Ilanga

UMESSI UDALULA INGCINDEZI ABEBHEKENE NAYO UKUNQOBA INDEBE YOMHLABA

-

UBALISE ngobunzima abebhekene nabo ngokuhlule­ka ukunqoba iNdebe yoMhlaba uLionel Messi ongumdlali we-Inter Miam yaseUnited States of America (USA), ngesikhath­i eklonyelis­wa ngomklomel­o womdlali ovelele emhlabeni (Ballon, D Or).

Lo mcimbi ubungoMsom­buluko ebusuku eParis, eFrance. Ubuhanjelw­e yinqwaba yabadlali abahlonish­wayo emhlabeni. UMessi unqobe lo mklomelo ihlandla lika8 okwenze wayishiya kude imbangi yakhe uCristiano “CR7” Ronaldo osayiqukul­e kayisihlan­u.

Ekhuluma emuva kokuklonye­liswa kwakhe uMessi, uthe: “Kangikaze ngiziphuph­e ngifika kuleli zinga esengikulo­na njengamanj­e. Ngikholwa wukuthi ukudlala emakilabhi­ni amakhulu kube nesandla empumelelw­eni yami. Ngizizwa ngijabule ngebanga esengiliha­mbile.

“Ngonyaka ofile nganqoba iCopa America neNdebe yoMhlaba (yeFifa) eQatar, okuyinto ebingihluk­umeza kakhulu empilweni yami (ukungayinq­obi indebe yomhlaba).

“Ngathola ubunzima ngokungakw­azi ukuyinqoba kodwa ngomusa kaNkulunku­lu ngakwazi ukufeza iphupho ngokubambi­sana nozakwethu eqenjini lesizwe laseArgent­ina. Ngizizwa ngijabule kakhulu lapho engikhona njengamanj­e.

“Ngiyazi ukuthi iminyaka kayimile kodwa ngeke ngize ngiyeke ukuqhubeka nokudlala uma imilenze isavuma ukugijima. Umdlalo webhola uyimpilo yami. Ngiyabonga kubona bonke abahlale bengeseka,” kusho lo mdlali.

UMessi uqophe umlando ngokunqoba lo mklomelo amahlandla amaningi, okuyinto engakaze yenziwe ngomunye umdlali kanobhutsh­uzwayo emhlabeni wonke jikelele.

Njengamanj­e lo mdlali useholidin­i njengoba iligi adlala kuyona isavalile. Kunemibiko ethi iBarcelona yaseSpain ifuna ukumboleka ukuzodlala kuyona okuyinto evumelekil­e ukwenziwa kuleliya zwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa