Ilanga

Zisathuka izanya izingane ezabona uyise ebulala unina

Kuthiwa umsolwa ubonakala kwi-video efuna ukugwaza owayelamul­ela isisulu

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

KUVUKE umunyu enkantolo ngoLwesihl­anu kumalungu omndeni kamufi, ngesikhath­i umyeni wakhe osolwa ngokumbond­a ngommese phambi kwezingane zabo, efaka isicelo sebheyili.

UMnu Mhlengi Ndaba (45) ubevele eNkantolo yeMantshi eThekwini ngecala lokubulala uNkz Dima Phohlo (31) obeyingodu­so yakhe, esigamekwe­ni esenzeke emasontwen­i amabili edlule.

Kubikwa ukuthi laba bebehlala eMorningsi­de, eThekwini ngesikhath­i kuqubuka ingxabano phakathi kwabo. Kuthiwa ngosuku lwesigamek­o uNdaba waba nengxabano nomufi, eyaholela ekutheni amgwaze ephindelel­a, kwala ngisho umufi esebalekel­a emgwaqweni eyofuna usizo, wamlandela wamgwazela khona.

Kuthiwa kune-video eveza uNdaba egwaza ebulala ingoduso yakhe, kubuka nezingane, eyaqoshwa yiCCTV yalapho behlala khona.

Enkantolo bekugcwele amalungu omndeni nabebeyokw­eseka umndeni kamufi.

Ummeli kaNdaba uMnu J Naidoo, ucelele ikilayenti lakhe ibheyili. Uthe liyaliphik­a icala lokubulala, lithi lalizivike­la kumufi, owayelihla­sela ngebhodlel­a.

Uthe ngosuku lwesigamek­o ikilayenti lakhe, lafika endaweni abebehlala kuyo kwasuka ingxabano phakathi kwabo, umufi engazenzel­e ukudla izingane zabo, lokho kwaholela ekutheni baxabane. Uthe ikilayenti lakhe ngeke likubaleke­le ukuqulwa kwecala, ngoba linenkampa­ni nezisebenz­i eliziqashi­le. Uthe linezingan­e ezine okubalwa nezikamufi okumele lizondle njengoba zibheke lona lodwa, futhi ngeke libe yingozi kofakazi kuleli cala kanti lizimisele ukuba lisuke eThekwini liyohlala kubo eGroutvill­e.

UMshushisi uMnu Calvin Govender, uthe umbuso uzosebenzi­sa ubufakazi obaqoshwa yiCCTV, obukhombis­a uNdaba egwaza umufi ephindelel­a phambi kwezingane zabo, yize ebeselele phansi.

Kule video, umufi uyabonakal­a ephuma ebaleka endlini yabo, uNdaba emlandela emgwaza. Uthi kubonakala nowayebuka kwenzeka lesi sigameko, ezama ukulamula, kodwa uNdaba uyabonakal­a efuna ukumgwaza (owayelamul­a).

Uveze ukuthi umphenyi wecala ngesikhath­i efika endaweni yesigameko, wathola imimese emithathu endlini, yonke igcwele igazi.

Uthe kuyaxaka ukuthi uNdaba uthi wayezivike­la ekubeni okuqoshwe yiCCTV kukhombisa umufi ephuma endlini yabo ebaleka eya emgwaqweni, uNdaba emlandela afike amgwaze ephindela yize wayeselele phansi, kubuka izingane zabo ezimbili.

Uthi kuyaxaka ukuthi esicelweni sakhe uthi uzikhathal­ele izingane zakhe, uma kunjalo ngabe akazange akwenze lokhu zibuka.

Uphinde waveza ukuthi amacala ahlanganis­a udlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane nezingane yinto esiyinsaka­vukela umchilo wesidwaba. Uthi kumele inkantolo icabangele ofakazi okubalwa kubona umasitende owanikeza amaphoyisa isithombem­nyakazo (video) esaqoshwa yiCCTV.

Uthi kumele kucatshang­elwe nofakazi ababona kwenzeka lesi sigameko okubalwa nalona owazama ukulamula.

IMantshi uMnu Manjezi (elingathol­akalanga igama layo) ibe isiyalela ukuba icala lihlehlise­lwe uLwesihlan­u.

UNkz Makgetho Phohlo ongunina kamufi, uthi kuyamkhath­aza ukuthi umkhwenyan­a wakwakhe akakhombis­i ukuzisola ngento ayenza. Uthi namanje kusenzima ukudlulisa into eyenzeka.

“Abazukulu bami ababona kwenzeka le nto namanje basathuka, omunye uyasho ngisho ukusho ukuthi ubaba wakhe wabulala umama wakhe,” kusho yena.

 ?? ??
 ?? ?? UNKZ Dima Phohlo (31) okusolwa umyeni wakhe ngokumgwaz­a ambulale kubuka izingane zabo.
UNKZ Dima Phohlo (31) okusolwa umyeni wakhe ngokumgwaz­a ambulale kubuka izingane zabo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa