Ungqongqoshe ukhathazekile ngesikole esihlaselwa njalo
Sigqekezwe kabili esontweni elilodwa, ezinye zezimpahla zitholwe kwamakhelwane
UTHEMBISE ukuqinisa ezokuphepha esikoleni iTinley Manor Primary School, eVelani, KwaDukuza, uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, ngemuva kokugqekezwa kuthathwe impahla yesikole.
Kubikwa ukuthi lesi sikole sesingenelwe yizinswelaboya izikhawu ezimbili esikhathini esingaphansi kwesonto.
Ngesikhathi uNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNkk Mbali Frazer, evakashele lesi sikole ukuyohlola umonakalo ngoMgqibelo, kuvele ukuthi ngoLwesithathu ebusuku izinswelaboya zangena ngophahla, zathatha impahla yesikole kuhlanganisa nezindebe isikole esazithola emincintiswaneni.
Kubikwa ukuthi ngoLwesihlanu izinswelaboya ziphinde zagasela, okuvele ukuthi zithathe o-ink bomshini wokuphrinta, izingcingo zesikole nemali yesitolo esisegcekeni laso.
Ungqongqoshe uveze ukukhathazeka ngokuthi izikole sezingezinye zezindawo ezilula zokuhlaselwa yizinswelaboya.
Uveze ukuthi uMnyango wezeMfundo uzohlinzeka lesi isikole ngocingo olusha lokubiya njengengxenye yemizamo yokunqanda izenzo ezifuze lesi.
“Siwumnyango siyazibophezela futhi siyaqinisekisa ukuthi isikole sizobuyela esimeni. Sizophinde sibheke nezindlela ezizolekelela abaphathi, bakwazi ukuqinisa ezokuphepha.
“Umnyango ucela wonke amalungu emiphakathi ukuvikela izikole ngokusebenzisana nabomthetho ukunqanda izinswelaboya ezicabanga ukuthi zizophendula izikole zethu izinkundla zazo zobugebengu,” kusho uFrazer.
Ungqongqoshe uncome amaphoyisa ngomsebenzi awenzile njengoba eveze ukuthi bakhona ababoshiwe kulandela lezi zigameko.
Ubike ukuthi nezinye zezimpahla ezebiwe esikoleni zitholakale komunye wemizi owumakhelwane wesikole.
Ikhansela lendawo uMnu Cebo Fakazi, liveze ukuthi selicele umhlangano ophuthumayo namalungu alwa nobugebengu emphakathini ngemuva kwalesi sigameko.
Uthe kuzohlangana amakomidi obuholi bomphakathi nawesikole ukuzama ukuthola isixazululo kulolu daba njengoba bengahambisani nezenzo zobugebengu.
“Ngiyethemba ukuthi ngemuva komhlangano namakomidi, sizobe sesazi ukuthi sisuka lapha sibheke kuphi, futhi ngiyethemba ukuthi yilapho esizothola khona ingqikithi yalokhu kuhlaselwa kwesikole,” kusho uFakazi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa avule icala lokugqekeza, wathi bekungakaboshwa muntu. Amaphoyisa asaphenya.