Ilanga

KUSHISWE AMAKHUMBI AKWAZIMDOL­LAR

- JOHN HLONGWA

UTHUKA izanya uSihlalo kasoseshin­i iBhucanana Taxi Associatio­n, eMpangeni, kwesakwaBi­yela uMnu Vikinduku Biyela (42), kulandela ukushiswa kwamatekis­i akhe amane ngempelaso­nto.

UBiyela ongumfowab­o omdala womsakazi woKhozi FM, uZimiphi “Zimdollar” Biyela, amatekisi akhe ashiswe esezindawe­ni ezahlukene lapho ebehlala khona kubashayel­i bawo.

UBiyela utshele ILANGA ukuthi uhlalele ovalweni, usabela nempilo yakhe ngemuva kwalesi sigameko. “Ngisola umbango wamatekisi, laba bantu bafuna ukungibona ngifile. Isehlakalo sokuqala bangidubul­a ngasinda ngoNhlangu­lana (June).

“Kudlule lapho kwafika abantu erenki, bazenza amaphoyisa, bathi makuvalwe imali eqoqwa erenki, kwasixaka lokho ngoba le mali senza ngayo izidingo zikasosesh­ini.

“Esikhathin­i esifushane kusuka lapho, kufone umuntu ngenombolo efihliwe, wasabisa abashayeli bami. Phakathi kwababefon­a, kukhona owaze wathumela umshayeli wami ukuthi ambuzele kimina ukuthi izimoto ezivalwe ukusebenza kososeshin­i iSiphembok­uhle Taxi Assoction oseMacekan­a nososeshin­i i-Old Taxi Associatio­n, eseShowe ngizibuyis­ela nini emzileni.

“Kwangixaka lokho ngoba bonke abamisiwe bayawazi umthetho wokuthi uma usufuna ukubuyela emsebenzin­i ubhalela ikomidi incwadi,” esho.

UBiyela uchaza ngokuthi yena ungena kanjani kwabanye ososeshini.

“Kunosomate­kisi engibaziyo esesiseben­ze isikhathi eside nabo. Ngokubona ukuthi kunozakwet­hu abangenawo umzila, ngabacelel­a ukuba babafake emzileni, manje laba engabakhul­umela sebefuna ukuphatha irenki.

“Uma ngibakhuza ngithi ngeke bacelelwe ukusebenza, bona sebefuna ukuphatha umsebenzi, ngaba ngumuntu omubi,” kuchaza uBiyela ngesisusa sokushiswa kwezimoto zakhe.

Uthi ukuqala kokuhlasel­wa kwezimoto kuqale ngenyanga ephelile. “Baqale ngokuhlase­la izimoto zami. Bebefike bazithele ngomuthi thizeni enjinini. Lo muthi uyayidlava­za injini, imoto ife.

“Bathe uma bebona ukuthi akuzweli lokhu, baqala bazishisa. Bazishise ngokwehluk­ana, baqala eMandeni lapho ezimbili beziyopend­wa khona, bazishisel­a khona.

“Badlule baya kwabanye abashayeli, nakhona bafike bazishisa, enye ize yasha nomuzi womuntu ngoba bayithunge­la incike endlini. Eyokugcina yibhasi, bazamile ukulishisa, bahluleka bavele bayidubula,” kuphetha uBiyela.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uRobert Netshiunda, uthe amaphoyisa avule amacala okucekelwa phansi kwempahla. Bekungakab­oshwa muntu. Amaphoyisa asaphenya.

 ?? ?? NGAMATEKIS­I kaMnu Vikinduku Biyela ashisiwe.
NGAMATEKIS­I kaMnu Vikinduku Biyela ashisiwe.
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa