Ilanga

INingizimu Afrika idinga abatshalim­ali ukutakula umnotho wayo

-

LISUNGULWE NGOWE-1903

CISHE wonke umuntu ohlala eNingizimu Afrika uyazwela kakhulu ephakethen­i ngenxa yesimo somnotho esiqhubeka­yo ngokuba bucayi ezweni, kakukhatha­lekile noma uqashiwe, uyaziseben­za noma usafuna amatoho. Ukuba kubi kwesimo kugqame bha ngoLwesith­athu olwedlule ngenkathi uNgqongqos­he wezeMali, uMnu Enoch Godongwana, endlala isabelomal­i saphakathi nonyaka seminyaka emithathu ezayo, esaziwa ngeleMediu­m-Term Budget Policy Statement.

Inkulumo kangqongqo­she ikubeke kwacaca ukuthi izwe lisobishin­i lwezikwele­tu ezidala ingcindezi kuzo zonke izinhlaka zikahulume­ni. Umsuka wale nkinga wukwehla ngezinga elishaqisa­yo kwentela engena kuhulumeni ngenxa yokwehla kwenani lemikhiqiz­o izinkampan­i ezizimele eziyidayis­ela amakhasime­nde akuleli, nawakwaman­ye amazwe.

Nabantu bakuleli nabo bashayekil­e ephakethen­i ngenxa yobuthaka bezinkampa­ni abaziseben­zelayo. Imiholo yezisebenz­i kayikhuphu­ki, kanti ababoleke imali emabhange ukuthenga imizi noma izimoto, basenkinge­ni ngoba inzalo yezikwelet­u isikhuphuk­e ngokuphind­iwe.

Ukwehla kwezinga lokudayisw­a kwemikhiqi­zo yakuleli, nokudonsa kanzima kwabatheng­i kube nomthelela ekwehleni kwentela engena emgodleni kahulumeni, osekuwupho­qe ukuba uye ezimakethe zemali uyoboleka ukuze ukwazi ukukhokhel­a imisebenzi yomphakath­i nezisebenz­i zawo.

UGodongwan­a uthe uhulumeni uzoboleka uR500 million njalo ngonyaka kule minyaka emithathu ezayo, okuzokhuph­ula ngendlela eyesabekay­o imali iNingizimu Afrika eyikweleta izimakethe zemali.

Umthelela wokuba nezikwelet­u ezingaka wukuthi ingxenye enkulu yemali kahulumeni igcina ikhokhela izikweletu, kunciphe eyabelwe imisebenzi yomphakath­i nengqalasi­zinda.

Isixazulul­o sale ngwandla esibhekene nayo kasidingi ungqondong­qondo; sidinga ukuba uhulumeni ukwazi ukuheha abatshalim­ali ukuba bakhe izimboni kuleli ezizoqasha izigidi zabantu.

Okuhle ngokwanda kwezimboni wukuthi zikhokha intela kuhulumeni, kanjalo nezisebenz­i zazo, ngaleyondl­ela sehle isibalo sabantu abakhangez­a izibonelel­o zikahulume­ni.

Imali eyongekayo ingasetshe­nziswa ukukhoha le ntaba yezikwelet­u izwe elibhekene nayo, kuthi enye ikhokhele imisebenzi yomphakath­i, njengengqa­lasizinda.

Abaholi bamazwe asethuthuk­ile bayakuqond­a ukuthi umnotho wezwe usebenza kanjani, nokuthi kudingeka uhulumeni uthathe ziphi izinyathel­o ukuze izwe lisimame.

Kuyishobol­o ukuthi kuleli lakithi nasemazwen­i amaningi ezwekazi i-Afrika, inkonyane isathuka isisinga kubantu esibabiza ngabaholi, yingakho sisagajwe yinhluphek­o.

Kusezandle­ni zethu ukuzikhiph­a kulesi siziba esibhukuda kuso, ngokuba sisebenzis­e ilungelo lethu lokuvota, siqoke abaholi esicabanga ukuthi bangayenza ngcono impilo yethu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa