Ilanga

Kuhlehlisw­a ukubhalwa kwezivivin­yo ngenxa yomfula odla izindwani

Abafundi abadala baphoqelek­a ukubeletha abancane

- PHUMLANI GAMA phumlani@ilanganews.co.za

BAPHOQELEK­E ukuba bahlehlise ukubhalwa kwezivivin­yo zabafundi basezikole­ni ezingaphan­si kwezigodi ezimbili zamakhosi asoPhaphas­i, KwaHlabisa. NgoLwesine leli phephandab­a lihambele kuleya ndawo, liyizibone­la usizi olubhekana nabafundi nothisha abanqamula emfuleni iWela.

Lo mfula usuka KwaNongoma wehle njalo uze uyofika eHluhluwe, ungenele engxenyeni yolwandle iSodwana Bay. Kuvele ukuthi ngoLwesibi­li nangoLwesi­thathu abafundi bamabanga angaphansi kuka-grade 12, kabakwazan­ga ukubhala izivivinyo zabo ngenxa yokugcwala komfula, bagcina bengakwaza­nga ukufinyele­la esikoleni.

Kuthiwa sekuphele iminyaka eminingi umphakathi wakule ndawo ubhekene nale nkinga.

ILANGA lifike kulo mfula kunemoto yenkampani ephehla ugesi ebibhajwe osebeni lomfula, izama ukuwela.

Umthombo ongaphakat­hi eSibongaso­nke High School, uthi minyaka yonke kuyaye kubanjwe imihlangan­o nabazali babafundi abafunda umatikulet­sheni kulesi sikole, ngenhloso yokubacela ukuba benze izinhlelo zokufunela izingane zabo izindawo zokuhlala eziseduze nesikole ukuze zingaphaza­miseki uma kwenzeka lina, kubhalwa izivivinyo.

“Ukugcwala komfula kuyaye kwenze ukuthi abafundi nothisha esinabo bagcine sebezithol­a benza umsebenzi ongaphezul­u kwalokho okubekiwe ngenxa yokuthi imisebenzi eminingi igcina isalele emuva.

“Namanje kusiza khona ukuthi abazali babafundi bakamatiku­letsheni bayabambis­ana nathi uma sibacela ukuba basondeze izingane eduze kwesikole. Lesi sikole singaphans­i kobukhosi baKwaMdlet­she kodwa izingane eziningi ziphuma ebukhosini baKwaHlabi­sa,” kusho umthombo.

UMnu Bhekinkosi Ngubane oyilungu lekomidi lekhansela lendawo, uveze ukuthi baningi abantu abadala nezingane esezike zaba yizisulu zokumuka nalo mfula.

“Kudala ukhona lo mfula kodwa inkinga yawo ingalungis­wa. Likhona ibhuloho elakhiwa wuhulumeni obusayo njengamanj­e kodwa kwawona uhulumeni wavele watheleka ngehlazo ngoba lavele lamuka nomfula kungakaphe­li ngisho unyaka lakhiwe.

“Minyaka yonke uma kunezimvul­a ikakhuluka­zi ezokuthwas­a kwehlobo, siyaye sivuke ekuseni sizobheka izingane ukuze sizivimbe uma siwubona umfula ukuthi ungenisa ngamandla. Siyaye sicele izingane esezikhuli­le ukuba zibelethe labo abancane ukuze bezokwazi ukuwela nabo.

“Baningi abantu nezingane esihamba phezu kwabo ngenxa yalo mfula. Eminyakeni eyedlule kwaba nesigameko lapho omunye wabanumzan­e balapha endaweni wamuka nemoto ezama ukuwela.

Sinxusa uhulumeni ukuba usondele kulolu daba ukuze kulungiswe le nkinga ngoba kwakhona lokhu esiyaye sikuzame ngezandla kugcina sekufika amanzi amaningi kumuke nomfula,” kusho uMnu Ngubane.

Okhulumela uMnyango wezokuThut­ha ukuPhepha nokuXhunya­niswa koMphakath­i KwaZulu-Natal uMnu Kwanele Ncalane ucele ukuthunyel­elwa imininingw­ane ngalolu daba.

Uthe lo mnyango wenza konke okusemandl­eni awo ukuqinisek­isa ukuthi umphakathi wakulesi sifundazwe uhlinzekwa ngamabhulo­ho asesimweni esigculisa­yo. Uthe kusukela uqalile lo nyaka sekuvulwe amabhuloho awu-13 ezingxenye­ni ezahlukene.

“Ngaphandle kokwakhiwa kwamabhulo­ho amasha sibuye sibheke nalawo asemadala kodwa okuyaye kuthi uma kunezimvul­a umphakathi ungakwazi ukuwela kuwona.

“Sigxile kakhulu ezindaweni zasemakhay­a ikakhuluka­zi lezo eziseduze kwezakhiwo ezibalulek­ile futhi ezidingwa kakhulu wumphakath­i.

“Maqondana nalolu daba sizokwenza uphenyo nezinhlelo zokuba kutholakal­e isixazulul­o," kuphetha uNcalane.

 ?? ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA ?? INGXENYE yabafundi baseMayalu­za Primary School ebizama ukuwela kulo mfula ngezithuba zokuphuma kwesikole.
ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA INGXENYE yabafundi baseMayalu­za Primary School ebizama ukuwela kulo mfula ngezithuba zokuphuma kwesikole.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa