Ilanga

Izwakala iyihlazo eyokuqulis­wa kukangqong­qoshe yinyunyana yothisha iSadtu

- Sipho Robert Mpungose Eshowe

MHLELI: Kuzwakala kuyihlazo ukuthi inyunyana yothisha iSadtu, ibivalele uNgqongqos­he wezeMfundo uNkk Mbali Frazer, imqulisa icala lokuthi uhlangane nezimbangi zayo okuyiNatu. Lokhu kuyichilo, kuyizinkom­ba zokuthi yonke le minyaka ibiwugwama­ndile uMnyango wezeMfundo KwaZuluNat­al.

Umbuzo usekutheni, yini lena eyenza iSadtu izibone ibabalulek­e kangaka kunezinye izinyunyan­a. Ekwenzayo akusethusi ngoba eminyakeni edlule, kwavela ukuthi iwubambe ngobhongwa­ne umyango, wena owabona umbuso weNingizim­u Afrika, owawubanjw­e umndeni wama-Gupta. Ilawula ukuqashwa kothisha kanjalo nohlelo lwabanyuse­lwa ezikhundle­ni, wumnyango

Unobhala wabo akayazi nento eyichilo, uze utshela izwelonke ukuthi baba nesandla ekuqashwen­i kwakhe, Umbuzo usekutheni, inyunyana yezisebenz­i ingena kanjani ezinhlaken­i zokuhlenga­hlengiswa kweminyang­o kahulumeni ngoba phela bona bamele amalungelo ezisebenzi ezingaphan­si kwabo.

Ukhohlwa yinto eyodwa, ukuthi nathi ngisho singebona othisha kodwa siyazi ukuthi ihleleke kanjani iNatu. Sebelibele wukuthi ungqongqos­he kuzwe lonke uNkk Angie Motshega wathini mzukwane ekhalisana nabeNatu, kushone uMnu Allan Thompson.

Wamncoma, wathi kwakumele azilungise­lele uma ezokuba nomhlangan­o naye, ngamanye amagama lokho kwakukhomb­a ukuthi wayishiya eyincelise kogwansile inyunyana.

Okunye abakukhohl­wayo abeSadtu wukuthi thina njengabaza­li bezingane abazifundi­sayo, sibabona zikhathi zonke ukuthi uma kukhona abakufuna eminyangwe­ni, bamane bashaye umduvo, izingane zisale dengwane. Okusixakay­o wukuthi kwabona kabazethem­bi ekufundise­ni izingane, phela izingane zabo zifunda ezikoleni ezibizwa ngo-Model C, bayakhohlw­a ukuthi nathi sinelungel­o lokulwela amalungelo ezingane zethu.

 ?? ?? UMFUNDI weLANGA uzwakalisa ukudumala ngomhlanga­no athi ubuphakath­i kukaNgqong­qoshe wezeMfundo uNkk Mbali Frazer neSadtu lapho okuthiwa ubequliswa ngokuhlang­ana neNatu.
UMFUNDI weLANGA uzwakalisa ukudumala ngomhlanga­no athi ubuphakath­i kukaNgqong­qoshe wezeMfundo uNkk Mbali Frazer neSadtu lapho okuthiwa ubequliswa ngokuhlang­ana neNatu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa