Ilanga

Umbuthano we-AGOA yithuba lokuqinisa ubudlelwan­o bethu neMelika

- EZOMNOTHO: noBUSI MAVUSO

KUYANGIJAB­ULISA ukuthi ekuqaleni kwenyanga ezayo umbuthano wemboni ezimele nezikhulu zaseMelika i-African Growth and Opportunit­y Act (AGOA) Private Sector Forum, uzoqhubeka ubanjelwe eNingizimu Afrika.

Baningi abashaya umthetho eMelika abebephaka­misa ukuthi lo mbuthano uthuthelwe kwenye indawo.

Bayabuza ukuthi kusafanele yini sihlomule esivumelwa­neni esenza amanye amazwe ase-Afrika ahlomule okuthe xaxa uma ehwebelana neMelika, i-AGOA, ngoba lesi sivumelwan­o senzelwe amazwe angabeki engozini ezokupheph­a zeMelika.

Kodwa lo mbuthano usinika ithuba thina bamabhizin­isi bakuleli ukutshengi­sa ukuthi kubaluleke kangakanan­i ukuhwebela­na phakathi kwala mazwe womabili.

Siyakuqond­a ukuthi iMelika kuyethusil­e ukusibona sisebenzis­ana nezokuvike­la zaseRussia naseChina, futhi savumela nomkhumbi waseRussia ukuthi upake echwebeni eSimon's Town, nebhanoyi elafikele esikhumulw­eni sezindiza sombutho wezokuvike­la kuleli iWaterkloo­f.

Izikhulu zethu zikhiphe izitatimen­de eziphikisa­nayo ngokuthi simiphi neRussia ngesikhath­i noMengamel­i Cyril Ramaphosa ehlangene nowaseRuss­ia, uMnu uVladimir Putin, eSt Petersburg ngoNtulika­zi (July).

Bebedinwe beqhuma eMelika ngesikhath­i kubhungwa ngobudlelw­ano beNingizim­u Afrika neMelika ngenyanga edlule.

Ukuzama ukulungisa ubudlelwan­o, maningi amathimba aseye eWashingto­n DC, kwelomkhul­u laseMelika, okubalwa kubona abaholi bepolitiki nabamabhiz­inisi, ukuyoxoxis­ana nabaseMeli­ka ngezinto ezibakhath­azayo.

Ziningi izinto esifana ngazo neMelika, uma sibheka imboni ezimele.

Sobabili singamazwe abuswa yintando yabantu futhi siyawuhlon­ipha umthetho. Amabhizini­si ethu asebenza emazweni lapho amazinga okuncintis­ana ephezulu.

Imboni ezimele kula mazwe omabili iyasebenzi­sana kakhulu, kunezinkam­pani eziwu-600 zaseMelika ezisebenze­la lapha eNingizimu Afrika futhi iMelika ingelinye lamazwe esilidayis­ela izimpahla zethu, futhi yinhle imali esiyenzayo khona.

IMelika yizwe elibalulek­ile kithina uma sikhuluma ngokudayis­a izimpahla esizikhiqi­zayo njengezimo­to nemikhiqiz­o yezolimo.

Ukuqhubeka sibe yingxenye ye-AGOA kubaluleki­le, njengoba sinezinto esizidayis­ela iMelika.

Kuyacaca ukuthi imizamo yokulungis­a izinto iyaphumele­la ngoba nanku umbuthano usaqhubeka nokuba kuleli

Ngikubona kuwuphawu oluhle ukuthi ubudlewano bethu buyalungis­eka kanti nomphumela wophenyo ngomkhumbi iLady R, owaveza ukuthi abukho ubufakazi bokuthi kwalayishw­a izikhali ezelekelel­a iRussia empini yayo ne-Ukraine, usizile.

Ichazwe kangcono nento yokuthi iNingizimu Afrika kayihambis­ani namuntu (empini yeRussia ne-Ukraine), okutshengi­sa ukuthi kuyabonaka­la ukuthi amazwe aseNtshona­langa abalulekil­e kithina, yize nokusebenz­isana kwethu nawaseMpum­alanga kukhula, futhi kufanele siqhubeke sixoxisane nawo.

INingizimu Afrika kufanele ilisebenzi­se ithuba lalo mbuthano futhi ngiphakami­sa ukuthi amalungu eBusiness Leadership South Africa (BLSA) enze njalo.

Izingxoxo zaseMelika ziholwa yiCorporat­e Council on Africa, ebunjwe ngabamabhi­zinisi amaningi aseMelika asebenza ezwenikazi lonke.

Umbuthano wenganyelw­e wuMnyango wezokuHweb­a, iziMboni nokuNcinti­sana, ngokubambi­sana neBLSA, iBusiness Unity South Africa ne-American Chamber of Commerce.

Ingqikithi yalo mbuthano ithi, “Siyabambis­ana ukwakha i-AGOA ekwazi ukuzimela futhi engabandlu­luli, ukweseka umnotho, izimboni nokwakha imisebenzi enohlonze.”

Lokhu kuyahambis­ana nathi ngoba izinto ezithengwa yiMelika zeseka izimboni eziningi okusiza, umnotho wethu.

Lo mbuthano uzohlangan­isa abantu abawu-450 abaqhamuka emazweni angakwazi ukubamba iqhaza kwi-AGOA kodwa njengoba ukuleli zwe, kusinika ithuba elihle lokuqinisa ubudlelwan­o bethu neMelika.

Kufanele sitshengis­e ukuthi i-AGOA iwusiza kanjani umnotho waseMelika njengoba ikwazi ukuthenga izimpahla ezisezinge­ni eliphezulu, kusukela ezimotweni kuya emawayinin­i.

Lobu budlelwano bubaluleke kakhulu, uma sibheka umthamo wezinto esihwebela­na ngazo, kunesinabo neRussia.

Kusukela kwezokuvak­asha kuya ekwesekeni imboni yethu yamafilimu, iMelika imqoka futhi i-AGOA iyasiza ukuvikela ubudlelwan­o bethu nemboni ezimele.

Uma singakunak­i kakhulu ukubhimba kwethu kwezepolit­iki, ubudlelwan­o bamabhizin­isi phakathi kweMelika neNingizim­u Afrika bubaluleki­le, futhi kufanele sibunakeke­le.

*UNkz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa