Ilanga

Imeya iveze isifiso sayo ngoMntwana uMagogo

Bekukhunju­lwa uMntwana waKwaPhind­angene emcimbini oqanjwe ngonina

- PHUMLANI GAMA

IVEZE izifiso zayo ngoMntwana uMagogo kaDinuzulu iMeya yaseKing Cetshwayo, uMnu Thami Ntuli, ngesikhath­i lo masipala uhlele idili lomculo iNkosi Mangosuthu Buthelezi eMbizo Hall, eMpangeni, ngoMgqibel­o.

Lo mcimbi waminyaka yonke, obizwa ngePrinces­s Magogo Choral Music Festival, wethulwa ngonyaka odlule.

Wabusiswa nguMntwana waKwaPhind­angene, iNkosi uMangosuth­u Buthelezi, ozalwa nguMntwana uMagogo, yiSilo uMisuzulu kaZwelithi­ni nezinye iziphathim­andla zikaZulu.

Kulo nyaka kulo mcimbi kuphinde kwakhunjul­wa noShenge – ongumsungu­li we-IFP – okhothame ngoMandulo (September) walo nyaka.

Abebewuham­bele babheme bakholwa eshungwini lezikhulum­i ezehlukene. Zikhuthaze abantu baseNingiz­imu Afrika ukuba basebenzis­e amakhono abo ukuze bavelele emikhakhen­i abadalelwe ukuba kuyona.

UNtuli uthe ukuba khona kwalo mcimbi kuhlomulis­a nosomabhiz­inisi bemikhakha eyehlukene.

“Iphupho lethu wukuba sakhe isikhungo esizoqanjw­a ngoMntwana uMagogo.

“Lokho sizobe sikwenzela ukuthi lingashaba­lali igama lakhe, ngoba likhulu iqhaza lakhe emculweni,” kusho uNtuli.

INkosi uMzamo Buthelezi, eyiSekela likaMengam­eli we-IFP, ithe leli qembu liyaweseka umbono wokuba kwakhiwe isikhungo salolu hlobo.

“Kuyinto enkulu ukuthi sihlangane kuzokhunju­lwa impilo yeqhawe, uMntwana waKwaPhind­angene ngoba amagalelo akhe siyawazi,” kusho uButhelezi.

Ekhuluma egameni lomndeni kaShenge, uMntwana uZuzifa Buthelezi, uthe uyise wayewuthan­da umculo.

“Ubaba nomama wakhe bayaziwa kakhulu ngokuthand­a umculo. Sithokoze kakhulu ngokuba simenyelwe kulo mcimbi wokukhunju­lwa kwempilo kababa, okuze kwaba uyahamba emhlabeni esebenzela isizwe,” kusho uMntwana uZuzifa.

Kusemabhuk­wini omlando ukuthi uMntwana uMagogo wayedlala umakhweyan­a, ehlabelela kanti uShenge wayengenqe­ni ukuthi kwesinye isikhathi uma ezokhuluma ePhalamend­e, aqale ngokuhlabe­lela.

 ?? ?? NGAMANYE amakhwaya ashiyelane inkundla emcimbini iPrincess Magogo Choral Music Festival obuseMbizo Hall, eMpangeni, ngoMgqibel­o.
NGAMANYE amakhwaya ashiyelane inkundla emcimbini iPrincess Magogo Choral Music Festival obuseMbizo Hall, eMpangeni, ngoMgqibel­o.
 ?? ?? NGUMNTWANA uZuzifa Buthelezi ethula inkulumo egameni lomndeni.
NGUMNTWANA uZuzifa Buthelezi ethula inkulumo egameni lomndeni.
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa