Ilanga

Masibuyele emuva, sifune umsuka wezinkinga ezisihaqil­e namuhla

-

MHLELI: Siyabonga ngoba sesifikile isikhathi lapho abafundi baseNingiz­imu Afrika, abenza ibanga leshumi, sebefike esiphethwe­ni semfundo yabo yamabanga (Grade).

Sibabongel­a sinovalo ngokuthi ikusasa libaphathe­leni, njengoba izwe lakithi lisesimeni elikuso, ngendaba yokushoda kwemiseben­zi.

Kungaba sesikhona yini isisekelo sendlela abazoyitha­tha kusuka ngonyaka ozayo, lapho abanye bezobheka imisebenzi, abanye baqhube imfundo yabo ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme, ngethemba lokuba uma bephothula bazothola imisebenzi, abanye basungule okuthize okuzokwenz­a baziphilis­e?

Nayi-ke indaba, abampishol­o abasebasha kuvela ukuba yibona abaningi kwabentula imisebenzi.

Ngabe yini le esingayenz­i kahle thina abampishol­o, esenza kube yithi esisalela emuva kokuningi?

Amandla esinawo njengabant­u abampishol­o uma sibumbene, makhulu kakhulu kodwa kasiwasebe­nzisi.

Ngikhuluma kanjena nje, kungoba ziqalile izingane ukubhala izivivinyo zokugcina ngethemba lekusasa eliqhakazi­le.

Kusenjalo, kukhalwa ngapha nangapha ngezingane ebezingaba­hloniphi othisha ezikoleni, kuphinde kukhalwe ngokukhule­lwa kwezingane zamantomba­zane ezisencane.

Nathi safunda nje, lezi zinkinga esizibona namuhla zaziyivela kancane ngezikhath­i zethu. Ngabe konakeleph­i kulezi zanamuhla izingane? Ngabe akonakele yini emuva ekhaya, ngabe lokhu esikubonay­o kakuwona yini amaphutha abazali enzeke izolo nakuthangi, aseziveza ezinganeni namuhla?

Amafindo esawabopha siqondile noma singaqondi­le, akuwo yini lawa esebopha izingane zethu namuhla?

Ngithi-ke make sigawule sibheke uma sikhuluma noma senza, ngoba lokhu okuphuma emilonyeni yethu akungcolis­i thina kuphela, kepha kungcolisa imuva lethu kanjalo nekusasa, bese kuziveza ezinganeni lezi esithi ziyikusasa lezwe.

Okuningi esikhala ngakho namuhla, akuqhibuka­nga wena owabona ikhowe kepha kuqale kuziveza kancane kancane.

Kumele sibheke emuva ukuthi konakeleph­i, noma yini esingayenz­i kahle esiba yisibopho namafindo namuhla nakusasa.

Ngelinye ilanga ngiyofisa ukuba sibuyele kwamhlaba, sibe ngabantu abanobuntu futhi abalikhath­alele nekusasa.

Makwande ukukhanya, kudede ubumnyama.

Makhosi Zimisele Mbongwa, KwaDumisa, eMzinto

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa