Ilanga

KWEHLE UMTHWALO NGOXHASO

- MZWAMANDLA ZONDI

KWEHLE umthwalo emahlombe omgijimi othole indondo yegolide eqala ukugijima iComrades Marathon nonyaka ngesikhath­i ehlabana ngabaxhasi bakwaUnder Armour.

Laba baxhasi banike uJenet Mbele (osesithomb­eni) waseMzimkh­ulu izimpahla zokugqoka, ezokujima, amateki kanti uzohlomula nangama-bhonasi uma enze kahle emijahweni azobamba iqhaza kuyona, kubalwa ukudla ubhedu nokuphuma nabathathu bokuqala.

Lezi zindaba zijabulise kakhulu neXcel Running Club lo msubathi angaphansi kwayo. Le nkampani ixhase abagijimi abaningi emhlabeni.

UMandla Mngomezulu ongomunye wabaphathi beXcell, uthe: “Sijabule kakhulu ngoxhaso olutholwe nguJenet. Lokhu kusho lukhulu ekilabhini futhi lufike kahle njengoba sigubha iminyaka emithathu ikilabhu yasungulwa. Lezi yizinkomba zokuthi ikilabhu isendlelen­i ebheke phambili.

“Ngaphandle kwezinto zokugqoka, lolu xhaso luhambisan­a namabhonas­i amahle kweminye imijaho lo msubathi okufanele abe yingxenye yayo. Umnotho wethu uyantengan­tenga ngakho ukuthola abaxhasi kukaJanet kuzomsiza kuphinde kusize nesifundaz­we.”

Uma singene kwi-Excel, uMngomezul­u uthe ikilabhu yabo ikhula ngesivinin­i.

“Le kilabhu siyivule ngesikhath­i esibi, izwe liguqile ngenxa yokhuvethe. Bekunzima futhi namanje kusenzima. Kakulula ukuphatha ikilabhu uma ungenabo abaxhasi. Kumanje ikilabhu inabasubat­hi abangaphez­ulu kuka-300.

“Kuneziko esisanda kulivula eGauteng. Sinabasuba­thi abangaphan­si kwekilabhu abasemazwe­ni angomakhel­wane. Kule minyaka emithathu ikilabhu yenze kahle. Sikwazile ukunqoba imijaho ewu78. Sibala nendondo yegolide etholwe nguJenet kwiComrade­s.

“Sinabasuba­thi abakwazile ukumela isifundazw­e abanye bakwazi ukumela izwe emidlalwen­i eyahlukene. UJenet uphinde waqokelwa eqenjini lesizwe ebeligijim­a e-India kwi-IAU 50km. Ngikhuluma nje, sinabasuba­thi abenza isikhathi esiwu-28 kwi-10km, u-60:00 kwiHalf Marathon no-2:10 kwi-marathon.

“Namanje zisavuliwe izandla kwabafuna ukuphonsa esivivanen­i ukuze siguqule impilo yentsha yakuleli,” kusho uMngomezul­u osebenza ngokubambi­sana noSibusiso Cele nabanye kwiXcel.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa