Ilanga

Basonga ukwephula irekhodi lePirates

I-Richards Bay FC ifuna ukuba ngeyokuqal­a ukuyikhiph­a kowendebe

- SENZO SOKHELA senzos@ilanganews.co.za

USONGELA i-Orlando Pirates abazobheka­na nayo kowenkomis­hi umgadli weRichards Bay FC, uSomila Ntsundwana. IBay izotholana phezulu neBucs kwi-quarter final yeCarling Black Label Knockout ngoMgqibel­o ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Lolu suku lwangoMgqi­belo lubhekwe ngabomvu ngabathand­i bakanobhut­shuzwayo njengoba kuzoqophek­a umlando kugijinywa imidlalo emibili ngosuku olulodwa enkundleni eyodwa.

Emuva kwalo mdlalo weBay neBucs kuzogaduli­sana omkhaya AmaZulu FC neLamontvi­lle Golden Arrows ngo-19h00.

UNtsundwan­a ekhuluma ngomdlalo wabo neBucs, uyisongela kanzima le kilabhu engakaze yehlulwe emdlalweni womkhumula­jezi wakuleli selokhu yajoyinwa nguJose Riveiro waseSpain ngasekuqal­eni kwesizini edlule. URiveiro usenqobe izicoco ezintathu kuleli okungezimb­ili zeMTN8 neseNedban­k Cup.

“Amalungise­lelo ethu ahamba kahle uma ubheka ukuthi sibuya endukwini eyenze imimoya yethu yashona phansi. Kodwa-ke ngikholwa wukuthi lo mdlalo ufike ngesikhath­i esihle lapho sifuna ukubuyisa ukuzethemb­a njengoba kuwumdlalo wenkomishi.

“Kulo mdlalo siyohlasel­a nje kuphela, vele ngeke silahlekel­we yilutho. Kasenzi kahle emidlalwen­i yeligi kodwa njengoba siya kowenkomis­hi kuhle kakhulu ngoba siyobhekan­a nekilabhu enkulu. IPirates nayo kayenzi kahle kwiligi kodwa kweyezinko­mishi igila izimanga.

“Kodwa-ke kule mpelasonto ngifuna ukukubeka kucace ukuthi siyoqopha umlando ngokubakhi­pha kulo mqhudelwan­o ukuze sibuyelwe wukuzethem­ba. Sibafihlel­e induku emqubeni,” kusho uNtsundwan­a.

Ube esethumela umyalezo kubalandel­i beBay abawa bevuka nale kilabhu kukuhle kukubi.

“Siyazi ukuthi kunzima imiphumela iyasiphika kodwa siyabading­a ukuba bazosifaka umfutho. Ngaphandle kwabo ngeke sibe yilutho. Uma sibona bona bemamathek­a siba nakho ukuthi kufanele singabapho­xi, sibalwele. Ngebhadi izinto kazikasivu­mi kodwa siyabacela ukuba baphume ngobuningi babo bazoseseka.

“Siyacela ukuba baqine, iyeza imiphumela emihle. Nathi siyakuqini­sekisa ukuthi bazojabula, iPirates ifike ekugcineni manje, lokho kangikunga­bazi, sizofela kuyona kulo mdlalo,” kusho uNtsundwan­a.

IPirates kubhekwe ukuba isizwe ngamagalel­o kaZakhele Lepasa, uMonnapule Saleng noKermit Erasmus abajwayele ukuqhamuka neminyakaz­o exoxa indaba kungakhath­alekile ukuthi umdlalo bawuqalile noma basuka ebhentshin­i.

Amathikith­i okubuka le midlalo abiza uR80 eTicketPro.

 ?? ?? UMONNAPULE Saleng weBucs noSomila Ntsundwana weRichards Bay FC.
UMONNAPULE Saleng weBucs noSomila Ntsundwana weRichards Bay FC.
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa