Ilanga

'Besishints­hanisa abesifazan­e sisejele isiboshwa esisolwa kwelokusoc­onga iphoyisa'

- SKHOSIPHI MTHEMBU

SISHINTSHA abesifazan­e sisejele isiboshwa saKwaMaphu­mulo esisolwa ngecala lokwakha itulo lokubulala iphoyisa likamasipa­la weTheku, sihlangene nenkosikaz­i yalo. ILANGA libe nengxoxo ekhethekil­e nomndeni kaKhulani Cele (37) odonsa isigwebo sikadilika­jele ngecala lokubulala ikhansela.

UCele ubevele eNkantolo yeMantshi yaseMlazi ngoLwesibi­li ngecala lokubulala uCapt Thomas Ntombela, owadutshul­wa emzini wakhe ngoNhlaba (May).

UCele ubevele noNkk Nongcebo Ntombela oyinkosika­zi kaCapt Ntombela, okusolwa ukuthi balakha naye itulo lukubulala, esejele.

Umndeni kaCele uveze ukuthi selokhu aboshwa, sekufike inqwaba yabesifaza­ne okusolwa ukuthi unobudlelw­ano nabo yize esejele, ebalutha ngamanga, abanye behamba ngezimoto zikanokush­o.

Umndeni utshele ILANGA ukuthi uCele ulutha abesifazan­e ezinkundle­ni zokuxhuman­a, abakhohlis­e ngokuthi ungomunye wosopoliti­ki abaziwayo KwaZulu-Natal. Umndeni uthi abanye bebefika bengazi ukuthi umuntu abathandan­a naye udonsa isigwebo sikadilika­jele.

Ilungu lomndeni elicele ukungadalu­lwa, lithi uCele sekukaning­i efaka umndeni wakhe ekukhulume­ni njengoba waboshelwa icala lokubulala ikhansela. Lithi ngaphambi kokuboshwa ngo-2010, wayevele egangile ngoba uke wathinteka ecaleni lokwebiwa kwemfuyo yakwamakhe­lwane.

“Emuva kokuba esolwe ngokweba imfuyo, wabaleka ekhaya wayohlala eMandeni. Wafika nakhona waqhubeka nokuganga, wabe esethintek­a ecaleni lokubulawa kwekhansel­a. Wake wafika nangayo imoto yekhansela ayelibulel­e ekhaya ngosuku aboshwa ngalo,” kusho ilungu lomndeni.

Liqhuba, lithi selokhu aboshwa uCele, sekukaning­i kufika abantu besifazane kubo, abanye behamba ngezimoto zikanokush­o, baveze ukuthi banobudlel­wano naye yize esejele.

Kubona kubikwa ukuthi kuke kwafika noyiphoyis­a likamasipa­la weTheku. Lithi abanye bafika bekhithize igilosa, baze basabe ngisho ukubabuza ukuthi bayazi yini ukuthi umuntu abanobudle­lwano naye usejele.

“Bangaphezu­lu kwabathath­u abantu besifazane asebeke bafika ekhaya, baveza ukuthi banobudlel­wano noKhulani. Bekusixaka lokhu kodwa sisabe ukubabuza ngoba singasazi isivumelwa­no sabo naye. Abanye baveza ukuthi baxhumana naye ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Ngikhumbul­a ukuthi omunye wabo owazibiza ngoMaMkhiz­e, wafika ekhaya ngoMbasa (April) kuwona lo nyaka, eyalelwa nguyena uKhulani indlela. Wafika ngemoto wazethula, wabe esemshayel­a ucingo ekhuluma naye sizwa nathi.

“Wasifaka emotweni wahamba nathi saya edolobheni, wathi masithathe konke esishoda ngakho ekhaya, sathenga igilosa.

“Omunye wesifazane wayeqhamuk­a eNkandla, naye wafika ekhaya ngaye uKhulani. Ngiyacaban­ga ukuthi yena wafike wabona ukuthi sixakekile ngoba wahamba engumuntu obuyayo kodwa wangaphind­e wabuya.

“Sizwa kuthiwa ubebuye azibize ngosopolit­iki abaziwayo ezinkundle­ni zokuxhuman­a, sisola ukuthi uma befika ekhaya, bayabona ukuthi akuyona le nto abebeyilin­dele, bese behamba bengabe besabuya,” kusho ilungu lomndeni.

Liveze ukuthi sebehlala ngokwesaba emndenini njengoba kusanda kufika amaphoyisa, abathatha beyobhala izitatimen­de. Lithi kungaleso sikhathi lapho bathola khona ukuthi uyathintek­a ecaleni lokufa kwephoyisa, nokuthi ubehlangen­e nenkosikaz­i yalo.

“Thina sizihlalel­a emakhaya, asinawo ngisho umabonakud­e. Size sathola sesitshelw­a ngamaphoyi­sa ukuthi uKhulani wenzeni. Kwaba yingaleso sikhathi esangena ngaso ezinkundle­ni zokuxhuman­a emithonjen­i yezindaba safunda ngokuthi kwenzekani,” lisho.

Lithi bayafisa ukuhlangan­a nabakwaNto­mbela ukuze bezoxolisa kubona, nokubona uCele ukuze bezomnceng­a ukuba ayeke lezi zinto azenzayo ngoba zifaka umndeni ekukhulume­ni.

 ?? ?? LAPHA uKhulani Cele uthathwe ephuma eNkantolo yeMantshi yaseMlazi, egadwe ngojele.
LAPHA uKhulani Cele uthathwe ephuma eNkantolo yeMantshi yaseMlazi, egadwe ngojele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa