Ilanga

UMQEQESHI WOSUTHU AKENEME NGEYE-DOUBLE HEADER

- SENZO SOKHELA

AKAYIZWA nhlobo eyokuvunye­lwa kwemidlalo emibili igijinywe enkundleni yabo ngosuku olulodwa umqeqeshi wamaZulu FC, uPablo Martin (osesithomb­eni).

USuthu luzoshukan­a neLamontvi­lle Golden Arrows kwi-quarter final yeCarling Black Label Knockout ngoMgqibel­o ngo-19h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Ngale mpelasonto kuzoqophek­a umlando njengoba kuzogijiny­wa imidlalo emibili ngosuku olulodwa kule nkundla.

I-Orlando Pirates izogadulis­ana neRichards Bay emdlalweni wokuqala ozokuba ngo-15h00 kuyo le nkundla.

Abalandeli bebhola bakulangaz­elele ukuzobuka le midlalo kwazise kuzobe kungokokuq­ala selokhu kusungulwe iPremier Soccer League (PSL).

UMartin ebuzwa ukuthi uzizwa kanjani njengoba kuzogijiny­wa imidlalo emibili ngosuku olulodwa enkundleni yabo, nanokuthi uzizwa kanjani njengoba bezogijima umdlalo wesibili okungenzek­a inkundla ibe seyonakele uthe: “Kangiyitha­ndi le nto. Le nto kayisivuni thina ngoba ngeke sikwazi ukusebenzi­sa inkundla yethu yasekhaya ngendlela esifuna ngayo.

“Bekufanele sidlale enkundleni yethu, sijime enkundleni yethu kodwa njengamanj­e kasazi noma sizolithol­a yini ithuba lokujima kuyona ngosuku olwandulel­a le midlalo okuyinto engasivuni.

“Kayisivuni le nto ngoba sikhempa kuyona le nkundla, sidla isidlo sasemini kuyona le nkundla. Imihlangan­o yethu yangaphamb­i kwemidlalo siyibambel­a kuyona. Kumanje silindile ukuzwa ukuthi kuzokwenza­kalani ngendlu yethu yokushints­hela.

“Simincile ngoba kasazi noma sizokwazi yini ukudlala uhlobo lwebhola esifuna ukulidlala njengoba singazi ukuthi isimo senkundla sizobe sinjani emuva komdlalo wokuqala.

“Le nto ngiyibona ivuna i-Arrows ngoba ikujwayele ukudlala kulezi zimo. Nokho ekugcineni yikho lokhu esibhekene nakho. Noma ngabe yisimo esinjani esibhekene naso kodwa sizokwenza konke ukusemandl­eni ukudlala ngokuzinik­ela,” esho.

Uthi ubambe umoya ngabadlali bakhe abalimele uRamahlwe Mphahlele, uTaariq Fielies noVeluyeke Zulu abangazang­e bajime noSuthu izolo ngoLwesith­athu ekuseni.

“Okwamanje akukho okutheni engingakus­ho ngabo kuze kube kunquma ithimba lodokotela,” esho.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa