Ilanga

I-BAY FC ISIYIPHUZE INYONGO ISWALLOWS

- SENZO SOKHELA www.ilanganews.co.za

IQHUBEKILE nokwenza iMoroka Swallows ithofi layo iRichards Bay FC iyikhipha ngo-2-1 koweLast 16 kwiCarling Back Label Knockout izolo ngeSonto ntambama eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

Amagoli eBay ashaywe ngu-Abel Mabaso ngomzuzu ka-15 noYonela Mbuthuma ngoka-61, kwathi eleSwallow­s leza noGabadinh­o Mhango ngoka-51.

ISwallows ize kulo mdlalo ngenhloso yokuzoziph­indiselela kwazise iBay iyehlule emdlalweni weligi, ekubeni beyingakaz­e yehlule muntu (iBay) kule sizini.

Kubukeka sengathi iBay isiyiphuze inyongo iSwallows.

USteve Komphela, ololonga iSwallows, ukhale ngodonga lwakhe lwasemuva, wathi lubenzele phansi.

“Ngesiwombe sesibili sibuye saba ngconywana, kodwa nakhona besingebah­le kahle.

“Igoli lesibili nalo kube yiphutha lethu,” kusho uKomphela.

UKaitano Tembo oqeqesha iBay, uncome abadlali bakhe ngokuzinik­ela.

Nokho ukhalile ngokunikwa kuka-Andile Jali umklomelo womdlali ovelele.

Uthi bekufanele unqotshwe nguMbuthum­a. Kulo mqhudelwan­o umdlali ovelele uvotelwa ngabalande­li.

“Kuzofanele ifakelwe izibuko le ndlela yokuvota ngoba kayelekele­li. Le nto ibulala imimoya kubadlali abasebanca­ne.

“Kodwa-ke kungijabul­isile ukubona abafana bethu bedlala kahle ngalolu hlobo.

“Okunye okungijabu­lisile wukuthi sishaye amagoli amabili.

“Ngiyethemb­a ukuthi sizoqhubek­a nalo mgqigqo nasemdlalw­eni wethu weligi olandelayo neCape Town City,” kusho uTembo.

* Imiphumela yemidlalo kaLast 16 yeCarling imi kanje: Bay FC 2, Swallows 1; Sekhukhune 1, AM 0; Chiefs 0, AmaZulu FC 1; Arrows 3, Cape Town City 1; Chippa 1, Stellenbos­ch 2; Pirates 2, Spurs 0; Galaxy (2) (5), Sundowns (2) (4).

* SILOBE ungakaphel­i umdlalo weSuperSpo­rt United nePolokwan­e City.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa