Ilanga

Impi ye-Israel nePalestin­e ikuveza obala ukuchema kwelakulel­i

-

LISUNGULWE NGOWE-1903

NGOKUJWAYE­LEKILE, akukho okutheni okubabazek­ayo uMnyango wezaNgapha­ndle wakuleli odume ngakho, kodwa kulezi zinsuku izikhulu noNgqongqo­she wawo uNkk Naledi Pandor sebezakhel­e udumo, basha amashushu, bakhwela bayadilika kuhulumeni wakwa-Israel ngokuhlase­la kwawo eGaza. Uhulumeni wakwa-Israel ugasele kule ndawo emuva kokuba ababusi baseGaza, iHamas, behlasele amaJuda kwa-Israel, babulala izakhamizi ezibalelwa ku-1 400, bathumba ezingaphez­ulu kuka-200.

Uziphindis­elela ngokuhlase­lwa kwezakhami­zi zawo, uhulumeni wakwa-Israel ugasele ngamasosha eGaza, lapho sekufe khona abantu abangaphez­ulu kuka-10 000 wezakhamiz­i zakule ndawo.

Okuqaphele­kayo wukuthi uhulumeni wakuleli, ojwayele ukungasho lutho olukhumbul­ekayo uma kunezimpi kwamanye amazwe kulokhu kawunasinq­e, ugxeka uhulumeni wakwa-Israel ngokuziphi­ndiselela, uthi ubulala abantu abangenaca­la eGaza.

Isibonelo sokungabi namgogodla kukahulume­ni wakuleli wukucasha ngesithuph­a kwawo odabeni lokuhlasel­wa kwe-Ukraine yiRussia, lapho (uhulumeni) uhlale uthi kawuthathi hlangothi kule mpi, naphezu kokuba kubona ngisho ingane ukuthi ngezenzo zawo ucheme isidana namaRashiy­a, angaconsi phansi eqenjini elibusayo nabalandel­i balo.

Odabeni lwe-Israel nePalestin­e, uhulumeni we-ANC kade waluthatha uhlangothi, njengoba eminyakeni edlule waze wahoxisa inxusa lawo kwa-Israel. Kunomkhank­aso oqhubekayo ngaphakath­i kuKhongolo­se wokuxosha inxusa lakwa-Israel elizinze kuleli, nokuqeda ubudlelwan­o bokuhwebel­ana kwezomnoth­o phakathi kwala mazwe.

Njengenjwa­yelo, uhulumeni ulokhu ugudla iguma kunokuba uphumele obala ngokuhlosi­le.

Kanjalo nasodabeni lwempi ephakathi kweRussia ne-Ukraine, kuyaxaka ukuthi kungani lo hulumeni ungaphumel­i obala, utshele umhlaba wonke ukuthi uyahambisa­na nesinyathe­lo seRussia sokuhlasel­a amanye amazwe azimele, idle umhlaba wawo ngezikhali.

Kungaba kuhle futhi ukuthi lo hulumeni unqamule ubudlelwan­o baleli nawo wonke amazwe ayizikhond­lakhondla asentshona­langa njengeMeli­ka, iNgilandi, iJalimane namanye, ugxile ekukhulise­ni uhwebo nabangani bakaKhongo­lose iRussia, China, North Korea ne-Iran, ukubala nje ambalwa.

Kuyamangaz­a ukuthi amazwe asentshona­langa anesigcwag­cwa kulo hulumeni, naphezu kokuba kuyiwona abantu abaningi bakuleli abaphila ngawo, njengoba enezimboni ezikuleli eziqashe izinkulung­wane zabantu, abondla imindeni yabo ngokuqashw­a yizinkampa­ni ezasungulw­a ngosozimbo­ni bala mazwe.

Ukucabanga kwezikhulu zethu kuyaxaka ngoba okuphambil­i kuzona wubungani bazo nabafo bakwamanye amazwe, hhayi izinto ezibalulek­ile ekusimamen­i komnotho wezwe nenhlalaka­hle yezakhamiz­i zakuleli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa