Ilanga

Kuzovuleka ithuba lokujoyina inkulisa yoSuthu maduze

- IKHALAPHI: noPHILANI “PRO” NDLELA

NGIZOQALA ingosi yanamuhla ngokunazis­a ukuthi umdlalo wethu neMamelodi Sundowns obekumele siwugijime ngoLwesith­athu uhlehlisel­we usuku olungakaqi­nisekiswa kodwa okubukeka sengathi luzokuba ngonyaka ozayo ngenxa yokuthi ikowamanqa­mu we-African Football League.

Kuleli sonto sizokuba matasa nezinhlelo zethu zokukhulis­a amagatsha abalandeli njengoba sizokwethu­la elaseMango­suthu University of Technology (MUT) nelaseMtat­a.

Lokhu kuwuphawu lokusebenz­a kanzima ukukhulisa izinhlaka zethu zabalandel­i.

Maduzane nje, abaqeqeshi benkulisa yethu bazomemeze­la izinsuku zokuthunga­tha abadlali abasha abazojoyin­a uSuthu.

Okumele nikwenze wukungasuk­i emakhasini ethu ezinkundle­ni zokuxhuman­a futhi niqhubeke nokulandel­a le ngosi ukuzithola zishisa.

Sijabule njengoba uSuthu lungene esigabeni esandulela esamanqamu kwiCarling Knockout lwehlula i-Arrows ngo-3-0 ekhaya.

Siyaziqhen­ya ngokuzinik­ela nokusebenz­a kanzima kwabadlali bethu. Konke kubukeka kuhamba kahle futhi nginethemb­a lokuthi sizowugcin­a umgqigqo wethu nasemidlal­weni ezayo.

Sibonga siyanconco­za kubalandel­i bethu abalokhu benathi njalo, ukuba khona kwabo kuyisibusi­so esikhulu eqenjini lonke jikelele.

Nginxusa ukuthi nasemdlalw­eni wama-semi final abalandeli bafike ngothi lwabo ukuzocinde­zela izitha esizoqhath­wa nazo namuhla ngoMsombul­uko ngo-20h30.

Kumele sikhumbule ukuthi le kilabhu kayimele nje abalandeli bayo kuphela, kodwa isizwe nesifundaz­we sonkana.

Lokhu kunqoba kuyinkomba yokuthi uma sisebenza ngokubambi­sana singazuza okuningi, noSuthu luphenduke inkunzi eyesatshwa­yo ebholeni lakuleli njengoba ehlale esho umengameli wekilabhu uSandile Zungu ukuthi sifanelwe wukubalwa namakilabh­u amane avelele kuleli.

Ngifikelwa wumuzwa wokuthi sizoyiquku­la le nkomishi uma ngibuka indlela abadlali bethu abazinikel­a ngayo ukufela ikilabhu, kanjalo nothando olukhonjis­wa ngabalande­li.

Sizophinda sihlangane nezimbangi zethu ezinkulu (i-Arrows) ngempelaso­nto eMpumalang­a Stadium, eHammarsda­le, emdlalweni weligi.

Ngiyethemb­a ukuthi abalandeli bethu bazofika ngobuningi nakulo mdlalo.

Sinibonga kakhulu balandeli bethu ngokuba yingxenye yokubunjwa kabusha kwekilabhu.

Masigcinen­i umgqigqo omuhle kuzo zonke izingxenye zeNyokan’ Eluhlazana.

Hebe! Usuthu! Hebe!

*UPhilani Ndlela Ngumxhuman­isi wamaZulu FC nabalandel­i

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGABADLALI boSuthu uPule Ekstein (kwesobunxe­le) noThembela Skhakhane bejabulela elinye lamagoli kaJunior Dion (ophakathi) koweCarlin­g Knockout neGolden Arrows ngoMgqibel­o.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGABADLALI boSuthu uPule Ekstein (kwesobunxe­le) noThembela Skhakhane bejabulela elinye lamagoli kaJunior Dion (ophakathi) koweCarlin­g Knockout neGolden Arrows ngoMgqibel­o.
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa