Izwakala iyihlazo eyokuquliswa kukangqongqoshe yinyunyana yothisha iSadtu
MHLELI: Kuzwakala kuyihlazo ukuthi inyunyana yothisha iSadtu, ibivalele uNgqongqoshe wezeMfundo uNkk Mbali Frazer, imqulisa icala lokuthi uhlangane nezimbangi zayo okuyiNatu. Lokhu kuyichilo, kuyizinkomba zokuthi yonke le minyaka ibiwugwamandile uMnyango wezeMfundo KwaZuluNatal.
Umbuzo usekutheni, yini lena eyenza iSadtu izibone ibabaluleke kangaka kunezinye izinyunyana. Ekwenzayo akusethusi ngoba eminyakeni edlule, kwavela ukuthi iwubambe ngobhongwane umyango, wena owabona umbuso weNingizimu Afrika, owawubanjwe umndeni wama-Gupta. Ilawula ukuqashwa kothisha kanjalo nohlelo lwabanyuselwa ezikhundleni, wumnyango
Unobhala wabo akayazi nento eyichilo, uze utshela izwelonke ukuthi baba nesandla ekuqashweni kwakhe, Umbuzo usekutheni, inyunyana yezisebenzi ingena kanjani ezinhlakeni zokuhlengahlengiswa kweminyango kahulumeni ngoba phela bona bamele amalungelo ezisebenzi ezingaphansi kwabo.
Ukhohlwa yinto eyodwa, ukuthi nathi ngisho singebona othisha kodwa siyazi ukuthi ihleleke kanjani iNatu. Sebelibele wukuthi ungqongqoshe kuzwe lonke uNkk Angie Motshega wathini mzukwane ekhalisana nabeNatu, kushone uMnu Allan Thompson.
Wamncoma, wathi kwakumele azilungiselele uma ezokuba nomhlangano naye, ngamanye amagama lokho kwakukhomba ukuthi wayishiya eyincelise kogwansile inyunyana.
Okunye abakukhohlwayo abeSadtu wukuthi thina njengabazali bezingane abazifundisayo, sibabona zikhathi zonke ukuthi uma kukhona abakufuna eminyangweni, bamane bashaye umduvo, izingane zisale dengwane. Okusixakayo wukuthi kwabona kabazethembi ekufundiseni izingane, phela izingane zabo zifunda ezikoleni ezibizwa ngo-Model C, bayakhohlwa ukuthi nathi sinelungelo lokulwela amalungelo ezingane zethu.