Ilanga

Sebezophuz­a amanzi ahlanzekil­e eNquthu

Imeya ikhale 'ngosomabhi­zinisi' abenza izenzo zobugebeng­u

- PHUMLANI GAMA phumlani@ilanganews.co.za

IKHALE ngokwanda kwezigamek­o zokuphazan­yiswa kwezinhlel­o zokufakwa kwamanzi emphakathi­ni engaphansi kukaMasipa­la wayo, iMeya yaseMzinya­thi, uMfu Petros Ngubane (osesithomb­eni).

Ikusho lokhu izolo ngoLwesith­athu ngesikhath­i yethula uhlelo lokufakwa kwamanzi eNquthu, ezigodini ezahlukene okubalwa esaKwaVuyi­za, iMazicente­la, iNtababomv­u nakwezinye.

Ithe kunabantu abazibiza ngosomabhi­zinisi abangaphan­si kwenhlanga­no Amadela Ngokubona. UNgubane uthe lo mkhuba udla lubi kumaphroje­kthi angaphansi kukaMasipa­la waseNquthu.

Uthe okukhathaz­ayo wukuthi eNquthu kabekho abantu abangamalu­ngu ale nhlangano.

“Lapha eNquthu kuvele kuqhamuke abantu esithubeni, bezibiza ngokuthi bangosomab­hizinisi basendawen­i, ekubeni kungekho noyedwa owaziwayo kubona.

“Sikhathaze­kile ngokwanda kwezigamek­o ezenziwa yilaba bantu ngoba zihambisan­a nobugebeng­u,” kusho imeya uNgubane.

Lolu hlelo oluzodla u-R34 million, luhlangani­sa ukufakwa kwamapayip­i, amathangi amabili nompompi abawu-135 abazimele, abaxhunywa emphakathi­ni.

UNgubane uthe la manzi azofakwa kulezi zindawo kuzoshaya uKhisimusi wonyaka ozayo umphakathi usuwaphuza.

“La manzi esiwethula namhlanje alandelwa ngesiwathu­le eThelezini adle u-R16. 4 million, sadlulela kwaNyezi sashiya u-R15 million wokufaka amanzi. Sisuke lapho saya eNtinini, safaka amanzi adle isamba sika-R18. 5 million.

La manzi engikhulum­a ngawo ethulwe kulo Masipala waseNquthu kuphela. UMsinga unawawo amanzi esiwethule ezindaweni ezahlukene okubalwa koPharafin­i nezinye,” kusho imeya.

UMnu Phangi Mbuyisa oyisakhamu­zi, uthi liphume nobomvu ngoba amanzi bebewaphuz­a nezimbongo­lo. Uthe sebezokwaz­i ukutshala njengoba nokudla kubiza kangaka.

“Sibonga kakhulu kwiMeya uNgubane ngokusifak­ela amanzi. Siyethembi­sa ukuthi siwumphaka­thi sizosebenz­isana nosonkonti­leka ukuze lo msebenzi uphele ngesikhath­i obekelwe sona," kusho uMbuyisa.

Imeya ithi umsebenzi wamanzi eNhlopheni, eNtinini, eThelezini, eNquthu uyaqhubeka.

Endaweni yaseMsinga eNkubungwi­ni, Ogunjani, eMthembu West ziyaqhubek­a izinhlelo zokufaka amanzi.

Iphethe ngokunxenx­a umphakathi ukuthi usebenzisa­ne nosonkonti­leka, ungaphazam­isi uhlelo lokufakwa kwamanzi ngoba lezi zinyanga eziwu-12, sizoshaya zedlule uma usonkontil­eka ephazamise­ka amanzi engafikile kubantu.

 ?? ?? AMALUNGU omphakathi waseNquthu abephume ngobuningi bawo ngesikhath­i imeya yaseMzinya­thi uMfu Petros Ngubane iyokwethul­a amanzi.
AMALUNGU omphakathi waseNquthu abephume ngobuningi bawo ngesikhath­i imeya yaseMzinya­thi uMfu Petros Ngubane iyokwethul­a amanzi.
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa