Kuhlehliswa ukubhalwa kwezivivinyo ngenxa yomfula odla izindwani
Abafundi abadala baphoqeleka ukubeletha abancane
BAPHOQELEKE ukuba bahlehlise ukubhalwa kwezivivinyo zabafundi basezikoleni ezingaphansi kwezigodi ezimbili zamakhosi asoPhaphasi, KwaHlabisa. NgoLwesine leli phephandaba lihambele kuleya ndawo, liyizibonela usizi olubhekana nabafundi nothisha abanqamula emfuleni iWela.
Lo mfula usuka KwaNongoma wehle njalo uze uyofika eHluhluwe, ungenele engxenyeni yolwandle iSodwana Bay. Kuvele ukuthi ngoLwesibili nangoLwesithathu abafundi bamabanga angaphansi kuka-grade 12, kabakwazanga ukubhala izivivinyo zabo ngenxa yokugcwala komfula, bagcina bengakwazanga ukufinyelela esikoleni.
Kuthiwa sekuphele iminyaka eminingi umphakathi wakule ndawo ubhekene nale nkinga.
ILANGA lifike kulo mfula kunemoto yenkampani ephehla ugesi ebibhajwe osebeni lomfula, izama ukuwela.
Umthombo ongaphakathi eSibongasonke High School, uthi minyaka yonke kuyaye kubanjwe imihlangano nabazali babafundi abafunda umatikuletsheni kulesi sikole, ngenhloso yokubacela ukuba benze izinhlelo zokufunela izingane zabo izindawo zokuhlala eziseduze nesikole ukuze zingaphazamiseki uma kwenzeka lina, kubhalwa izivivinyo.
“Ukugcwala komfula kuyaye kwenze ukuthi abafundi nothisha esinabo bagcine sebezithola benza umsebenzi ongaphezulu kwalokho okubekiwe ngenxa yokuthi imisebenzi eminingi igcina isalele emuva.
“Namanje kusiza khona ukuthi abazali babafundi bakamatikuletsheni bayabambisana nathi uma sibacela ukuba basondeze izingane eduze kwesikole. Lesi sikole singaphansi kobukhosi baKwaMdletshe kodwa izingane eziningi ziphuma ebukhosini baKwaHlabisa,” kusho umthombo.
UMnu Bhekinkosi Ngubane oyilungu lekomidi lekhansela lendawo, uveze ukuthi baningi abantu abadala nezingane esezike zaba yizisulu zokumuka nalo mfula.
“Kudala ukhona lo mfula kodwa inkinga yawo ingalungiswa. Likhona ibhuloho elakhiwa wuhulumeni obusayo njengamanje kodwa kwawona uhulumeni wavele watheleka ngehlazo ngoba lavele lamuka nomfula kungakapheli ngisho unyaka lakhiwe.
“Minyaka yonke uma kunezimvula ikakhulukazi ezokuthwasa kwehlobo, siyaye sivuke ekuseni sizobheka izingane ukuze sizivimbe uma siwubona umfula ukuthi ungenisa ngamandla. Siyaye sicele izingane esezikhulile ukuba zibelethe labo abancane ukuze bezokwazi ukuwela nabo.
“Baningi abantu nezingane esihamba phezu kwabo ngenxa yalo mfula. Eminyakeni eyedlule kwaba nesigameko lapho omunye wabanumzane balapha endaweni wamuka nemoto ezama ukuwela.
Sinxusa uhulumeni ukuba usondele kulolu daba ukuze kulungiswe le nkinga ngoba kwakhona lokhu esiyaye sikuzame ngezandla kugcina sekufika amanzi amaningi kumuke nomfula,” kusho uMnu Ngubane.
Okhulumela uMnyango wezokuThutha ukuPhepha nokuXhunyaniswa koMphakathi KwaZulu-Natal uMnu Kwanele Ncalane ucele ukuthunyelelwa imininingwane ngalolu daba.
Uthe lo mnyango wenza konke okusemandleni awo ukuqinisekisa ukuthi umphakathi wakulesi sifundazwe uhlinzekwa ngamabhuloho asesimweni esigculisayo. Uthe kusukela uqalile lo nyaka sekuvulwe amabhuloho awu-13 ezingxenyeni ezahlukene.
“Ngaphandle kokwakhiwa kwamabhuloho amasha sibuye sibheke nalawo asemadala kodwa okuyaye kuthi uma kunezimvula umphakathi ungakwazi ukuwela kuwona.
“Sigxile kakhulu ezindaweni zasemakhaya ikakhulukazi lezo eziseduze kwezakhiwo ezibalulekile futhi ezidingwa kakhulu wumphakathi.
“Maqondana nalolu daba sizokwenza uphenyo nezinhlelo zokuba kutholakale isixazululo," kuphetha uNcalane.