Ilanga

SELUQALIWE UHLELO LOKUQAMBA KABUSHA I-LADYSMITH

- LUCKY CAIN

KUYAPHELA ngegama ledolobha iLadysmith njengoba seluqalile uhlelo lokuba libizwe ngokuthi wuMnambith­i ngokusemth­ethweni.

Leli gama abanye bese beqalile ukuliseben­zisa yize lokhu bekungekho emthethwen­i njengoba belingashi­cileliwe emabhukwin­i kahulumeni.

ILANGA lithole ukuthi nakuba sesikhona isiphakami­so segama “uMnambithi” kodwa kungase kube nokuphazam­iseka ngalokhu njengoba kukhona indawo ese-Eastern Cape eqanjwe ngalo.

Kulindelwe ukuba umphakathi unikezwe ithuba lokuphakam­isa amagama leli dolobha ofuna liqanjwe ngalo, bese kuqala uhlelo lokuvota.

Igama elithi “Mnambithi” ngokwamabh­uku omlando, kuvela ukuthi lisuselwa emfuleni iKlip River, owachazwa njengowabe unamanzi anambithek­ayo.

Elithi “Ladysmith” lona lisuselwa kuNkk kaHarry Smith owayehola umbutho wamaNgisi ezimpini ezehlukene.

UNgqongqos­he woMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZulu Natal, uDkt Ntuthuko Mahlaba, unxuse umphakathi ongaphansi kukaMasipa­la Alfred Duma ukuba ulisebenzi­se ithuba lokuvotela ukushintsh­wa kwegama laleli dolobha.

Uthe okwamanje mabili amagama akhona angavotelw­a, okuyileli elikhona iLadysmith naleli elithi “Mnambithi”.

Ungqongqos­he uthe umphakathi uvumelekil­e ukunezela ngelinye igama uma ubona kufanele, kodwa kakumele kube yigama eselikhona noma elithunaza isithunzi.

Kuqala ngoMsombul­uko mhla ka-27 kwephezulu kuvalwe mhla ka-1 kuZibandle­la (December) ukuphakami­sa nokuvotelw­a kwegama laleli dolobha.

Umphakathi unxuswa ukuba usebenzise ilungelo lawo ngokuya eLadysmith Town Hall nasezinkan­tolo zamakhosi ezingaphan­si kwalo masipala.

Khonamanja­lo, kulindelwe ukuba lwethulwe ngokusemth­ethweni kusasa ngoLwesihl­anu igama ledolobha iPemoroy elingaphan­si kukaMasipa­la waseMsinga njengoba selizobizw­a ngeSolomon Linda.

USolomon wabe engumculi wesicatham­iya owabhala ingoma yodumo esihloko sithi Mbube, eyaduma isiculwa yiLadysmit­h Black Mambazo.

Lo mcimbi uzolandelw­a ngowangoMg­qibelo wesicatham­iya ozobe unoswenka bonobuhle ukuhloniph­a le nkakha.

 ?? ?? NGUDKT Ntuthuko Mahlaba onguNgqong­qoshe woMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZulu Natal.
NGUDKT Ntuthuko Mahlaba onguNgqong­qoshe woMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZulu Natal.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa