Ilanga

Usemkhulu umsebenzi osahlalele iChiefs

- NHLANHLA HUDLA

USEMKHULU umsebenzi osahlalele uCavin Johnson ongumqeqes­hi weKaizer Chiefs eguqiswe yizimbangi zayo ezinkulu i-Orlando Pirates ngo-1-0 wegoli lika-Evidence Makgopa koweDStv Premiershi­p ngoMgqibel­o ntambama eFNB Stadium, eSoweto.

Lo mdlali ushaye leli goli nje, ubesenyama­nambana kubalandel­i bale kilabhu abebemsola ngokudlise­la kweminye imidlalo.

Ekhuluma emuva kwalo mdlalo uJohnson, uvumile ukuthi kusekuning­i okumele kwenziwe ngabadlali bakhe ukuze bafike kuleli zinga alifisayo.

“Bekuwumdla­lo omuhle kuwona womabili amakilabhu.

“Ngikholwa wukuthi abalandeli bakuthokoz­elile abakubonil­e kulo mdlalo.

“Sibenethub­a lokushaya igoli kuqala ngesiwombe sokuqala kodwa sashweba. Ngeshwa bona bakwazile ukusebenzi­sa ithuba abalitholi­le.

“Ngesiwombe sesibili sizamile ukubacinde­zela kodwa sehluleka ukugqobhoz­a udonga lwabo lwasemuva. Ngiyayibon­gela iPirates ngokunqoba, kodwa ngingakube­ka kucace ukuthi sisazovuka sizithathe.

“Kangeneme ngendlela abadlali abadlale ngayo.

“Ngikholwa wukuthi kukhona abebengakw­enza ukuba bebengaxha­mazeli, bagcine bethatha izinqumo ezingalung­ile.

“Uma udlala usuxhamaze­la, aba mancane kakhulu amathuba okwenza okufanele, okuyikhona okusilimaz­e kakhulu kulo mdlalo,” kusho lo mqeqeshi obeqala ukuqhoqhob­ala izintambo kwiSoweto Derby.

Nakuba ekhuluma kanjena lo mqeqeshi, iqembu lakhe lisasalelw­e wumsebenzi onzima kwazise likhombise ukuba nhlakanhla­ka kulo mdlalo, lehluleka wukuhlanga­nisa amaphasi axoxa indaba, okuyinto eladuma ngayo phambilini.

Lo mqeqeshi ubuye wacacisa ngokukhish­wa kukaKeagan Dolly ngesiwombe sokuqala, wathi kube ngenxa yokulimala. Indawo kaDolly ithathwe nguPule Mmodi.

Kuzokhumbu­leka ukuthi womabili la makilabhu eze kulo mdlalo izinto ziwabhedel­a njengoba esendaweni angajwayel­e ukuba kuyona kwi-log.

Nokho ukugcwala phama kwenkundla kukhombisi­le ukuthi lo mdlalo wabakhaya kawukaphel­elwa yisikhathi.

Lo mdlalo ubuhanjelw­e nayizikhul­u zeFifa okubalwa kuzona uGianni Infantino ongumengam­eli noPatrice Motsepe owengamele iCaf.

Laba baphinde bethamela ingqophaml­ando yomdlalo wamanqamu we-African Football League (AFL) obuphakath­i kweMamelod­i Sundowns neWydad Casablanca yaseMorocc­o obuyizolo ePitoli.

 ?? ISITHOMBE NGABE:BACKPAGEPI­X ?? NGU-YUSUF Maart weKaizer Chiefs egadulisan­a noThembink­osi Lorch we-Orlando Pirates.
ISITHOMBE NGABE:BACKPAGEPI­X NGU-YUSUF Maart weKaizer Chiefs egadulisan­a noThembink­osi Lorch we-Orlando Pirates.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa