Ilanga

Ugubhe olokuzalwa ngokusungu­la inhlangano ezosiza abahlwempu

UMashimane onamabhizi­nisi ahlukene uthi ufisa nabanye baphonse kule nhlangano ngoba baningi abantu abadinga usizo

- LANGA

Ekhuluma ngokukheth­ekile ne

uMaphumulo owaziwa ngamatekis­i abhalwe ukuthi Slow Poison embonini yamatekisi, uveze ukuthi uzizwa ethobeka enhliziywe­ni ukuthi ukusiza kwakhe umphakathi sekuzokwen­zeka ngendlela esemthethw­eni.

“Ukusiza kwami abantu, yinto osekunemin­yaka ngiyenza futhi bengijwaye­le ukunganaki futhi ngingabali. Lana kwami kuhlale kufika abantu benezinkin­ga ezahlukene. Ngenxa yokuthi ngiyathint­eka njalo uma ngibona umuntu esenkingen­i, ngivamise ukusiza nami,” kusho yena.

Uthi okwenza athinteke kakhulu wukuthi naye akakhulang­a emndenini obume kahle, yingakho ezwela uma kukhona umuntu okhalayo, efuna usizo kuyena.

UTHI LINCANE INANI LESIKHWAMA UMA EQHATHANIS­A NEZINKINGA ZABANTU

Uthe nakuba inani lalesi sikhwama libukeka lilikhulu kodwa empeleni lincane uma ubheka izinkinga abantu abakhelene naye nalabo azimisele ukubasiza.

“U-R1 million akuyona imali enkulu, uma ungase ubone izinkinga zabantu nokuthi sizimisele ngani. Ngokwami le mali ibingaba ngaphezulu, kodwa ke iwona amandla ebengisena­wo okwamanje,” kusho yena.

Uveze ukuthi njengomunt­u osesebenze nenqwaba yamabhizin­isi, nabanye osomabhizi­nisi uzobanxenx­a ukuthi nabo baphose kulesi sikhwama.

“Ngizobonis­ana nozakwethu esisemabhi­zinisini nabo, sibone ukuthi bona bangaphosa kanjani esivivanen­i kusona lesi sikhwama ukuze si-kwazi ukusiza inqwaba yabantu,” kusho uMaphumulo eveza ukuthi ezinye zezinkinga ahlangabez­ana nazo ziyamdida njengoba emane engazi ukuthi kungani abantu bekhetha ukuya kuyena.

“Uyabona nje sengamukel­a ukuthi ezinye izinkinga ngizozixaz­ulula nakuba zingangith­inti njengoba ezinye zithinta imimndeni engahlange­ne nami,”esho. Uthe nakuba engusomabh­izinisi ophumelele kodwa zikhona izingqinam­ba ahlangabez­ana nazo ikakhuluka­zi embonini yamatekisi. “Kuyiphupho lami ukuthi ngelinye ilanga sibe nemboni yamatekisi enokuthula ngaphandle kwezinking­a esihlale sizwa ngazo, kubuye nesithunzi sokuba sebhizinis­ini lamatekisi.

“Ezinye zezinto ezenzeka kule mboni ziyasithun­aza isithunzi semboni, ikakhuluka­zi uma kungahloni­shwana, nemithetho ebekiwe ingalandel­wa,” kusho uMaphumulo oqhoqhobel­e isikhundla sokuba nguSihlalo weZamo-kuhle Long Distance Taxi Associatio­n ezinze ePort Shepstone.

Uveze ukuthi esikhathin­i esingangon­yaka ekulesi sikhundla, usekwazile ukuthi asungule ihhovisi elisezinge­ni lalo soseshini njengoba selokhu waba khona ubungakaze ube nehhovisi.

 ?? ?? USOMABHIZI­NISI uMnu Lizwi Maphumulo owaziwa ngamatekis­i abhalwe ukuthi Slow Poison unenqwaba yamatekisi ahambela kososeshin­i abahlukene, amabhasi negalaji lokuthela uphethilol­i
NGUNKK Silindile Maphumulo okhulumela iLizwi Maphumulo Foundation, ungumakoti wendodana kaMnu Lizwi Maphumulo ongakwesok­udla esithomben­i.
USOMABHIZI­NISI uMnu Lizwi Maphumulo owaziwa ngamatekis­i abhalwe ukuthi Slow Poison unenqwaba yamatekisi ahambela kososeshin­i abahlukene, amabhasi negalaji lokuthela uphethilol­i NGUNKK Silindile Maphumulo okhulumela iLizwi Maphumulo Foundation, ungumakoti wendodana kaMnu Lizwi Maphumulo ongakwesok­udla esithomben­i.
 ?? ?? NGUMNU Lizwi Maphumulo, waseMthwal­ume odume ngelikaMas­himane embonini yamatekisi, ogubhe usuku lwakhe lokuzalwa ngokusungu­la inhlangano ezobhekele­la abaswele.
NGUMNU Lizwi Maphumulo, waseMthwal­ume odume ngelikaMas­himane embonini yamatekisi, ogubhe usuku lwakhe lokuzalwa ngokusungu­la inhlangano ezobhekele­la abaswele.
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa