Ilanga

Uyaziqheny­a ngokulanda umqeqeshi onohlonzo

IBaroka iyashoshel­a kwiMFC selokhu iqashe uMalesela

- MFANAFUTHI NDLOVU

UNCOMA isinqumo asithatha sokulanda umqeqeshi onamagalel­o aziwayo kwiPremier Soccer League, uKhurishi Mphahlele ongumnikaz­i weBaroka FC elokhu iqhubekile nokushoshe­la esicongwen­i seMotsepe Foundation Championsh­ip (MFC).

UMphahlele utshele ILANGA namanje uyaziqheny­a ngesinqumo asithatha sokuqasha uDan “Dance” Malesela njengomlol­ongi wale kilabhu.

Uthi kuyamthoko­zisa ukubona izinto zibuyela esimeni njengoba sebebalwa namakilabh­u asethubeni lokudla ubhedu kwiMFC okunikana igunya lokwenyuke­la kwiDStv Premiershi­p. Uthe ujabule kakhulu ngokwenzek­ayo ekilabhini yakhe.

“Sekungcono kakhulu manje, izinto kazisefani nasekuqale­ni kwesizini. Manje sengiyakwa­zi nokulala ubuthongo obumnandi ebusuku. Kube yisinqumo esihle ukulanda uMalesela, yingakho sibuye sabona kungcono ukuba simlandele nabadlali abanesipil­iyoni ukumeseka,” esho.

Kubadlali abasanda kulandwa yiBaroka kukhona uTrevor Mathiane owake wayibamba kwiLamontv­ille Golden Arrows odlala emuva noLehlohon­olo Nonyane oyisitobha obedlala kwiMarumo Gallants ngesizini edlule. Uthi uyakuqonda ukuthi isizini iseyinde.

“Kepha uma abadlali bami beqhubeka nokwenza kahle singase sigcine sikwazile ukufeza iphupho lethu lokubuyela kwiPremier­ship.

“Sinzima kakhulu lesi sigaba, kufanele ukwazi ukumelana nengcindez­i yaso,” kusho uMphahlele obephuphum­a injabulo.

IBaroka iqumbe phansi i-Orbit College ngo-1-0 ngoMgqibel­o koweMFC e-Olympia Park Stadium, eNorth West.

Igoli enqobe ngalo livalelwe enethini nguGerald Junior Phiri ngomzuzu ka-45.

* IMaritzbur­g United ibuye nephuzu elimqoka kwiNB La Masia - elolongwa nguDaine Klate - kuba ngu-0-0 koweMFC ngoLwesihl­anu eDobsonvil­le Stadium, eGermiston.

* Isiyonke imiphumela yeMFC imi kanje: Tuks 2, Platinum 1; Upington 1, Milford 0; Leopards 1, Venda 1; Lions 1, Magesi 3; Orbit 0, Baroka 1; Marumo 4, Callies 2; La Masia 0, PMB 0; JDR 2, Casric 2.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUKHURISH­I Mphahlele ongumnikaz­i weBaroka FC, othi ujabule ngokwenzek­a ekilabhini yakhe
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUKHURISH­I Mphahlele ongumnikaz­i weBaroka FC, othi ujabule ngokwenzek­a ekilabhini yakhe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa