Ilanga

OWE-ACTION SA USELUDLULI­SELA KUBAMELI ELOKUNGAKH­ISHWA KOMBIKO "WENKOHLAKA­LO"

- LUCKY CAIN

UVEZE ukuthi useqalile ukuxhumana nabameli bakhe ngodaba oluthinta umbiko weCity Integrity and Investigat­ion Unit (CIIU) mayelana nesivumelw­ano sikaMasipa­la weTheku neNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC), uMnu Zwakele Mncwango, ofuna lo mbiko udedelwe kumakhanse­la ukuze awudingide, bese kuthathwa izinyathel­o.

UMncwango ohola i-Action SA kulesi sifundazwe futhi ohola leli qembu emkhandlwi­ni weTheku uthe uphenyo ngalesi sivumelwan­o seluphothu­liwe, umbiko usudlulise­lwe nakusomlom­o nemenenja kamasipala.

“Esikufunay­o manje, wukuthi udluliselw­e kithina makhansela nasemphaka­thini,” kusho yena.

Phambilini uMncwango waphumela obala, esola inkohlakal­o phakathi kukaMasipa­la weTheku ne-ICC mayelana nengqungqu­thela ye-ANC Women's League, KwaZulu-Natal yokukhetha ubuholi eyabanjelw­a kule ndawo ngoNcwaba (August). UMncwango waveza ukuthi usola inkohlakal­o ngokuqashw­a kwale ndawo njengoba isivumelwa­no esenziwa sasifaka uMasipala weTheku ekubeni wabe ungahlange­ne nayo.

Ngenxa yalezi zinsolo uMncwango ubabele kwiCIIU ukuze iphenye. Ngokusho kukaMncwan­go, lolu phenyo luphothuli­we ngeledlule, sekumele ludedelwe ukuze ludingidwe. “Okubuhlung­u wukuthi abafuni ukudedela umbiko, yingakho sengiqoke ukuthi ngiqale ngibonisan­e nabameli ngenhloso yokuthi sithole ukwelulekw­a ngezinyath­elo okumele sizithathe uma singawutho­li lo mbiko. “Okungikhat­hazayo wukuthi ngesikhath­i ngiveza le nkohlakalo iqembu elibusayo langisola ngamanga nokuthanda ukubukwa, yingakho ngifuna iqiniso lihlale obala ngezinsolo engazenza,” kusho yena. USomlomo kaMasipala weTheku uMnu Thabani Nyawose ukuchithil­e okushiwo nguMncwang­o ngalo mbiko mayelana nokuthi usuphothul­iwe. Uthe lo mbiko usasetshen­zwa, kawukaphot­hulwa.

 ?? ?? NGUMNU Zwakele Mncwango
NGUMNU Zwakele Mncwango

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa