezilingana­yo zokuzilung­iselela ngoba sonke silwela into eyodwa, ukuqeda sisendawen­i enhle kwi-log.

“Yize kunjalo, siwulindel­e ngabomvu umdlalo wethu nePirates,” kusho uPablo ozokube ebhekene nomkhaya wakhe waseSpain, uJose Riveiro.

AmaZulu azodlala lo mdlalo ngaphandle kwesiqonqw­ane sawo u-Abbubaker Mobara onekhadi elibomvu.

Amathikith­i alo mdlalo abiza uR60 awabadala kanti awezingane awu-R40 eTicketPro nasezitolo zakwaSpar.

 ?? ?? NGU-TAARIQ FIELIES
NGU-TAARIQ FIELIES
 ?? ?? NGUTHEMBIN­KOSI LORCH
NGUTHEMBIN­KOSI LORCH

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa